1KWA ti kwa ba kona izwi lika Johova kimi lokuti,
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako kulo iJerusalema, u tele izwi kuko okuyingcwele, wazise nga kulo izwe la seIsraeli;
3U tyo kulo izwe la seIsraeli, ukuti, Njalo u tyo uJehova; Bheka mina ngi melene nawe, ngo ti ngi koke inkemba yami esikwameni sayo, ngi nqume kuwe olungileyo nomubi.
4Ngenxa yokuba ngi ya kunquma kuwe olungileyo nomubi, nga loku inkemba yami yo puma esikwameni sayo nga pezu kwenyama yonke ku pume eningizimu ku ye enyakato.
5Ko ti inyama yonke i ya kwazi ukuba mina Jehova ngi kokile inkemba yami esikwameni sayo; i nga yi ku buya futi.
6Kepa wena Ndodana yomuntu, ma u lingoze ngokudabuka kokalo lwako; na ngomunyu wo lingoza emehlweni abo.
7Ku ya kuti uma be tyo kuwe, ukuti, U lingozelani na? lapo wo pendula, Ngembiko ngokuba i ye za; ko ti izinhliziyo zonke zi ncibilike, nezandhla zonke zo dangala, nemimoya yonke yo saba, namadolo onke o guquka amanzi; bheka i ye za, i ya kwenziwa, i tyo iNkosi uJehova.
8Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi lokuti.
9Ndodana yomuntu, yazisa, u tyo ukuti, Njalo u tyo uJehova; Yi tyo ukuti, Inkemba, inkemba i loliwe, i kuhluziwe:
10I lolelwe ukubulala ngokubulala; i loliwe ukuze i be nokukazimula: si ngetaba na? uti lwendodana yami, lu dela imiti yonke.
11U te u yi nikele uku yi kuhluza, ukupata ngesandhla; yona inkemba i loliwe, yona i kuhluziwe uku yi nikezela esandhleni sombulali.
12Kala u lile, Ndodana yomuntu: ngokuba i ya kuba pezu kwabantu bonke, i ya kuba pezu kwezikulu zonke za seIsraeli; zi sa lahlelwa enkembeni kanye nabantu bami, ngako tyaya etangeni lako.
13Ngokuba u ya lingwa, kepa ko ba ini, a u yi ku ba umndeni odelayo futi na? i tyo iNkosi uJehova.
14Kepa wena Ndodana yomuntu, yazisa, u tyaye isandhla pezu kwesandhla, inkemba ma i pindwe okwesitatu, inkemba yabahlatyiweyo; yona i inkemba yabahlatyiweyo abakulu e ba vimbezelayo.
15Ukuze inhliziyo i ncibilike, nezikubekiso zande, ngi bekile ukukazimula kwenkemba nga kuwo onke amasango abo; au! yenziwe i kazimule, i songelwe ukubulala.
16Hlangana ngesokunene, qapela ngesokohlo, lapo ubuso bako bu komba kona.
17Futi minake ngo tyaya isandhla pezu kwesandhla, ngi pumuze intukutelo yami; Mina Jehova ngi tyilo.
18Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
19Wenake Ndodana yomuntu, bhekisa kuwe izindhlela ezimbili, ukuze ku fike inkemba yenkosi ya seBabulona; ezimbili zo puma kulo izwe linye; kepa ma u zenzele indawo, u zenzele esihlokweni sendhlela yomuzi.
20Misa indhlela ukuze inkemba i ze eRabati lamadodana kaAmoni, na kuJuda eJerusalema eli inqaba.
21Ngokuba inkosi ya seBabulona ye ma ngasekuhlukaneni kwendhlela, ngasesihlokweni ezindhleleni ezimbili, ukubula ngokubula; i ya zamazisa imisebe, i buze izitombe, i beke esibindini.
22Kwesokunene sake kwa ba kona ukubula ngeJerusalema, ukubeka izinqama zokubeta, ukukamisa umlomo ngokubanga umsindo, ukupakamisa izwi ngenxokozelo, ukubeka izinqama zokubeta ngasemasangweni, ukuqonga udonga, nokwaka inqaba.
23Ko ti ku be kubo ukubula oku ize emehlweni abo, kubo a ba funga izifungo: kepa yena u kumbuza okubi ukuze ba banjwe.
24Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba nenze ku kunjulwe okubi kwenu, ekubonakaliseni kwezono zenu, zi bonwe izono zenu emisebenzini yonke yenu; ngokuba ni sa kumbula, ni zo banjwa ngesandhla.
25Nawe nkosi ya seIsraeli engcolileyo embi, usuku lwako se lu fikile, esikatini okubi ku nokupela ngaso.
26Njalo i tyo iNkosi uJehova; Susa umshuqulo wetule umcwazi lo a si wo wona, ukupakamisa otobekileyo noku tobisa opakamileyo.
27Ukugumbuqela, ukugumbuqela, ukugumbuqela ngo ku beka; futi loku a ku yi ku ba kona, a ze a fike yena o kwahlula ku kuye; ngo ti ngi m nike kona.
28Kepa wena Ndodana yomuntu, yazisa u tyo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova ngamadodana a seAmoni, na ngehlazo lobo; yityo pela, Inkemba, inkemba ekokiweyo; ngokubulala i kuhluziwe ukuqeda ngenxa yokukazimula.
29Ekuboneni kwako oku ize, ekubuleni kwako oku namanga, uku ku nikela ezintamweni zabahlatywayo ababi, abosuku lwabo se lu fikile, esikatini okubi ku nokupela.
30Yi buyisele esikwameni sayo, Ngo kwahlula endaweni lapo wa dalwa kona, ezweni lokuzalwa kwako.
31Ngo telela pezu kwako intukutelo yami; emlilweni wolaka lwami ngo futa pezu kwako, ngi ku nike esandhleni sabantu aba nolaka, abalumbi bokububisa.
32Wena wo ba ukudhla kuwo umlilo; igazi lako li ya kuba pakati kwezwe; a u yi ku kunjulwa; ngokuba mina Jehova ngi tyilo.