1WA se e ti kimi, Ndodana yomuntu, yima ezinyaweni zako, ngi ya kukuluma nawe.
2Wa ti umoya we za pakati kwami, lapo wa kuluma kimi, wa ngi misa ezinyaweni zami, nga mu zwa yena o wa kuluma kimi.
3Wa ti kimi, Ndodana yomuntu, ngi ya kutuma kubo abantwana ba seIsraeli, kuso isizwe esihlubukayo esi hlubukile kimi: bona noyise babo ba pambukile kimi, ku ze ku be ilona lolusuku.
4Ngokuba ba ngabantwana abalukuni ngobuso aba nqala ngenhliziyo. Ngi ya kutuma kubona; wena u za ku ti kubo, Njalo i tyo iNkosi uJehova.
5Ku ya kuti bona, noma bezwa, noma be yeka, (ngokuba ba yindhlu epambeneyo bona,) bazi impela ukuba umazisi u be kona pakati kwabo.
6Wena Ndodana yomuntu u nga besabi, u nga wesabi namazwi abo, nokuba be ngabahlubukayo nameva kuwe, nokuba u hlezi wena pakati kofezela; u nga wesabe amazwi abo, u ngetuki ngobuso babo, nokuba ba yindhlu epambeneyo.
7Wo kuluma amazwi ami kubona, noma bezwa, noma be yeka; ngokuba ba yindhlu epambeneyo bona.
8Kepa, wena Ndodana yomuntu, yizwa loku e ngi ku kuluma kuwe; u nga bi opambanayo njenga lendhlu epambeneyo: kamisa umlomo wako u dhle loku e ngi ku nikayo.
9Nga se ngi bona, bhekake, isandhla sa tunywa kimi; bhekake, pakati kwaso isongo lencwadi;
10Wa ti wa yeneka pambi kwami; ya lotywa yona ngapambili nangasemva: kwa lotywa kuyo izililo, nokububula, nosizi.