1LAPO kweza kimi abantu abadala ba seIsraeli, ba hlala pambi kwami.
2Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi lokuti.
3Ndodana yomuntu, lababantu ba misile enhliziyweni yabo izitombe zabo, ba bekile isikubekiso sobubi babo ngapambili kobuso babo; nga ngi lalela ku bona ngokunaka na?
4Ngako kuluma ku bona, u tyo kubo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; I lowo muntu wendhlu ya seIsraeli o mise enhliziyweni yake izitombe zake, e bekise isikubekiso sobubi bake ngapambili kobuso bake, e za kuye umazisi; mina Jehova ngo pendula kuye ozayo njengobuningi bezitombe zake.
5Ngenxa yokubamba indhlu ya seIsraeli ngenhliziyo yabo, a ba zihlukanisa kimi bonke ngezitombe zabo.
6Ngako yityo kuyo indhlu ya seIsraeli, ukuti Njalo i tyo iNkosi uJehova; Pendukani ni buye kuzo izitombe zenu; na kuko konke ukunengeka kwenu ma ni pendule ubuso benu.
7Ngokuba i lowo muntu wendhlu ya seIsraeli, no wabafo o ya kuhlala eIsraeli, o hlukana nami, e mise enhliziyweni yake izitombe zake, e beke isikubekiso sobubi bake ngapambili kobuso bake; e ze kuye umazisi ukubuza kuye ngami; mina Jehova ngo pendula kuye ngokwami.
8Ngo ti ngi beke ubuso bami nga kulomuntu, ngi m cite a be umbonelo, nesikulumo, ngi m nqume pakati kwabantu bami; ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova.
9Futi uma umazisi e vuma ukukohliswa nxa e kulumile izwi, mina Jehova ngi m yekile a kohliswe lomazisi; ngi ya kuti ngi beke isandhla sami pezu kwake, ngi m bubise pakati kwabantu bami abaIsraeli.
10Ba ya kutwala icala labo; njengecala lobuzayo, njalo ko ba kona icala lomazisi.
11Ukuze a bendhlu ya seIsraeli ba nga duki futi kuko ukungilandela ba nga zingcolisi futi ngezipambeko zonke zabo; kepa ba ya kuba kimina abantu, ngi ya kuba ku bona uTixo, i tyo iNkosi uJehova.
12Kwa ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova lokuti.
13Ndodana yomuntu, lapo izwe lonile nga kimi ngokukohlisa ngenkohliso, ngo ti ngi beke isandhla sami pezu kwalo, ngi lwapule kulo uqobo lwesinkwa, ngi tume indhlala pezu kwalo, ngi nqume ku lona umuntu nesilwane.
14Noma ku kona pakati kwalo lamadoda amatatu uNoa noDanyeli noJobe, a zo sindisa imipefumlo yawo yodwa ngokulunga kwawo, i tyo iNkosi uJehova.
15Nxa ngi dabulise isilo esibi ezweni, senze li felwe abantwana, li ze li be incitakalo, njengokuba a ka dhluli muntu ngenxa yesilo;
16Noma ku kona pakati kwalo lamadoda amatatu, kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, a ka yi ku sindisa namadodana namadodakazi; wona odwa a ya kusindiswa, kanti izwe lo ba incitakalo.
17Noma mhlaumbe ngi zise inkemba pezu kwelizwe lelo, ngi ti, Nkemba, dabula izwe; ngi ze ngi nqume ku lona umuntu nesilo;
18Noma ku kona pakati kwalo lamadoda amatatu, kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, a ka yi ku sindisa amadodana namadodakazi, kepa wona odwa a ya kusindiswa.
19Noma mhlaumbe ngi tume isifo pezu kwa lelozwe, ngi tele intukutelo yami pezu kwalo ngegazi, ukunquma kulo umuntu nesilwane;
20Uma ku kona pakati kwalo uNoa noDanyeli noJobe, kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, a ba yi ku sindisa nendodana nendodakazi; bona bodwa ba ya kusindisa imipefumlo yabo ngokulunga kwabo.
21Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Kakulu kangakanana! uma ngi tume izahlulo ezine zami ezimbi pezu kweJerusalema, inkemba, nendhlala, nesilo esibi, nesifo ukunquma kulo umuntu nesilwane.
22Kepa bheka ko shiywa kulo ukusinda, bona a ba pumayo, amadodana namadodakazi: bheka a ya kupumela kini; no ti ni bone indhlela yawo, nemisebenzi yawo ni tokoziswe ngako okubi engi ku zisile pezu kweJerusalema, ukuti konke engi ku zisile pezu kwalo.
23Futi wo ni tokozisa lapo ni bona indhlela yawo nemisebenzi yawo; ni ya kuti nazi ukuba a ngenzanga ngeze konke e ngi kwenzile pakati kwalo, i tyo iNkosi uJehova.