1LAPO umoya wa ngi pakamisa, wa ngi zisa kulo isango la sempumalanga lendhlu ka Jehova, eli komba empumalanga: bhekake ngasemnyangweni wesango amadoda a ngamashumi amabili nesihlanu; futi nga bona pakati kwawo uJazania indodana ka Azuri, noPelatia indodana ka Benaia, izikulu zabantu.
2Wa se e ti kimi, Ndodana yomuntu, iwona amadoda a ceba okubi, a qondisa ukuqondisa okubi emzini lo.
3A ti, A ku seduze ukwaka izindhlu na? lo u imbiza, tina si inyama.
4Ngako yazisa nga kuwo, yazisa Ndodana yomuntu;
5Kwa ti umoya kaJehova wa wa pezu kwami, wa ti kimi, yityo ukuti; Njalo u tyo uJehova; Njalo ni tyilo, Ndhlu ya seIsraeli; ngi ya zazi izinkumbulo e zi vuka emimoyeni yenu.
6Nandisile abahlatyiweyo benu emzini lo, ni gcwalisile izindhlela zawo ngabahlatyiweyo.
7Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Abahlatyiweyo benu, e ni ba bekile pakati kwawo, bona ba inyama, wona lomuzi, u i imbiza: kepa ngo ni pumisa pakati kwawo.
8Ni sabile inkemba; kepa ngo zisa inkemba pezu kwenu, i tyo iNkosi uJehova.
9Ku ya kuti ngi ni pumise pakati kwawo; ngi ni nike esandhleni sabafo, futi ngi ya kwenza kini ukwahlulela kwami.
10Ni ya kuwa ngenkemba, ngo nahlula ngaseceleni la seIsraeli: futi ni ya kwazi ukuba ngi nguJehova.
11Lomuzi a u yi ku ba kini imbiza, futi a ni yi ku ba inyama pakati kwawo; eceleni la seIsraeli ngo nahlula.
12Futi ni ya kwazi ukuba ngi nguJehova; e ni nga hambanga emitetweni yami, nokwahlulela kwami a ni kwenzanga; kepa nenzile njengokwahlulela kwezizwe e zi ni zungezayo.
13Kwa tike, ukwazisa kwami uPelatia indodana ka Benaia wa fa. Lapo nga wa ngobuso bami, nga kala ngezwi elikulu, nga ti. Au Nkosi Jehova! u ya kwenza ukuqeda insalo ya seIsraeli na?
14Lapo kwa ba kona izwi lika Jehova kimi lokuti.
15Ndodana yomuntu, abafo wenu, abafo wenu, abantu bezihlobo zako, nendhlu yonke ya seIsraeli impela, ba yilaba a ba tyilo kubo bona aba hlezi eJerusalema, ukuti, Dedani kude kuJehova; ki tina lelilizwe li piwe uku li bamba.
16Ngako yityo ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Noma ngi ba dedisile kude pakati kwezizwe, noma ngi ba hlakazile pakati kwamazwe, noko ngo ba kubona okuyingcwele okuncane emazweni lapo ba ya kuza kona.
17Ngako yityo, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngo ni buta ni pume kubantu, ngi ni hlanganise, ni pume emazweni e ni hlakaziwe kona, ngo ni nika izwe la seIsraeli.
18Ba ya kuti ba ze lapa, ba suse okudeliweyo konke kwawo, nokunengekayo konke kwawo kulo.
19Ngo ti ngi ba nike inhliziyonye, ngi beke umoya omutya pakati kwenu; ngi suse inhliziyo yetye kuyo inyama yabo, ngi ba nike inhliziyo yenyama:
20Ukuze ba hambe emitetweni yami, ba gcine ukwahlulela kwami, ba kwenze; futi ba ya kuba kimina abantu, ngi be kubona uTixo.
21Kepa bona inhliziyo yabo i hamba ngokwenhliziyo yokudeliweyo kwabo, nokunengekayo kwabo; ngo pindisela indhlela yabo pezu kwamakanda abo, i tyo iNkosi uJehova.
22Lapo amakerubi a pakamisa amapiko awo, namasondo ngakuwo; futi ukukazimula kuka Tixo wa seIsraeli ku be pezu kwawo ngapezulu.
23Kwa ti ukukazimula kuka Tixo kwenyukela ku vele kuwo umuzi ngapakati, kwema entabeni e ngasempumalanga komuzi.
24Lapo umoya wa ngi pata wa ngi zisa esibonakalweni nguMoya ka Tixo eKaldea, kubo abokutunjwa; Sa ti isibonakaliso e ngi be ngi si bonile senyuka si deda kimi.
25Nga se ngi kuluma kubo abokutunjwa onke amazwe ka Jehova o wa ngi bonisa wona.