1NA ngokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, benza izivato zenkonzo, ukuba ku konzwe endaweni engcwele, benza nezivato zika Aroni; njengokutyo kuka Jehova kuMosi.
2Wenza iefodi ngegolide, nokuluhlaza, kokububende, nokubomvu, nosheshe olupotiweyo.
3Ba kanda amagaba egolide, ba ncwela izintambo, ukuba zalukwe nokuluhlaza nokububende, nokubomvu, nosheshe, umsebenzi wenyanga yokukwaluka.
4Ba lenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo, la hlanganiswa emacaleni omabili.
5Ibande elifeketisiweyo lokulibopa, ela li kulo, la li kunye nalo, njengomsebenzi walo, igolide, okuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nosheshe olupotiweyo; njengokutyo kuka Jehova kuMosi.
6Ba sebenza amatye amashohamu a lukwe ezisekelweni zegolide, e qotyisiwe okwendandato, e namagama abantwana baka Israeli.
7Wa wa beka ezizibeni zamahlombe zeefodi, a be amatye okukumbuza kwabaka Israeli, njengokutyo kuka Jehova kuMosi.
8Wenza ikoshene ngomsebenzi wenyanga yokwaluka, njengomsebenzi weefodi; ngegolide, nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nosheshe olupotiweyo.
9La li nezinhlangoti ezine ezilinganayo; ba lenza ikoshene li pindwe kabili; ubude balo ba bu ucikicane, nobubanzi balo ba bu ucikicane, la pindwa kabili.
10Ba faka kulo izinhla ezine zamatye; uhla lokuqala lwa lu iodemi, nepiteda, nebarekete;
11Uhla lwesibili lwa lu inofeke, nesafeiro, neyahalomi;
12Uhla lwesitatu lwa lu ilesheme, neshevu, neaklama;
13Uhla lwesine lwa lu itarshishi, ishohamu, neyashefe; alukwa ezisekelweni zegolide ngokufakwa kwawo.
14Amatye a e namagama abantwana baka Israeli, a ishumi nambili e namagama abo, njengokuqotywa kwendandato, ileto li be negama kuzo izizwe ezi ishumi nambili.
15Benza kulo ikoshene amaketanga a njengezintambo, umsebenzi wegolide elihle elalukiweyo.
16Benza izisekelo ezibili zegolide, namasongo amabili egolide; ba faka amasongo omabili emacaleni ekoshene inxa zombili.
17Ba faka amaketanga omabili alukiweyo emasongweni omabili emacaleni ekoshene.
18Imilomo emibili yamaketanga omabili alukiweyo ba i faka ezisekelweni zozibili, ba ku beka ezizibeni zamahlombe zeefodi, ngapambili.
19Benza amasongo amabili ngegolide, ba wa faka emacaleni, ekoshene inxa zombili, ecaleni lalo eli bheka iefodi ngapakati.
20Benza namanye amasongo amabili ngegolide, ba wa faka ezizibeni zozibili zamahlombe zeefodi, pansi, ngapambili, eduze nokuhlangana kwalo, pezu kwebande elifeketisweyo leefodi.
21Ba bopa ikoshene ngamasongo alo emasongweni eefodi ngentambo eluhlaza, ukuba li be pezu kwebande elifeketisiweyo leefodi, ikoshene li nga suki kulo iefodi; njengokutyo kuka Jehova kuMosi.
22Wenza imeili leefodi ngomsebenzi owalukiweyo, ngokuluhlaza kodwa.
23Umlomo wemeili pakati kwalo wa u njengomlomo wetakera, umlomo walowa u nompeto inxa zonke ukuba ku nga dabuka.
24Benza emipetweni yemeili amarimoni ngokuluhlaza, nokububende, nokubomvu okupotiweyo.
25Benza izinsimbi zegolide elihle; ba beka izinsimbi pakati kwamarimoni, empetweni wemeili, inxa zonke pakati kwamarimoni,
26Insimbi nerimoni, insimbi nerimoni, empetweni wemeili inxa zonke, ukuba ku konzwe ngalo.
27Ba benzela oAroni namadodana ake amatuniki ngosheshe, ngomsebenzi owalukiweyo,
28Nesigqoko ngosheshe, nezigqoko ezihle ngosheshe, namabulukwe elineni ngosheshe olupotiweyo,
29Nebande ngosheshe olupotiweyo, nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, umsebenzi womfeketiso.
30Benza umqele wesigqoko esingcwele ngegolide elihle, ba bala kuwo umbalo, njengokuqotywa kwendandato, wokuti, UBUNGCWELE KUJEHOVA.
31Ba faka kuwo intambo yokuluhlaza, ukuba u fakwe pezulu esigqokweni; njengokutyo kuka Jehova kuMosi.
32Njaloke kwa qedwa umsebenzi wonke wetabanekele letente lokuhlangana; abaka Israeli benza njengako konke, uJehova a ku tyoyo kuMosi, benza njalo.
33Ba leta itabanekele kuMosi, itente, nempahla yonke yalo, amakelaspi alo, namapulankwe alo, nezinti zalo, nezinsika zalo, nezisekelo zalo.
34Nesifulelo sezikumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikumba zamatahashi, neveli lokuhonqa,
35Nekesi lomteto, nezinti zalo, nesisibekelo,
36Netebula nezitya zonke zalo, nesinkwa sokubekwa,
37Nekandelabra elihle, namakandela onke alo, amakandela okuhlelwa, nezinto zonke zalo, namafuta ekandelabra,
38Nelati legolide, namafuta okugcoba, nempepo eqoliweyo, neveli lokuhonqa emnyango wetabanekele lokuhlangana,
39Nelati letusi, nekerati lalo letusi, nezinti zalo, nezitya zonke zalo, nelave nesinqe salo,
40Nezilenge zesihonqa, nezinsika zalo, nezisekelo zalo, neveli lokuhonqa esangweni lesihonqa, nezintambo zalo, nezikonkwane zalo, nempahla yonke yenkonzo yetabanekele, yetente lokuhlangana;
41Nezivato zenkonzo zokukonza endaweni engcwele, nezivato zika Aroni umpristi, nezivato zamadodana ake, ukuba ba be abapristi.
42Njengako konke uJehova a ku tyoyo kuMosi, abaka Israeli benza umsebenzi wonke.
43uMosi wa bona umsebenzi wonke, bheka, ba be wenzile njengokutyo kuka Jehova, ba benzile njalo; uMosi wa ba busisa.