1NXA umuntu eba inkabi, noma imvu, a i hlabe, noma a tengise ngayo, ka i koke inkabi ngezinkabi ezi isihlanu, imvu ngezimvu ezine.
2Uma isela li banjwa li fohla, li tyaywe, li fe, igazi a li yi kubizwa ngalo.
3Uma ilanga li pumile pezu kwalo, igazi li ya kubizwa ngalo; li ya kukoka nokukoka; uma li nga naluto, ko tengiswa ngalo ngenxa ya loko eli kwebileyo.
4Uma ku funyanwa eli kwebileyo ku sesandhleni salo, ku sezwa, noma ku inkabi, noma ku imbongolo, noma ku imvu, ka i koke kabili.
5Nxa umuntu e dhla insimu, noma isivine, a zi yeke izinkomo zake, zi dhle ensimini yomunye, ka ku koke ngobuhle bensimu yake na ngobuhle besivine sake.
6Uma ku suka umlilo, u vute emeveni, ku ze kutye nezita zamabele, noma amabele a nga ka vunwa, noma insimu, yena owa u tungelayo umlilo ka ku koke.
7Nxa umuntu e beka imali, noma impahla komunye, ukuba a i londoloze, yebiwa endhlini yake; uma isela li banjwa, a li ku koke kabili.
8Uma isela li nga banjwa; umninindhlu ka letwe kuTixo, ku bonwe ukuba ka si fakanga ini isandhla sake empahleni yomunye.
9Ngamacala onke okona, elenkabi, nelembongolo, nelemvu, nelengubo, nelento elahlekileyo, a tyoyo ngayo omunye, e ti, Le i iyo, a ba fike bobabili necala pambi kuka Tixo; o ya kulahlwa uTixo, ka m kokele omunye kabili.
10Nxa umuntu e beka komunye imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma ku esinye isilwane, ukuba a ku londoloze, uma i fa, noma i limala, noma i tunjwa, ku nga bonwa muntu;
11Konake ko ba isifungo sika Jehova pakati kwabo bobabili, soku ti, ka si fakanga isandhla sake ezinkomeni zomunye; umniniyo ka si vume, a nga i koki.
12Uma yebiwe kuye, ka m kokele umniniyo.
13Uma i detyulwe, ka i lete i be ufakazi, ka nga koki okwa detyulwa.
14Nxa umuntu e tyeleka uto komunye, lu limala, noma lu fa, umninilo e nge ko nalo, ka lu koke impela.
15Uma umninilo e kona nalo ka nga lu koki; uma lwa tyelekwa ngemali, lweza ngemali yalo
16Nxa umuntu e yenga intombi, e nge siyo ingodusi a lale nayo, ka i lobole, i be umkake.
17Uma uyise ala ukumnika yona, ka koke imali e lingene nokulotyolwa kwentombi.
18U nga vumi ukuba isanusi si pile.
19O lala nenkomo ka bulawe nokubulawa.
20O hlabela omunye utixo ngapandhle kuka Jehova yedwa, ka bujiswe.
21U nga katazi owezizwe, u nga m hlupi, ngokuba be ni ngabezizwe ezweni la sEgipite.
22Ni nga hlupi umfelokazi nentandane.
23Uma u ba hlupa, ba kale kimi, ngi ya kuzwa ukukala kwabo.
24Ulaka lwami lu ya kuvuta, ngi ya kunibulala ngenkemba; omkenu ba ya kuba abafelokazi nabantwana benu ba be izintandane.
25Uma u tyeleka imali kubantu bami abampofu aba hlezi nawe, u nga ba patisi okwaba tyeleka ngemali, ni nga bizi inzuzo kubo.
26Uma u tabata ingubo yomuntu, i be isibambiso, wo i buyisela kuye, li nga ka tyoni ilanga.
27Ngokuba le i ukupela kwengubo yake, i isambato somzimba wake; u ya kulala ngani na? ku za kuti, nxa e kala kimi, ngi ya kumuzwa, ngokuba ngi nomusa.
28U nga tuki uTixo, u nga m eisi umbusi wabantu ba kini.
29U nga libali neminikelo yamabele newaini; wo ngi nika izibulo emadodaneni ako.
30Ma wenze njalo na ngezinkomo zako, na ngezimvu zako; li ya kuhlala kunina izinsuku ezi isikombisa; ngolweshiyagalolunye wo ngi nika lona.
31Ni ya kuba abantu bami abangcwele; ni nga dhli inyama e dhliwe izilo endhle; a no i ponsa ezinjeni.