1NGA lolo suku uAhashurosi inkosi wa nikela indhlu ka Hamani isita sabaJuda kuEsetere inkosikazi. uMordekai weza ebusweni benkosi ngokuba uEsetere wa e se tyilo ukuba u yini naye.
2Inkosi ya kumula indandato e be i susile kuHamani ya i nika uMordekai; noEsetere wa m misa uMordekai pezu kwendhlu ka Hamani.
3uEsetere wa buya, wa kuluma futi ebusweni benkosi, wa wa pansi ezinyaweni zayo, wa kala, wa incenga, ukuba i suse ububi buka Hamani umAgagi necebo lake a be e li cebile ngabaJuda.
4Inkosi ya m pakamisela uEsetere intonga yegolide. Njalo uEsetere wasuka we ma ngapambi kwenkosi.
5Wa ti uma ku be kuhle enkosini uma ngi zuzile umusa pambi kwayo, nelizwi li lungile ebusweni bayo nami ngi muhle emehlweni ayo, ma ku balwe ukuba zi buyiselwe izincwadi e za qanjwa uHamani indodana ka Hamedatha umAgagi a zi bala ukuba ku bujiswe abaJuda aba kona emazweni onke enkosi;
6Ngokuba ngi nga ba namandhla kanjani ukubona ububi obu ya kwehlela pezu kwabantu ba kiti na? ngi nga ba namandhla ukubheka ukubujiswa kwa bakiti na?
7Wa ti uAhashurosi inkosi kuye uEsetere inkosikazi na kuye uMordekai umJuda, Bheka ngi nikile uEsetere indhlu ka Hamani ba m panyeka yena emutini ngokuba wa solula isandhla kubaJuda.
8Balelani abaJuda nina njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi ni ku cindezele ngendandato yenkosi; ngokuba loku okwa balwa egameni lenkosi kwa cindezelwa ngendandato yenkosi akuko noyedwa o nga kweqayo.
9Konake abalobi benkosi ba bizwa nga lesosikati ngenyanga yesitatu inyanga e tiwa uSivani ngosuku lwamashumi amabili nantatu lwayo kwa balwa njengako konke uMordekai a ku yalayo kubaJuda nakubabusi nezinduna nabapati bamazwe a be kona, ku suke eIndia ku ze ku fike eKushi amazwe a ikulu namashumi amabili nesikombisa kuwo onke, amazwe ngamazwe, njengokubalwa kwawo, nakubo bonke abantu njengokukuluma kwabo, nakubaJuda njengolimi lwa kubo njengokubala kwabo.
10Wa bala egameni lenkosi uAhashurosi wa ku cindezela ngendandato yenkosi, wa zi tuma izincwadi ngesandhla sezigijimi ezi kwele emahashini nabakweli bezimbongolo namakamelo nezinjomane.
11Zokuba inkosi ya nika abaJuda aba semizini yonke, imizi ngemizi, ukubutanela ndawonye, nokumela ukupila kwabo ukubulala, ukutyaya, nokububisa onke amandhla abantu nelizwe eli ba vukelayo, abancinyane kanye nabafazi, nokudhla impango yabo.
12Ngosuku lunye emazweni onke enkosi uAhashurosi ngosuku lweshumi nantatu lwenyanga yeshumi nambili e inyanga uAdare.
13Ukutyo kwencwadi yomteto o miswayo emazweni onke, amazwe ngamazwe, wa menyezelwa kubo bonke abantu, nakubaJuda a ba be lungele lolu suku ukuzipindisela eziteni zabo.
14Izigijimi eza kwela pezu kwezimbongolo na pezu kwamakamelo za puma, zi tyetyiswa, zi qutywa izwi lenkosi. Umteto wa puma eShushani enqabeni.
15uMordekai wa puma ebusweni benkosi embete ingubo yobukosi, eluhlaza, nemhlope nesigqoko esikulu segolide, nengubo yelineni elibomvu; Inqaba iShushani ya jabula, yenama.
16AbaJuda ba be nokukanya nokujabula nokwenama nodumo.
17Nasemazweni onke, nasemizini yonke lapo izwi lenkosi nomteto wayo kwa fika kona, kwa ba kona kubaJuda, ukujabula, nokwenama, nedili, nosuku oluhle. Nabaningi babantu belizwe ba zenza abaJuda, ngokuba, be kwelwe ukwesaba kwabaJuda.