1NGALOBO busuku ubutongo benkosi be muka kuyo, ya ti ma i letwe incwadi yezikumbuzo zamazwi emihla; yona ya fundwa ebusweni benkosi.
2Kwa funyanwa ku lotywe kona, ukuti uMordekai wa bika ngabo oBigtane noTereshe, izinduna ezimbili zenkosi; abalindi bomnyango; aba funa ukubeka isandhla enkosini uAhashurosi.
3Ya ti inkosi ngenxa yaloku uMordekai wamkelisiwe udumo nobukulu buni na? Izinduna zenkosi eza zi konza kuyo za ti a kenzelwanga luto.
4Ya ti inkosi ubani o kona ebaleni na? Kaloku uHamani wa e se ngenile ebaleni eli nga pandhle kwendhlu yenkosi ukucela enkosini ukuba ku panyekwe uMordekai emutini a be u lungisile yena.
5Izinceku zenkosi za ti kuyo bheka uHamani u mi ebaleni. Ya ti inkosi ma ke a ngene.
6uHamani wa ngena. Inkosi ya ti kuye ku ya kwenziwa ntoni ku lomntu inkosi e tanda ukumdumisa na? Wa ti uHamani enhliziyweni yake mupi umuntu inkosi e tanda ukudunyiswa kwake ngapandhle kwami na?
7uHamani wa ti enkosini umuntu inkosi e tanda ukuba a dunyiswe,
8Ma ba lete ingubo yobukosi; e vatwa inkosi, nehashi inkosi e kwela kulo, nesigqoko sobukosi esi bekwa pezu kwenhloko yayo;
9Ma ku nikwe lengubo, nalelihashi, esandhleni somuntu o wezinduna ezinkulu zenkosi ukuba ku vatiswe lowo muntu inkosi e tanda ukudunyiswa kwake, a ziswe, e kwele pezu kwehashi endhleleni yomuzi, ma ba memeze pambi kwake, ngokuti ma kwenziwe nje kumuntu inkosi e tanda ukumdumisa.
10Inkosi ya ti kaHamani tyetya u tate ingubo nehashi njengokutyo kwako wenze njalo kuMordekai umJuda o hleziyo esangweni lenkosi; ma ku nga puti nalinye izwi kuko konke o ku tyiloyo.
11uHamani wa yi tabata ingubo nehashi wa m vatisa uMordekai wa m kwelisa ehashini esitaladini esibanzi somuzi, kwa menyezwa nga pambi kwake ukuti. Ku ya kwenziwa njalo kumuntu inkosi e tanda ukudunyiswa kwake.
12uMordekai wa buya weza esangweni lenkosi; uHamani wa tyetya wa ya endhlini e dabukile e mboze ikanda lake.
13uHamani wa tyela uZereshi umkake nezihlobo zonke konke o kwa kumehlele. Abahlakanipileyo bake, nomkake ba ti kuye, uma uMordekai u ngo wenzalo yabaJuda nga pambi kwake u su qale ukuwa, a ku sa yi ku ma, u ya kuwa pambi kwake impela.
14Be sa kuluma naye, kweza izinduna zenkosi za tyetyisa uHamani eze edilini uEsetere a be li lungisile.