1KWA ti ngosuku lwesitatu uEsetere wambata ingubo yobukosi wema ebaleni elipakati kwendhlu yenkosi eli bekene nendhlu yenkosi; Inkosi ya be i hlezi pezu kwesihlalo sobukosi esigodhlweni esi bekene nesango lendhlu.
2Kwa ti lapo inkosi i bona uEsetere inkosikazi e mi ebaleni, wa zuza umusa emehlweni ayo; nenkosi ya m pakamisela uEsetere, intonga yegolide e ya i sesandhleni sayo.
3Njalo uEsetere wa sondela wa namata isihloko sentonga. Inkosi ya ti kuye Ku ini kuwe nkosikazi Esetere na? Ukucela kwako ku ini na? U ya kunikwa nokuba ku inxenye yombuso.
4uEsetere wa pendula wa ti, uma ku kuhle enkosini ma i ze inkosi noHamani namhlanje edilini e ngi li lungisele yona.
5Ya ti inkosi tyetyisa uHamani ukuba enze njengezwi lika Esetere. Njalo inkosi noHamani beza edilini uEsetere a be li lungisile.
6Ya kuluma inkosi kuEsetere edilini lewaini ya ti isicelo sako si ini na? U ya kusinikwa, okucelayo ku ini na? Ku ya kwenziwa noma ku inxenye yombuso.
7Wa pendula uEsetere wa ti isicelo sami nomtandazo wami ku ukuti.
8Uma ngi zuzile umusa emehlweni enkosi noma ku lungile enkosini uku ngi pa isicelo sami nokwenza njengokukuleka kwami ma i ze inkosi noHamani edilini e ngi ya ku li lungisela bona nami ngo kwenza ngomso njengokwenhliziyo yenkosi.
9uHamani wa puma e hamba nga lolusuku ngokujabula na ngenhliziyo enhle; kodwa lapo wa m bona uMordekai e sesangweni lenkosi e nga suki e nga tutumeli ngaye kona uHamani wa gcwala ulaka ngenxa ka Mordekai.
10Noko wa zikuza, ekufikeni kwake ekaya wa tumela, wa biza izihlobo zake noZereshi umkake.
11uHamani wa ba tyela ngobukosi bokuceba kwake, nobuningi babantwana bake nako konke inkosi e bi m kulisile ngako; nokuba i m pakamisile pezu kwamakosana nezinduna zonke zenkosi.
12uHamani wa ti, yebo, uEsetere inkosikazi a ka vumanga namunye umuntu a ngene kanye nenkosi edilini a be li lungisile; imina kupela; na ngomso mina ngi bizwe uye futi kanye nenkosi.
13Noko, konke loku a ku lingani naluto kuso sonke isikati e ngi bone ngaso uMordekai e hlezi esangweni lenkosi.
14uZereshi umkake, nabo aba izihlobo zake bonke ba ti kuye, ma kwenziwe umuti ubude bawo ku be izingalo ezi amashumi a isihlanu nawe u kulume enkosini ngomso ukuba uMordekai a panyekwe pezu kwawo wenake u ngene ngokujabula kanye nenkosi edilini. Lelozwi la ba lihle ebusweni buka Hamani, wa wenza umuti.