1UPAULE, umpostoli ka Jesu Kristu, ngentando ka Tixo, kwabangcwele aba seEfesu, na kwabakolwayo.
2A ku be kinina umusa nokutula, oku vela kuTixo uBaba wetu, na seNkosini uJesu Kristu,
3A ka bongwe uTixo, uYise weNkosi yetu uJesu Kristu, o busisile ngaye uKristu ngezibusiso zonke zika Moya eza sezulwini;
4Loku wa si keta ngaye, izwe li nga ka bi ko, ukuba si be ngcwele, si nga bi nacala pambi kwake, ekutandeni;
5Wa si misa si be abantwana ngoJesu Kristu, njengokutanda kwenhliziyo yake,
6Ku ze ku bongwe ubukosi bomusa wake, a si pile wona ngesihle, ngaye otandiweyo.
7Esi nokuhlengwa ngaye ngegazi lake, ukutetelelwa izono, njengokuvama komusa wake;
8A u vume kitina ngako konke ukuhlakanipa nokuqonda;
9E sazisa imfihlo yentando yake, njengokutanda kwake, a ku misayo yena ngokwake:
10E ku misela ukuhlelwa kokupelela kwezikati, ukuba a zi hlanganisele ndawonye kuKristu izinto zonke, ezi sezulwini nezi semhlabeni; kuyena,
11Esabelwe ngaye, si misiwe ngecebo lowenzayo konke njengokutanda kwenhliziyo yake;
12Ukuba si be ukubongwa kobukosi bake, tina esandulela ukwetemba kuKristu;
13E se ni koliwe uye nani, qede ni zwe izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu; se ni koliwe uye nani, na bekwa upau ngaye uMoya o ingcwele o tyiwoyo,
14O isibambiso, sefa letu, ku be ukuhlengwa okuzuziweyo, ku ze ku bongwe ubukosi bake.
15Ngakoke nami, ngi zwile ukwetemba kwenu eNkosini uJesu, nokutanda kwenu, eni ba tanda ngako abangcwele bonke;
16A ngi yeki ukubonga ngani, ngi ni pata ekukulekeni kwami;
17Ukuba uTixo weNkosi yetu uJesu Kristu, uYise wobukosi, a ni pe umoya wokuhlakanipa nokwambula ngokumazisisa;
18A kanyiswe amehlo okuqonda kwenu, ni ze nazi ukuba li ini itemba lokubiza kwake, nokuba u ini umcebo wobukosi befa lake kwabangcwele,
19Nokuba bu ini ubukulu obudhlulayo bamandhla ake kitina esikolwayo, njengomsebenzi wamandhla ake amakulu.
20A wenzayo kuKristu, e m vusa kwabafileyo, wa m beka ngakwesokunene sake ezulwini,
21Pezu kwayo yonke imibuso, namandhla, nobukulu, nobukosi, namagama onke a kulunywayo, a ngi tyo ku lelizwe lodwa, ngi tyo na kwelizayo;
22Wa ku hlela konke pansi kwezinyawo zake, wa m enza inhloko pezu kwako konke ebandhleni,
23Eli umzimba wake, ukupelela kopelelisayo izinto zonke ezintweni zonke.