1LOKU konke nga ku qonda enhliziyweni yami ukuba ngi kwazi konke loku: ukuti abalungileyo nabahlakanipileyo nemisebenzi yabo ba sesandhleni sika Tixo: amuko umuntu o lwaziyo utando, nenzondo kuko konke oku pambi kwake.
2Konke kwehla ngokufanayo kubo bonke; isabelo sinye kubo bonke: kwaba qoto na kwababi kolungileyo nomhlope na ko ngcolileyo kuye o nikela umnikelo na kuye o nga nikeliyo olungileyo njengesoni nofungayo njengosabayo isifungo.
3Loku ububi pakati kwenzinto zonke ezenziweyo pansi kwelanga, ukuba isabelo sinye kubo bonke yebo inhliziyo yamadodana abantu i gcwele ububi: ukuhlanya ku kona enhliziyweni yabo be sa pila, ngasemva kwaloku ba ya ekufeni.
4Ngokuba ku kona itemba kuye o hlangene nako konke okupilayo: inja e pilayo inhle ku nebubesi eli fileyo.
5Abapilayo ba yazi ukuti ba za kufa, kodwa abafileyo abazi luto a ba yi ku ba namvuzo, ngokuba ukukunjulwa kwabo se ku kohlekile.
6Se kupele utando lwabo, nenzondo yabo, nomona wabo, a ba se nako ukwabelwa nakanye ezintweni ezenziweyo pansi kwelanga.
7Hambake u dhle isinkwa sako ngokujabula u puze iwaini lako ngenhliziyo eyenamileyo ngokuba kaloku uTixo u ya vuma imisebenzi yako.
8Izivato zako ma zi be mhlope njalo nenhloko yako ma i nga sweli amafuta.
9Hlala ngokwenama nomkako o m tandayo zonke izinsuku zokupila oku ize a ku nikele zona pansi kwelanga, izinsuku zonke zeze zako. Loku ku isabelo sako, ku loku kupila na semsebenzini wako owenzayo pansi kwelanga.
10Konke isandhla sako e si ku fumanayo kwenze ngamandhla ako, ngokuba ku ngeko umsebenzi, necebo, nokwazi nokuhlakanipa, etuneni lapo u ya kona.
11Nga buya, nga bona, pansi kwelanga ukuba ijubane aliko kwabagijimayo, nokulwa kwaba namandhla, nesinkwa kwabahlakanipileyo nengcebo kwaba nokuqonda, nomusa kwaba nobuqili, kodwa bonke behlelwa isikati nenhlanhla.
12Ngokuba umuntu e nga sazi isikati sake, njengezinhlanzi ezi badjwa eneteni elibi na njengezinyoni ezi bambeka esifwini; ku njalo amadodana a ka Adamu a ya badjwa uma li fika ihora elibi kubo ngokubazuma.
13Lokukuhlakanipa futi ngi ku bonile pansi kwelanga kwaba kukulu kimina.
14Kwa ku kona umuzana nabantu a ba incozana ba be kona pakati kwawo, kweza inkosi enkulu kuwo ya wu vimbezela ya zaka izindonga ezinkulu kuwo.
15Kaloku kwa funyanwa kuwo umuntu ompofu ohlakanipileyo. Lomuntu ngokuhlakanipa kwake wa kulula umuzi noko a kwa ba ko mntu o wa m kumbulayo.
16Konake nga ti ukuhlakanipa kuhle ku namandhla kodwa ukuhlakanipa kwa lompofu ku delelekile namazwi ake a ke zwakali.
17Amazwi abahlakanipileyo e zwakala ekutuleni ku nokumemeza kwake o busa pakati kweziula.
18Impela ukuhlakanipa kuhle ku nezikali zokulwa kepa isoni sisinye, sonakalisa okuhle okuningi.