1IGAMA elihle li lungile ku namafuta amnandi; nosuku lokufa ku nosuku lokuzalwa lwake.
2Kuhle, ukuya endhlini yokulila ku nokuya endhlini yokudhla: Loku ku ukupela kwabantu bonke, nopilileyo u ya kukubeka enhliziyweni yake.
3Ukudabuka kuhle ku nokuhleka ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo i ya lungiswa.
4Inhliziyo yolungileyo i sendhlini yokulila kodwa inhliziyo yeziula i sendhlini yokwenama.
5Ku lungile kumuntu ukuzwa ukululeka kohlakanipileyo ku nokuba e zwe ukuhlabelela kweziula.
6Njengokucacamba kwameva e pansi kwekanzi ku njalo nokuhleka kweziula. Naloku ku ize.
7Impela ukusindezelwa ku ya m hlanyisa o hlakanipileyo nesipo si yonakalisa inhliziyo.
8Ukupela kwento kuhle ku nokuqala kwayo nobekezelayo enhliziyweni ku noziqenyayo enhliziyweni.
9U nga tyetyi ukutukutela enhliziyweni yako ngokuba ulaka lu hlala esifubeni seziula.
10U nga tyo, ku ngani ukuba imihla yokuqala ya i imihle ku na le na? ngokuba a u buzi ngokuhlakanipa kuloku.
11Ukuhlakanipa ku lungile ku kanye nefa; ba nenzuzo aba bona ilanga ngako.
12Umtunzi wokuhlakanipa u njengomtunzi wemali: kodwa ukuhlakanipa okudhlulileyo, ngokuba ukuhlakanipa ku nika ukupila kwa ba nako.
13Qonda umsebenzi ka Tixo, ngokuba ubani o ngelula loku a ku gobisileyo na?
14Ngosuku lwenhlanhla jabula kodwa ngosuku lokuhlupeka u qonde uTixo u pam anisile omunye nomunye ukuba umuntu a nga fumani into ngasemva kwake.
15Ngi bonile okuningi ezinsukwini zami zeze: u kona olungileyo obubelayo ekulungeni kwake, u kona nongalungile okwenezela ukupila kwake ebubini bake.
16U nga zenzi olungileyo kakulu, futi u nga zenzi o hlakanipileyo kakulu ini ukuba u zibubise na?
17U nga zenzi omubi kakulu, futi u nga zenzi isiula, ini ukuba u fe ku nga ka bi isikati sako na?
18Kuhle ukuba u ku bambisise loku! yebo, u nga si buyisi isandhla sako kuko: ngokuba yena o mesabayo uTixo u ya kupepa kuko konke.
19Ukuhlakanipa ku ya m qinisa ohlakanipileyo ku nawo amaqawe a ishumi a semuzini.
20Impela amuko emhlabeni olungileyo owenza ukulunga o ngoniyo.
21U nga laleli amazwi onke a kulunywayo funa u zwe inceku yako i ku tuka.
22Ngokuba neyako inhliziyo i yazi ukuba nawe u ba tukile abanye abaningi.
23Konke loku ngi ku hlolile ngokuhlakanipa: Nga ti ngi ya ku hlakanipa kodwa kwa ba kude nami.
24Loku oku kude, nokujulileyo kakulu ubani o nga ku fumanayo na?
25Nga buya nga fudumeza inhliziyo yami ukufunda, nokuhlola, nokufunisisa ukuhlakanipa, nengqondo, ukwazi isono nobuula nobupukupuku nokuhlanya.
26Nga za nga fumana okubabayo ku nokufa umfazi onhliziyo yake i zi tiya i nemigibe: nezandhla zake zi izibopo: O tokozisa uTixo wo sinda kuye kanti isoni si ya ku banjwa uye.
27Bheka loko ngi ku fumene u tyo umshumayeli ngi linganisa into inye nga inye ukuze ngi fumane iqiniso.
28Loko umpefumlo wami u sa ku funa kodwa a ngi fumani: indoda inye pakati kwenkulungwane e ngi i fumeneyo kodwa umfazi a ngi m fumananga pakati kwabo bonke.
29Bhekake, loko ngi ku fumene kupela, ukuti uTixo wa menza umuntu a lunge kodwa bona ba funile amacebo amaningi.