1KUKO konke ku kona isikati, nomzuzu, emisebenzini yonke pansi kwezulu.
2Si kona isikati sokuzalwa, nesikati sokufa; isikati sokutyala, nesikati sokusipula loko okutyaliweyo:
3Isikati sokubulala, nesikati sokupilisa, isikati sokucita, nesikati sokwaka;
4Isikati sokukala, nesikati sokuhleka; isikati sokulila, nesikati sokusina:
5Isikati sokuhlakaza amatye, nesikati sokuwabuta amatye; isikati sokugona; nesikati sokungagoni:
6Isikati sokufuna, nesikati sokulahla; isikati sokugcina: nesikati sokudela,
7Isikati sokuhxebula, nesikati sokutunga, isikati sokutula, nesikati sokukuluma;
8Isikati sokutanda, nesikati sokuzonda, isikati sokulwa, nesikati sokutula.
9U zuzani osebenzayo kuko a zama ngako?
10Ngi bonile umsebenzi uTixo a u nike abantwana babantu ukuba ba sebenze kuwo.
11U kwenzile konke ku be kuhle esikatini sako u misile okupakade ezinhliyweni zabo kanjalo amuko umuntu o nga qondisisa umsebenzi o wenziwa uTixo, kwa sekuqaleni ku ze ku be sekupeleni.
12Ngi yazi akuko buhle kuko kupela ukwenama nokwenza okuhle ekupileni.
13Futi nokuba abantu bonke ba dhle, ba puze bezwe ubumnandi bomsebenzi wonke wabo; ku isipo sika Tixo.
14Ngi yazi loku a kwenzayo uTixo ko ba ko ku ze ku be pakade. A ku nge nezelelwe luto kuko a ku nge suswe luto kuko uTixo u ya kwenza loku ukuba abantu besabe pambi kwake.
15Loko o kwa ku kona, ku se kona na kaloku, naloko o ku za ba ko kade kwa ba kona: uTixo u funa o ku dhlulileyo.
16Futi nga bheka pansi kwelanga indawo yokwahlulela, kwa ku kona e yobubi ne yokulunga, kwa ku kona isono.
17Nga ti enhliziyweni yami uTixo u ya ku ba hlulela abalungileyo nabangalungile, ngokuba si kona isikati esimisiweyo sokucabanga konke, nesomsebenzi wonke.
18Nga ti enhliziyweni yami ngokuhlala kwamadodana ka Adamu, uTixo a nga bazisa ukuba ba zibone ukuba ba izilwane.
19Ngokuba loko okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane into inye i kwehlela kokobili njengokuba be buba zi ya buba nazo, yebo umpefumlo munye, kuko konke, ngako umuntu a ka si dhluli isilwane ngokuba konke ku ize.
20Konke ku ya ndawonye, konke ku umhlabati ku ya kubuyela emhlabatini.
21Ubani o waziyo umoya womuntu o wenyukela pezulu na? Nowesilwane o wehlela pansi emhlabatini na?
22Ngaloko ngi ya bona akuko okuhle kunokuba umuntu ename emisebenzini yake, loku ku isabelo sake; ngokuba ubani o ya ku mazisa loku oku ya ku ba kona emva kwake na?