1AMAZWI omshumayeli, indodana ka Davida, inkosi eJerusalema.
2Ize leze, u tyo, umshumayeli; ize leze konke ku ize.
3Ku inzuzoni kumuntu emsebenzini wonke wake a u sebenzayo pansi kwelanga na?
4Isizukulwane si ya dhlula ku vele esinye isizukulwane, kodwa umhlaba u mi pakade.
5Ilanga li ya puma, ilanga li tyone, li tyetye li ye endaweni lapa li vela kona.
6Umoya u ya ngaseningizimu, u buye u ye ngasenyakato, umoya u ya zungeza njalo u buye u penduke futi njengokuzungeza kwawo.
7Imifula yonke i ya ngena elwandhle noko ulwandhle a lu gcwali endaweni lapa imifula i vela kona i buyela kona futi.
8Konke ku ya kataza, umuntu a nge ku kulume; iso a lesuti ngokubona nendhlebe a i gcwali ngokuzwa.
9Okwa ke kwa ba kona ko ba kona futi nokwa ke kwenziwa ku ya kwenziwa futi. Akuko oktya pansi kwelanga.
10I kona into oku nga tyiwo ngayo bheka intya! Kwa ku kona na sendulo, ngesikati e sa si nga pambili kwetu.
11Akuko ukukunjulwa kwezinto e za zi pambili, akuko ukukunjulwa kwezinto ezizayo ku bona, a ba ya ku vela:
12Mina, mshumayeli nga ngi inkosi pezu kwabaIsraeli eJerusalema.
13Nga nika inhliziyo yami ukufuna nokuhlola ngokuhlakanipa, konkeokwenziwa pansi kwezulu, lomsebenzi o nosizi uTixo u wu nikile kumadodana abantu ukuba ba hlupeke ngawo.
14Ngi bonile imisebenzi yonke e yenziwa pansi kwelanga; bhekake konke ku ize, inkatazo yenhliziyo.
15Loku, oku isigwegwe ku ngenziwe ku qonde ku ti ntse; nokungeko ku nge balwe.
16Nga kuluma nenhliziyo yami nga ti, bheka, ngi kulile, ngi hlakanipile ku nabo bonke aba be ngapambili kwami eJerusalema: yebo, inhliziyo yami ya ba nokwazi kokuhlakanipa nokuqonda.
17Nga nikela inhliziyo yami ekwazini ukuhlakanipa, na sekwazini ukungahlakanipi nobuula: Ngezwa ukuba na loku ku inkatazo yenhliziyo.
18Ngokuba ku kona usizi oluningi ekuhlakanipeni okuningi: naye okwandisisayo ukuhlakanipa wandisa ukudabuka.