1BEKANI indhlebe, nina mazulu ngi ya kukuluma; u zwe nawe mhlaba, amazwi omlomo wami.
2Indaba yami i ya kuconsa njengemvula, nenkulumo yami i ya kuhlala njengombete, njengomkemezelo emitini emincane na njengezihlambi otyanini.
3Ngokuba ngi ya kulibonga igama lika Jehova; nikani ubukulu kuTixo wetu.
4U itye, umsebenzi wake u pelele, ngokuba zonke izindhlela zake zi lungile uTixo weqiniso o nge naso isono, u lungile u pelele yena.
5Ba zonile, ibala labo a silo ibala labantwana bake; ba isizukulwana esipambeneyo nesisontekileyo.
6Ni pindisa uJehova ka nje na? nina bantu aba iziula naba nga qondile? a siye uyise wenu o ni tengileyo na? a ka nenzanga, wa ni misa na?
7Kumbula izinsuku za kuqala, kumbula iminyaka yemindeni eminingi; buzani kuyihlo, u ya kunikombisa, nezikulu zenu, zi ya kunityela.
8Lapo O pezu konke e dabulela izizwe ifa lazo, lapo a hlukanisa amadodana ka Adamu, wa misa imikaulo yabantu njengobuningi babantwana baka Israeli.
9Ngokuba inxenye ka Jehova i ngabantu bake; uJakobe u isizwe sefa lake.
10Wa m tola ezweni eli ubala, na sehlane eli ize elesabekayo; wa m hola, wa m fundisa, wa m gcina njengendhlamvu yeso lake.
11Njengokozi lu hlakaza isidhleke salo, lu hlale pezu kwamazinyane alo, lwenabise amapiko alo, lu wa tate, lu wa twale emapikweni alo.
12Wa holwa uJehova yedwa, a kwa bako uTixo o ngaziwayo kuye.
13Wa m kwelisa ezindaweni ezipakemeyo zomhlaba, ukuba a dhle izitelo zamasimu wa m muncisa izinyosi etyeni, namafuta etyeni lensimbi;
14Amafuta ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafuta amacwane, nezimpongo zohlobo lwa seBashani, nezimbuzi kanye namafuta ka kolweni omuhle, wa puza negazi elipeleleyo lezinhlamvu zevini.
15Kodwa uJeshuruni wa kulupala wa kaba; u su kulupele, u su zimukile, u sibekelwe amafuta; konake wa m lahla uJehova o wa menzayo netye lokupila kwake la ba ize kuye.
16Ba m vusela umona ngezitixo ezi ngaziwayo, na ngezinengiso ba vusa ulaka lwake.
17Ba hlabela amademoni, a nge siye uTixo; ezitixweni a ba be nga zazi, ezitixweni ezitya, ezi sandu ku vela, e za zi ngesatywa oyihlo benu.
18A u sa cabangi ngetye ela kwenzayo, u kohliwe uTixo o wa ku bumbayo;
19Lapo uJehova wa ku bona loku, wa ku zonda ngenxa yokucunula kwamadodana ake, namadodakazi ake.
20Wa ti, ngi ya kuba fihlela ubuso bami, ngi ya kubona ukugcina kwabo; ngokuba ba isizukulwana esipambukayo, abantwana a ba nge nayo inkolo.
21Ba ngi vusele umona ngoku nge siko uTixo; ba ngi vusele ulaka ngeze labo; ngi ya kubenza ba be nomona ngaba nge sibo abantu; ngi ya kuvusa ulaka lwabo ngesizwe esi isiula.
22Ngokuba u penjiwe umlilo olakeni lwami, u ya kutya esihogweni, u qede umhlaba ngokwanda kwawo, u tyise iziqu zezintaba.
23Ngi ya kubutela izinhlupeko pezu kwabo; ngi qedele imicibityelo yami pezu kwabo.
24Ba ya kutyiswa indhlala, ba qedwe ukufudumala okuvutayo, na ngokufa okulukuni, ngi ya kutuma futi amazinyo ezilwane kubo, nesihlungu sezinyoka zotuli.
25Inkemba ngapandhle, nokwesaba pakati, i ya kuibulala insizwa kanye nentombi, noncelayo kanye nempunga.
26Nga ti, ngi ya kubacita impela nokubacita, ngenze ukukunjulwa kwabo ku pele ebantwini.
27Uma be ngi nge sabi intukutelo yesita, funa abapambene nabo benze kabi, ba ti, isandhla setu esi pakemeyo a siye uJehova o wenzileyo konke loku;
28Ngokuba ba isizwe esi nge nayo ingqondo, akuko ukuhlakanipa kubo.
29Kungati nga be hlakanipile, ba kuzwe loku, ukuba ba cabange ngokugcina kwabo,
30Kona ku ngati e munye a xotye inkulungwane, nababili ba xotye izinkulungwane ezi ishumi, ku ngokuba itye labo li tengisile ngabo noJehova e ba delile?
31Ngokuba itye labo a li njengetye letu, nezita zetu zi abahluli.
32Ngokuba isivini sabo esa seSodomu nesamasimu a seGomora; izinhlamvu zabo zi izinhlamvu zenyongo, nezihleke zabo zi munyu;
33Isivini sabo si isihlungu sengwenya nenyongo e babayo yebululu.
34Loku a ku hlalele mina, ku valelwe ezindhlini zengcebo yami na?
35Okwami ukupindisela, nokuvuza, unyawo lwabo lu ya kutyelela ngesikati salo; ngokuba usuku lokuhlupeka lwabo se lu fikile, izinto ezi ya kubehlela zi tyetye.
36Ngokuba uJehova u ya kwahlula abantu bake, a dabukele izinceku zake, lapo e bona amandhla abo e se pelile, kungeko namunye wabo o valelweyo, no shiyiweyo.
37U ya kuti, Zipi izitixo zabo na? itye a ba be li temba na?
38A ba bedhla ukunona kweminikelo yabo, be puza iwaini leminikelo yabo yokupuza? Ma ba suke ba ni size, ba be isivikelo senu.
39Bheka manje ukuba imina, mina impela ngi uguye, akako omunye utixo ngapandhle kwami; ngi ya bulala, ngi pilise, ngi ya limaza, ngi polise, akako namunye o nga kululayo esandhleni sami.
40Ngokuba ngi pakamisela isandhla sami ezulwini, ngi ti, ngi pilile ungunapakade.
41Uma ngi ya i lola inkemba yami ekanyayo, nesandhla sami si bambelela ukwahlula ngi ya kuzihlupa izita zami, ngi pindise kwaba ngi zondayo.
42Ngi ya kwenza imicibityelo yami i dakwe igazi, inkemba yami i ya kudhla inyama negazi lababuleweyo, nelabatunjwayo, ekuqaleni kokupindisela eziteni.
43Jabulani, zizwe, nina bantu bake; ngokuba u ya kulipindisela igazi lezinceku zake, a hlupe izita zake, a be nomusa ezweni lake, na kubantu bake.
44uMosi weza wa kuluma onke amazwi a lesisihlabelelo ezindhlebeni zabantu, yena, noJoshua indodana ka Nuni.
45uMosi wa gcina ukukuluma onke lawa mazwi, kubo bonke abakwa Israeli.
46Wa ti kubona, Qiniselani izinhliziyo zenu emazwini onke engi wa tyoyo kini namuhla, eni ya ku wa yaleza abantwana benu ukuba ba wenze, onke amazwi a lomteto.
47Ngokuba a ku siyo into e ize kinina; ngokuba ku ukupila kwenu; ngalelizwi ni ya kuzandisa izinsuku zenu ezweni, eni ya ku li fuya pesheya kweJordani.
48uJehova wa kuluma kuMosi ngalolosuku, wa ti,
49Kupuka u ye kulentaba Abarimu, iNebo, eli sezweni lase Moabi, eli nga seJeriko; u buke izwe lase Kenani, e ngi li nika abantwana baka Israeli ukuba ba li fuye;
50U fe ku leyontaba o i kupukayo, welekelwe kubantu ba kini njengokuba uAroni umfo wenu wa fa entabeni iHori, welekwa kubantu ba kubo.
51Ngokuba wa ngona kubantwana baka Israeli emanzini a seMeriba-Kadeshi, ehlane laseZini; ngokuba a ni ngahlukanisanga pakati kwabantwana ba ka Israeli.
52U ya kulibona izwe ngapambi kwako; kodwa a u yi kuya kona wena, ezweni engi li nika abantwana baka Israeli.