1KO ti, lapo se ni fikelwe ilezizinto zonke, isibusiso, nesiqalekiso engi zi bekileyo ngapambi kwako, u ya kuzikumbula ezizweni zonke lapo u xotyelwe kona uJehova uTixo wako.
2U buyele kuJehova uTixo wako, u li lalele izwi lake njengako konke engi ku yala ngako namuhla, wena, nabantwana bako, ngayo yonke inhliziyo yako, na ngawo wonke umpefumulo wako.
3Konake uJehova uTixo wako u ya kupendula ubugqili bako, a ku baukele, a buye a ku bute ezizweni zonke, lapo ni hlakazelwe kona uJehova uTixo wako.
4Uma e kona kinina o xotyelwe kude kakulu nezwe, na lapo uJehova uTixo wako u ya kukubuta, na kona lapo u ya kukutata.
5uJehova uTixo wako u ya kukubuyisela ezweni e la li fuyiwe oyihlo benu, u li fuye; u ya kukusiza, akwandise ngapezu kwa oyihlo.
6uJehova uTixo wako u ya kusoka inhliziyo yako, nenhliziyo yenzalo yako uku m tanda uJehova uTixo wako, ngenhliziyo yonke yako, na ngompefumulo wonke wako, ukuba u pile.
7uJehova uTixo wako u ya kubeka zonke lezi ziqalekiso pezu kwezita zako, na kwaba ku zondayo, a ba be ku hlupa.
8U ya kubuya, u li lalele izwi lika Jehova, u zenze zonke izimemezelo zake engi ku yala ngazo namuhla.
9uJehova uTixo wako u ya kukwandisa emisebenzini yonke yezandhla zako, nenzalo yomzimba wako na senzalweni yezinkomo zako, nasezitelweni zezwe lako, ukuba ku lunge; ngokuba uJehova u ya kujabula ngawe ngokuhle, njengokuba wa jabula nga oyihlo.
10Uma u ya li lalela izwi lika Jehova uTixo wako, uku zigcina izimemezelo zake, nemiteto yake elotyiweyo kulencwadi yomteto, uma u pendukela kuJehova uTixo wako, ngenhliziyo yonke yako, na ngompefumulo wonke wako.
11Ngokuba lesi simemezelo e ngi ku yala ngaso namuhla, a si mangaleki a siko kude.
12A siko ezulwini, ukuba u ti, Ubani o ya ku si kupukela ezulwini, a si letele sona, ukuba si si zwe, si senze?
13A siko ngapesheya kolwandhle, ukuba u ti, Ubani o ya ku si welela ulwandhle, a si letele sona, si si zwe, si senze?
14Kodwa izwi li seduze nawe, emlonyeni wako, nasenhliziyweni yako, ukuze u lenze.
15Bheka, ngi bekile ngapambi kwako namuhla, ukupila, nokulunga, ukufa, nobubi;
16Ngaloko ngi ya kuyala namuhla, uku m tanda uJehova uTixo wako, ukuhamba ngezindhlela zake, nokugcina izimemezelo zake, nemiteto yake, nokwahlulela kwake, ukuze u pile wande; uJehova uTixo u ya kukubusisa ezweni oya kulo ukulifuya.
17Kodwa uma inhliziyo yako i penduka, ukuba u ngezwa, u donswe abanye, u konze ezinye izitixo, u zi dumise;
18Ngi ya kutyelisisa namuhla, ukuba u ya kububa impela, nokuba a zi yi kwanda izinsuku zako ezweni, o wela iJordani ukuya kulifuya;
19Ngi ya biza izulu nomhlaba uku ngi fakazela namuhla ngawe, ukuba ngi bekile ngapambi kwako ukupila, nokububa, isibusiso, nesiqalekiso; ngako keta ukupila, ukuba wena, nenzalo yako, ni pile.
20Ukuba u m tande uJehova uTixo wako nokuba u li lalele izwi lake, nokuba u namatele kuye, ngokuba yena u ngukupila kwako, nobude bezinsuku zako, ukuze u hlale ezweni ela fungelwe koyihlo benu uJehova, uAbrahama, noIsaka, noJakobe, ukubapa lona.