1SA pendukake, sa kupukela eBashane; uHogi inkosi yase Bashane wa si hlasela, yena nabantu bonke bake, ukulwa nati eEdrei.
2uJehova wa ti kimi, ni nga mesabi; ngokuba ngi ya kumnikela nabantu bonke bake, nezwe lake, ezandhleni zenu; ni ya kwenza kuye njengokwenza kwenu kuSihoni inkosi yamaAmori, e ya i hlezi eHeshbone.
3uJehova uTixo wetu wa si nikela futi uHogi, inkosi yase Bashane, nabantu bonke bake; sa ba bulala bonke, a kwa sala namunye umuntu kuyena.
4Na ngalesosikati sa tata yonke imizi yake, a kwa sala namunye umuzi kwe amashumi a isitupa, yonke indawo yase Argobe, umbuso kaHogi eBashane.
5Yonke lemizi ya i biyelwe ngezingange ezinde, namasango, nezibonda; ngapandhle kwemizana eminingi kakulu e ya i nge nazo izingange.
6Sa i cita impela, njengokwenza kwetu kuSihoni inkosi yase Heshbone, sa cita amadoda, nabesifazana, nabantwana, kuyo yonke imizi.
7Kodwa izinkomo nempango yemizi, sa i tata kwa ba impango yetu.
8Na ngalesosikati sa tata ezandhleni zamakosi amabili amaAmori, izwe e la li nganeno kweJordani, li suka emfuleni wa se Arnoni, li ze li fike entabeni iHermone.
9(E li bizwa amaZidonia, ngokuti iSirione, namaAmori a li biza ngokuti iShenire.)
10Yonke imizi yetafa, nalo lonke iGiladi, nalo lonke iBashane, ku ze ku fike eSalka, neEdrei, imizi yombuso kaHogi, eBashane.
11Ngokuba kwa ku sele uHogi inkosi yase Bashane kupela, ensalweni yeziqwaga, bheka umbede wake kwa ku umbede wensimbi; awuko kanti eRabbate kubantwana baka Ammoni? ubude bawo ba bu amakubiti a ishishiyagalolunye, namakubiti amane ububanzi bawo, njengekubiti lomuntu.
12Na lelizwe, e sa si hlala kulo nga leso sikati, eAroeri, e li ngasemfuleni iArnoni, nenxenye yentaba iGiladi nemizi e nga kona, nga li nika amaRubeni, namaGadi.
13Nensalo yeGiladi, nalo lonke iBashane, li umbuso kaHogi, nga li nika inxenye yesizwe sa kwa Manasa; yonke indawo yase Argobe, nalo lonke iBashane, e la bizwa ngokuti izwe leziqwaga.
14uJaire indodana ka Manasa wa li tata lonke izwe lase Argobe, kwa ze kwa fika emikaulweni yeGeshuri neMakati, wa li biza ngegama lake, iBashane-havoti-jaire, ku ze ku be namuhla.
15Nga nika uMakiri iGiladi.
16AmaRubeni, namaGadi, nga wa nika umkati ongapakati kweGiladi nomfula iArnoni inxenye yesigodi, nomncele u ze u fike emfuleni iJakobe, o ngumcele wabantwana baka Ammoni.
17Itafa futi neJordani, nosebe lwalo, ku suke eKinnerete ku ze ku fike elwandhle lwetafa, amanzi ka saoti, ezansi kweAshdothpisga ngasempumalanga.
18Nga ni tyela ngalesosikati, nga ti, uJehova uTixo wenu u ni nikile le lizwe ukuba ni li fuye; ni ya ku dhlula ni hlomile ngapambi kwabafo wenu abantwana baka Israeli, bonke aba lungele ukulwa.
19Kodwa abafazi benu, nezingane zenu, nezinkomo zenu, (ngokuba ngi yazi ukuba ni nezinkomo eziningi) ku ya kuhlala emizini yenu e ngi ni pe yona;
20uJehova a ze a nike ukupumula ku bafo wenu, nakinina futi, ba ze ba li fuye nabo izwe eli nikwe bona uJehova uTixo wenu, ngapesheya kweJordani, emva kwa loko ni ya kubuyela nonke, emfuyweni yenu, e ngi ni nikileyo yona.
21Nga yaleza uJoshua nga leso sikati nga ti, Amehlo ako a ku bonile konke okwenziwe uJehova uTixo wako kulawa makosi amabili; u ya kwenze njalo uJehova kuyo yonke imibuso o ya kuidhlula.
22A ni yi ku besaba; ngokuba uJehova uTixo wenu u ya kunilwela.
23Nga cela kuJehova ngaleso sikati, nga ti,
24O Jehova Tixo, u qalile ukubonakalisa encekwini yako, ubukulu bako, nesandhla sako esi namandhla; u mupi uTixo ezulwini nasemhlabeni, o ngenza njengokwenza kwako, na njengamandhla ako?
25Ngi ya kuleka, ma ngi wele, ngi li bone izwe elihle eli nga pesheya kweJordani, leyontaba enhle, neLebanoni.
26Kodwa uJehova wa ngi tukutelela ngenxa yenu, wa nqaba uku ngi zwa; wa ti uJehova kimina, ma u dele, u nga be u sa kuluma kimina nga lendaba.
27Kwela entabeni iPisga, u pakamise amehlo ako nga sentyonalanga, na nga senyakato, na nga seningizimu, na nga sempumalanga, u li buke ngamehlo ako; ngokuba a u yi ku li wela iJordani.
28Kodwa yaleza uJoshua, u m mise isibindi u m nike amandhla; ngokuba yena u ya kuwela na lababantu, a benze ukuba ba li fuye izwe o ya kulibona manje wena.
29Ngako sa hlala esigodini ngaseBethpeori.