1NGONYAKA wesitatu wokubusa kuka Belshazari inkosi, isibonakalo sa bonwa imi, mina Danyeli emva kwaleso e sa bonwa imi kuqala.
2Nga ti nga bona esibonakalweni, kwa se ku ti ekuboneni kwami, nga ngi seShushani enqabeni ezweni la seElami: nga ti nga bona esibonakalweni, ngi semfuleni eUlai.
3Nga se ngi pakamisa amehlo ami, nga bona, bhekake, inqama i mi ngasemfuleni i nezimpondo ezimbili: za ti izimpondo za pakama; kepa olunye lwa pakama kunolunye, lwa ti olupakamileyo lwa mila muva.
4Nga bona inqama i tikazisa ngasentyonalanga, nangasenyakato, nangaseningizimu; ukuze izilo zonke zi nge mi pambi kwayo, kwa ku ngeko o nga punyula esandhleni sayo; kodwa yenza njengentando yayo, ya kula.
5Nga ti ngi sa qonda, bheka, impongo i vele ngasentyonalanga, ye za pezu kobuso bomhlaba wonke, i nga namati umhlabati; ya ti impongo ya ba nopondo olunakekileyo pakati kwamehlo ayo.
6Ya se i za kuyo inqama e nezimpondo ezimbili e nga yi bona i mi ngasemfuleni, ya i sukela ngolaka lwamandhla ayo.
7Lapo nga yi bona i sondela kuyo inqama, ya yi tukutelela, ya tyaya inqama, yapula izimpondo ezimbili zayo; kwa ku ngeko amandhla enqameni uku ma pambi kwayo; kepa ya yi wisa emhlabeni, ya yi nyatela pansi; kwa ku ngeko o sindisa inqama esandhleni sayo.
8Ngako impongo ya kula kakulu: ku te se i namandhla, upondo olukulu lwayo lwapuka; kepa esikundhleni salo, kwa mila ezine ezinakekileyo ngasemimoyeni emine yezulu.
9Kwa ti kwa puma kulo olunye lwazo, upondo oluncane, olwa kula kakulu ngaseningizimu, na ngasempumalanga, na ngasezweni elihle.
10Lwa ti lwa kula ku ze ku be sebandhleni lezulu, lwa wisa emhlabeni ezitile zebandhla ne zezinkanyezi, lwa zi nyatela pansi.
11Lwa ti lwa zikulisa ku ze ku be sesikulwini sebandhla, kwa ti kwa suswa yilo ukunikela kwemihla, ya wiswa pansi inhlalo yokuyingcwele kwaso.
12La ti ibandhla la miswa pezu kokunikela kwemihla ngokona, la ti la wisa pansi iqiniso emhlabeni, lenza, la dhlula.
13Lapo nga mu zwa oyingcwele e kuluma; nomunye oyingcwele wa ti ku lowotile oyingcwele o wa e kuluma; Ko za ku be nini isibonakalo ngokunikela kwemihla, na ngokona kocitayo, uku nika okuyingcwe e, nebandhla uku nyatelwa pansi na?
14Wa se e ti kimi, Ko ze ku be imihla e izinkulungwane ezimbili; lapo okuyingcwele ko hlanzwa.
15Kwa ti ngi sa bona mina Danyeli isibonakalo, nga funa ukwazisisa, bhekake kwe ma pambi kwami ku nga ti isimo somuntu.
16Nga se ngi zwa izwi lomuntu pakati kwezindonga zeUlai; wa memeza, wa ti, Gabireli, yazisa lomuntu isibonakalo.
17Wa se e za lapa ngi mi kona; kwa ti ukufika kwake ngesaba, nga wa ngobuso bami; wa ti kimi yazisisa ndodana yomuntu, ukuba isibonakalo si sesikatini sokupela.
18Kwa ti e sa kuluma nami, nga be ngi lele ubutongo obukulu, ngobuso bami emhlabeni: wa ti wa ngi pata, wa ngi misa ngokuma kwami.
19Wa ti bheka ngi ya kwazisa o ko ba kona ekupeleni kwentukutelo, ngokuba ukugcina ku sesikatini esimisiweyo.
20Inqama o yi bonileyo e nezimpondo ezimbili, i ngamakosi a seMadai na seParasi.
21Ku ti impongo e isiyepu i yinkosi ya seJavani; ku ti upondo olukulu olu ngapakati kwamehlo ayo, lona lu yinkosi yokuqala.
22Ku ti nga lolo olwapulwayo, za se zi ma ezine esikundhleni salo; imibuso emine i ya kuma kuso isizwe, kepa i nge namandhla ayo.
23Ko ti ekupeleni kokubusa kwayo, se zi pelele izihlubuko zayo, inkosi i ya kuma i lukuni ngobuso, i wazi amacebo.
24Ko ti amandhla ayo a kule, ku nge ngamandhla ayo kodwa; yo cita ngokumangalisayo, yahlule, yenze; i cite abanamandhla, nabantu aba ingcwele.
25Na ngobuqili bayo i ya kwahlulisa inkohliso ngesandhla sayo; yo ti i zikulise enhliziyweni yayo, i cite abaningi be sekutuleni; futi i ya ku mela iNkosi yamakosi, kepa yo fohlozwa ku nge ngesandhla.
26Futi isibonakalo sokuhlwa ne sokusa e sa tyiwo si yiqiniso; kepa gcina wena isibonakalo, ngokuba si nezinsuku eziningi.
27Kwa ti mina Danyeli nga be ngi dangela, ngi gula izinsuku ezitile; nga se ngi vuka, ngenza umsebenzi wenkosi; nga mangala ngesibonakalo, kepa wa e ngeko o sazisisayo.