1KWA ba kuhle kuDarisu ukumisa pezu kombuso ababusi aba ikulu namashumi amabili a be pezu kombuso wonke.
2Na pezu kwabo izikonzi ezitatu e sokuqala sazo uDanyeli; ukuze ababusi laba ba landise kuzo, i nga bi nasonakalo inkosi.
3Lapo uDanyeli wa dhlula izikonzi nababusi, ngokuba umoya omuhle u be kuye; ya ti inkosi i za ku m misa pezu kombuso wonke.
4Lapo izikonzi, nababusi ba be be hlola, ukuze ba funyanise insolo nga kuDanyeli ngawo umbuso; kepa ba be be nga namandhla ukufumana insolo, noku icala kuye; ngokuba u be kolisa, ku nga tolwanga isipambeko, necala kuye.
5Lapo lamadoda a ti; A si zo fumana insolo nga kuye loDanyeli uma si nga li fumani na kuye ngomteto ka Tixo wake.
6Lapo lezizikonzi, nababusi ba butana ngenxokozelo enkosini, za kuluma kuyo ngokuti, Nkosi Darisu, mana njalo.
7Izikonzi zonke zombuso, nezinduna, nababusi, nempakati, nababusana ba kulumisene ukumisa ummiso wenkosi, noku qinisa isinqabelo, ukuti, Yena o cela isicelo kuTixo na kumuntu ukupela kuwe nkosi, ezinsukwini ezingamashumi amatatu, u zo ponswa empandwini wezingonyama.
8Kaloku nkosi ma u mise isinqabelo, u lobe umbalo, ukuba u nga pendulwa njengomteto wabaMadai nabaParasi, o nga dhluliyo.
9Ngaloko inkosi uDarisu ya loba umbalo, nesinqabelo.
10Wa ti uDanyeli se e kwazile ukuba umbalo u be u lotyiwe, wa ngena endhlini yake, i ti i vuleka intuba yake egumbeni lake e li qonda nga seJerusalema, wa guqa ngamadolo ake izikati ezitatu ngosuku, e tandaza, e bonga pambi kuka Tixo wake njengo wa kwenza kuqala.
11Lapo lamadoda a butana ngenxokozelo, a fumana uDanyeli e cela, e ncenga pambi kuka Tixo wake.
12A ti a sondela, a kuluma pambi kwenkosi ngesinqabelo senkosi; A u lobanga isinqabelo, ukuba bonke abantu a ba cela kuTixo, na kumuntu pakati kwezinsuku ezi ngamashumi amatatu ukupela kuwe nkosi, ba zo ponswa empandwini wezingonyama na? Inkosi ya pendula ya ti, I qinisile lendaba, njengomteto wabaMadai nabaParasi o nga dhluliyo.
13A se ya pendula, a ti pambi kwenkosi; ukuti; uDanyeli o wabantwana bokutunjwa kubaJuda a ka naki wena nkosi, nesinqabelo o si lobileyo, kepa u ya cela isicelo sake izikati ezitatu ngosuku.
14Lapo inkosi se i zwile lelizwi, ya i katazeka kakulu ngokwayo, ya beka inhliziyo yayo kuDanyeli uku m kulula, ya i zama ku ze ku be sekutyoneni kwelanga uku m kulula.
15Lapo lamadoda a butana ngenxokozelo kuyo inkosi, a ti kuyo inkosi; Yazi nkosi, ukuba ku ngumteto wabaMadai nabaParasi, ukuti isiyalezelo, nommiso o misiwe inkosi a u nge pendulwe.
16Inkosi ya se i yaleza, ba ti ba m leta uDanyeli, ba m ponsa empandwini wezingonyama, kepa inkosi ya kuluma ya ti kuDanyeli, uTixo wako o m konza njalo, wo ku kulula.
17La se li letwa itye, li bekwe pezu komlomo wompandu, ya ti inkosi ya li gcina ngopau lwendandato yayo, na ngopau lwendandato yabakulu bayo, ukuze into ngoDanyeli i nga penduki.
18Lapo inkosi ya buyela esigodhlweni sayo ya ya hlala ubusuku, i zila ukudhla, futi a si ngeniswanga isifazana pambi kwayo, ba yi putela ubutongo bayo
19Lapo inkosi ya vuka ngovivi lokusa ya ya ngokutyetya empandwini wezingonyama.
20Ya ti ekusondeleni kwayo empandwini, ya memeza kuDanyeli ngezwi lokudabuka; inkosi ya se i kuluma ya ti kuDanyeli, Danyeli nceku ka Tixo okoyo: uTixo wako o m konza njalo u be namandhla uku ku kulula kuzo izingonyama na?
21Lapo uDanyeli wa kuluma kuyo inkosi; Nkosi, mana njalo!
22uTixo wami u tumile ingelosi yake, u vimbile imilomo yezingonyama, a zi ngi limazanga; ngokuba pambi kwake ukulunga kwa funyanwa kimi, na pambi kwako nkosi a ngenzanga isono.
23Lapo inkosi ya jabula kakulu ngaye, ya yaleza uku kupula uDanyeli empandwini, a ku tolwanga ingozi kuye, ngokuba wa e kolwa kuTixo wake.
24Inkosi ya se i yaleza, ba ti ba leta lamadoda a m ceba uDanyeli; ba ponsa empandwini wezingonyama wona, nabantwana bawo, nabafazi bawo; za ti izingonyama zeqa pezu kwabo be nga ka fiki pansi empandwini, za coboza onke amatambo abo.
25Lapo uDarisu inkosi wa loba kuzo izizwe zonke, nabantu, nezilimi e zi hlezi emhlabeni wonke, Inhlalo enhle yenu ma i vame.
26Ngi ya beka isiyalezelo, ukuba ekubuseni konke kombuso wami, bonke abantu a ba tutumele besabe pambi kuka Tixo ka Danyeli; ngokuba yena u nguTixo okoyo; o mi ku ze ku be pakade; nombuso wake a u zo citwa, nokubusa kwake ko ma ku ze ku be pakade.
27U ya kulula e sindisa, Yena u ya sebenza iziboniso, nemimangaliso ezulwini, na semhlabeni, o kulule uDanyeli emazityeni ezingonyama.
28Wa ti uDanyeli wa hlala kahle ekubuseni kuka Darisu, na sekubuseni kuka Kuresi umParasi.