1EMNYAKENI wesibili wokubusa kuka Nebukadnezari, uNebukadnezari wa pupa amapupo, wa ti umoya wake wa katazeka: ba m putela ubutongo.
2Lapo inkosi ya yaleza ukubiza amaqili, nabaMagi, nezinyanga, nabaKaldi ukucasisela inkosi amapupo ayo; ba ti be za be ma ebusweni benkosi.
3Ya se i ti inkosi kubona, Ngi pupe ipupo: wa ti umoya wami wa katazeka ukulazi ipupo.
4Lapo abaKaldi ba kuluma kuyo inkosi ngokwamaAramia. Nkosi mana njalo! tyela izinceku zako ipupo, so bonisa ukucasisela.
5Inkosi ya pendula ya ti kubaKaldi, Izwi li pumile kimi, uma ni nga ngazisi ipupo nokucasisela kwalo, ni zo xotywa, zi ti izindhlu zenu zenziwe izala.
6Kanti uma ni bonisa ipupo nokucasisela kwalo, ni ya kwamkela izipo, nomvuzo, nodumo olukulu pambi kwami, ngako ngi tyeleni ipupo nokucasisela kwalo
7Ba buya ba pendula, Inkosi ma i tyele izinceku zayo ipupo, so ti si bonise ukucasisela kwalo.
8Inkosi ya pendula ya ti, Ngi yazi isibili ukuba ni zenzela isikati, ngokuba ni bona ukuba izwi li mukile kimi.
9Kepa uma ni nga ngazisi ipupo, ku kona isiyalezelo sinye kini; ngokuba ni lungiseleamazwi amanga, amabi, ukukuluma pambi kwami, ku ze ku dhlule isikati; ngako ngi tyeleni ipupo, ngi za kwazi ukuba ni nga bonisa ukucasisela kwalo.
10AbaKaldi ba pendula pambi kwenkosi ba ti, Amuko umuntu emhlabeni o nga bonisa indaba yenkosi; ngako a kuko inkosi nomkulu, nobusayo, o buza indaba e njengale eqilini, nakuMagi nakumKaldi noyedwa.
11Futi indaba inkosi e yi buzayo i lukuni, amuko omunye o nga yi bonisa pambi kwenkosi, kupela otixo onhlalo yabo a iko enyameni.
12Ngaloku inkosi ya tukutela, ya ba nolaka olukulu, ya yaleza ukuba ba bulawe bonke abahlakanipileyo ba seBabulona.
13Sa ti isiyalezelo sa puma ukuba abahlakanipileyo ba bulawe, ba ti ba m funa uDanyeli, nabangane bake ukuba ba bulawe.
14Lapo uDanyeli wa pendula ngokuqapela, na ngokuqonda kuArioki umholi wezinhlomeli zenkosi, o be e pumile ukubulala abahlakanipileyo ba seBabulona.
15Wa pendula wa ti kuArioki induna yenkosi, Lesisimemezelo esisabekayo si pume ngani kuyo inkosi na? Lapo uArioki wa m azisa uDanyeli indaba.
16Wa ti uDanyeli wa ngena, wa cela kuyo inkosi i m nike isikati, a ze a bonise inkosi ukucasisela.
17Wa se e buyela uDanyeli endhlini yake, wa yazisa indaba kuHanania, noMishali, noAzaria, abangane bake.
18Ukuze ba cele isisa kuTixo wezulu nga lemfihlakalo; ukuba uDanyeli nabangane bake ba nga bujiswe kanye nabanye abahlakanipileyo ba seBabulona.
19Lapo imfihlakalo ya boniswa kuDanyeli esibonakalweni sobusuku; uDanyeli wa se e m bonga uTixo wezulu.
20uDanyeli wa pendula wa ti, Igama lika Tixo ma li bongwe kwapakade ku ze ku be pakade, ngokuba okwake ukuhlakanipa namandhla.
21U ti yena u ya pendula izikati, nemizuzu, u susa amakosi, u misa amakosi; u nika ukuhlakanipa kwabahlakanipileyo nokwazi kubo abazi ukwazisisa.
22Yena u bonisa okujulileyo, nokusitekileyo; wazi oku sebumnyameni, ku ti ukukanya ku hlezi kuye.
23Ngi ya kubonga, ngi ku babaze Tixo wa obaba, o ngi nikile ukuhlakanipa, namandhla, futi izicelelo e sa cela kuwe u ngazisile zona; ngokuba u sazisile indaba yenkosi.
24Ngaloku uDanyeli wa ngena kuArioki e ya bi m misile inkosi uku bulala abahlakanipileyo ba seBabulona; wa ya wa kuluma njalo kuye; U nga bulali abahlakanipileyo ba seBabulona, ngi ngenise pambi kwenkosi, ngi ya ku yi bonisa inkosi ukucasisela.
25Lapo uArioki wa tyetya wa ngenisa uDanyeli ebusweni benkosi, wa ti kuyo njalo: Ngi fumene umuntu wabantwana bokutunjwa ba seJudia o ya ku yazisa inkosi ukucasisela.
26Inkosi ya pendula ya ti kuDanyeli o gama lake li uBelteshazari, U nga ngazisa ipupo e ngi li pupileyo, nokucasisela kwalo na?
27uDanyeli wa pendula pambi kwenkosi wa ti, Imfihlakalo inkosi e yi buzayo, abahlakanipileyo, nabaMagi, namaqili, nezanusi a ba nge bonise inkosi yona;
28Kodwa u kona uTixo ezulwini o bonisa izimfihlakalo, wazisa inkosi uNebukadnezari loku o ku zo ba kona ezinsukwini zokugcina; Ipupo lako, nesibonakalo sekanda lako okukweni lwako ku i loku.
29Wena Nkosi izicabango zako okukweni lwako za vukela loko o ku ya kuba kona emva kwaloku kuti o bonisa izimfihlakalo u kwazisa loko o ku zo ba kona;
30Kepa mina, a si ko ngokuhlakanipa o ku kumina nga pezu kwabo bonke aba se kona, ukuba lemfihlakalo i bonakaliswa kimi; kodwa ngaloku ukuba ba yazise inkosi ukucasisela, nokuba u zazi izicabango zenhliziyo yako.
31Wena Nkosi wa be u bona, bhekake isitombe esikulu, lesisitombe esikulu, ukukazimula kwaso kwa ba kuhle, se ma pambi kwako, nesimo saso si sabeka.
32Ikanda lesitombe li be igolide elihle, isifuba saso, nezingalo zaso isiliva, isisu saso, namatanga aso itusi;
33Imilenzi yaso insimbi, izinyawo zaso inxenye insimbi nenxenye idongwe.
34Wa se u bona kwa za kwa sikwa itye ku nge ngezandhla, e la tyaya isitombe ezinyaweni zaso ezi insimbi nedongwe la zi coboza.
35Lapo kwa cobozwa kanye insimbi, nedongwe, netusi, nesiliva, negolide, kwa ba njengamakoba esibuya sehlobo; a suswa umoya, a ka tolelwanga ndawo; la ti itye e la tyaya isitombe la ze la ba intaba enkulu, la gcwalisa umhlaba wonke.
36Leli li ipupo, nokucasisela kwalo si ya kukutyo pambi kwenkosi.
37Wena, Nkosi, u inkosi yamakosi, ngokuba uTixo wezulu u ku nikile umbuso, namandhla, nodumo.
38Na sezindaweni zonke lapo abantwana babantu ba hlezi kona, izilwane za sendhle, nezinyoni zezulu u zi nikile esandhleni sako; wenzile ukuba wena u buse pezu kwazo zonke; Wena u yilo ikanda legolide.
39Nasemva kwako, ku ya kuvuka umbuso omunye omncane ku nawe, nomunye umbuso owesitatu wetusi, o ya ku busa emhlabeni wonke.
40Ku ya kuti umbuso wesine u be lukuni njengensimbi; ngokuba insimbi i ya coboza i gaye konke; na njengensimbi e fohloza loku konke; u za ku coboza, u fohloze.
41Na ngokuba wa bona izinyawo nezinzwane, inxenye i be ibumba lombumbi, nenxenye i be insimbi, umbuso wo ba wahlukene, noko ko ba kuwo ubulukuni bensimbi, ngokuba wa bona insimbi i hlanganisiwe nedongwe.
42Ku ti izinzwane nezinyawo zi be inxenye yensimbi, nenxenye yebumba, njalo inxenye yombuso yo ba lukuni, nenxenye yawo yo ba inhlakanhlaka.
43Nga loku wa bona insimbi i hlanganisiwe nedongwe, ba zo hlangana nenzalo yabantu, kepa a ba yi ku namatelana omunye nomunye njengaloko nensimbi a i hlangani nebumba.
44Ezinsukwini za lamakosi, uTixo wezulu wo misa umbuso o nga yi ku citwa ku ze ku be pakade; wa ti umbuso u nga shiyelwa kwabanye abantu, u zo coboza u qede lemibuso yonke, wona u ya kuma ku ze ku be pakade.
45Ngokuba wa bona ukuba itye la sikwa entabeni ku nge ngezandhla, nokuba la coboza insimbi, netusi, nebumba, nesiliva, negolide; uTixo omkulu u yazisile inkosi loko o ku za ku ba kona emva kwa loku, ku ti ipupo li qinisile, nokucasisela kwalo ku kolisile.
46Lapo inkosi uNebukadnezari wa wa pansi ngobuso bake, wa dumisa uDanyeli, wa yaleza ukuba umnikelo, nempepo i telelwe kuye.
47Inkosi ya kuluma kuDanyeli, ya ti, Ku iqiniso ukuba uTixo wenu u nguTixo wotixo, u umninimakosi, o bonakalisa izimfihlakalo, ngokuba wa ba namandhla wena ukubonisa lemfihlakalo.
48Lapo inkosi ya m enza uDanyeli a be omkulu, ya m nika izipo ezikulu eziningi; ya m enza a buse pezu kwezwe lonke la seBabulona, umholi wababusi pezu kwabahlakanipileyo bonke ba seBabulona.
49Wa ti uDanyeli wa cela kuyo inkosi, ya se i misa uShadraki, noMeshaki, noAbed-nego pezu kwezindaba zelizwe, kepa uDanyeli wa be sesangweni lenkosi.