1NJALO iNkosi uJehova i ngi bonisile bhekake, wa zenza izinkumbi ekuqaleni kokumila kotyane obu semuva, bhekake kwa ba kona ukuhluma emva kokusika kwenkosi.
2Kwa ti se zi qedile ukudhla utyane bezwe, nga se ngi ti mina, Nkosi Jehova, yekela ngi ya kuncenga, ubani uJakobe, ukuba a me na? ngokuba mncane yena.
3uJehova wa haukela ngenxa ya loku, a ku yi ku ba kona u tyo uJehova.
4Njalo iNkosi uJehova i ngi bonisile, bhekake, iNkosi uJehova uJehova ya biza ukulwa ngomlilo, wa ti wa dhla ulwandhle olukulu, wa dhla inxenye.
5Nga se ngi ti, Nkosi Jehova, Yeka ngi ya kuncenga, ubani uJakobe ukuba a me na? ngokuba mncane yena.
6uJehova wa haukela ngenxa yaloku, Naloku a ku yi ku ba kona, u tyo uJehova.
7Njalo wa ngi bonisa, bhekake, iNkosi yema pezu kodonga o lwakiwa ngentambo yokuhlela; i nentambo yokuhlela esandhleni sayo.
8Wa se e ti kimi uJehova, U bonani Amosi na? nga ti mina, Intambo yokuhlela. Lapo iNkosi ya ti kimi. Bheka mina, ngi ya beka intambo yokuhlela pakati kwabantu bami, abaIsraeli, a ngi sa yi ku pinda uku ba dhlula.
9Ko ti izindawo ezipakamileyo zika Isaka zi citeke nokuyingcwele kwa seIsraeli ku hlakazwe; futi ngo vuka nga kuyo indhlu ka Jeroboamu ngenkemba.
10Lapo uAmazia umteteleli wa seBeteli wa tuma kuJeroboamu iNkosi ya seIsraeli, e ti uAmosi u cebile nga kuwe pakati kwendhlu ya seIsraeli; izwe a li namandhla ukutwala onke amazwi ake.
11Ngokuba njalo u tyo uAmosi, ukuti, uJeroboamu wo fa ngenkemba; futi uIsraeli wo tunjwa ba dediswe ezweni labo.
12Futi uAmazia wa ti kuAmosi, Mazisi, hamba u balekele ezweni la seJuda, u dhle isinkwa kona lapo, wazise lapo.
13Kodwa u nga pindi ukwazisa eBeteli, ngokuba li indawo engcwele yenkosi, futi li umuzi wombuso lona.
14Lapo uAmosi wa pendula wa ti kuAmazia, A ngi siye umazisi mina, a ngi si yo indodana yomazisi; ngokuba ngi ngumalusi, ngi umlimi wamakiwane futi.
15Kwa ti uJehova wa ngi tabata ngi semva kwezimvu, wa ti kimi, Hamba wazise kubantu bami abaIsraeli.
16Kalokuke yizwa izwi lika Jehova; Wena u ya tyo, U ngazisi nga kuIsraeli, u nga teli izwi nga kuyo indhlu ka Isaka.
17Ngako njalo u tyo uJehova, umkako wo ba isifebe emzini, amadodana ako namadodakazi ako a ya kuwa ngenkemba, umhlabati wako, wo hlulwa ngentambo; ko ti u fe wena ezweni elingcolileyo; noIsraeli wo tunjwa belu ba dediswe ezweni labo.