1KWA ti, be sa shumayela kubantu, abapristi, nenduna yetempeli, nabaSaduse, ba fika,
2Ba tukutela ngokuba ba fundisa abantu, be shumayela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo.
3Ba ba bamba, ba ba faka etilongweni kwa za kwa sa; ngokuba kwa se ku hlwile.
4Kepa abaningi aba li zwayo izwi ba kolwa; ukuma kwabantu kwa nga ba izinkulungwane ezi isihlanu.
5Kwa ti ngangomso kwa butana eJerusalema ababusi ba kubo, namalunga, nababali;
6noAnasi, noKaiafa noJohane, noAlesandro, nabo bonke abendhlu yompristi omkulu.
7Ba ba misa pakati kwabo, ba buza, ba ti, Nenze loku nga mapi amandhla, na nga lipi igama na?
8Kona uPetro e gcwele uMoya o ingcwele, wa ti kubo, Nina babusi babantu, namalunga kaIsraeli,
9Uma si buzwa namhla ngomsebenzi olungileyo owenzelwa lomuntu owa e gula, ukuba u sindiswe ngani,
10Ma kwazeke kinina nonke, na kubantu bonke ba kwa Israeli, ukuti, ngegama lika Jesu Kristu wa seNazareta, ena m betelayo, a m vusileyo uTixo kwabafileyo, ngaye u mi lomuntu pambi kwenu, u sindile.
11Yena lo u itye ela delelwa inina abaki, e se li inhloko yegumbi.
12A ku ko ukusindiswa ngomunye a li ko elinye igama pansi kwezulu eli nikwa ebantwini, esi nga sindiswa ngalo.
13Se be bonile isibindi sika Petro noJohane, be qonde ukuba ba aba nga fundile ba abantu nje, ba mangala, bazi ukuba ba be hamba noJesu.
14Be bona lomuntu opilisiweyo e mi nabo, ba be nge nakupika luto.
15Ba ba yala ukuba ba pume empakatini, ba hlangana bodwa,
16Be ti, Si ya kwenze njani ku lababantu na? loku ku bonakele kubo bonke aba hlezi eJerusalema, ukuti, isimangaliso esidumekileyo senziwe ibo, si nge pike kona.
17Kodwa ku nga bi ku sandiswa ebantwini, a si ba songele nokubasongela, ba nga be be sa shumayela kumuntu namunye nga leligama.
18Se be ba bizile, ba ba yala ukuba ba nga shumayeli, ba nga fundisi ngegama lika Jesu na kanye.
19Kepa uPetro noJohane ba pendula ba ti kubo, A ke nahlukanise, ukuba ku lungile ebusweni buka Tixo si lalele nina ku noTixo.
20Tina a si nakuyeka ukuzishumayela izinto esi zi bonileyo nesi zi zwileyo.
21Ba buya ba ba songela, ba ba yeka, be nga fumani luto aba nga ba jezisa ngalo, ngenxa yabantu; loku abantu bonke ba dumisa uTixo nga loko okwenziweyo.
22Ngokuba lomuntu, esenziwa kuye lesisimangaliso sokupilisa, wa e neminyaka emashumi mane nomvo.
23Se be yekwe, ba ya kwaba kubo, ba ba tyela konke abapristi abakulu namalunga aba be ku tyilo kubo.
24Se be zwile loko ba kuleka kuTixo nganhliziyonye, be ti, Nkosi, u nguTixo wena, owenza izulu nomhlaba; nolwandhle, nako konke oku kona;
25Owa tyo ngomlomo wenceku yako uDavida, ukuti, Izizwe zi tukutelelani, nabantu ba zindhlelani oku ize na?
26Amakosi omhlaba a vukela, nababusi ba butana ndawonye ngayo iNkosi, na ngaye uKristu wayo.
27Nembala uHerodi, noPontio Pilatu, kanye nezizwe nabantu ba kwa Israeli, ba butana ku lomuzi ngeNdodana yako e ingcwele, uJesu, o m gcobileyo,
28Ukuze ba kwenze loko oku nqunywa ngapambili isandhla sako necebo lako, ukuba kwenziwe.
29Na kaloku, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, u zi pe izinceku zako ukuba zi shumayele izwi lako, zi mi isibindi sonke,
30Ngokwelula isandhla sako ukupilisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNdodana yako e ingcwele, uJesu.
31Se be kuleke, kwa zanyazanyiswa indawo lapa be butene kona, ba gcwala uMoya o ingcwele bonke, ba shumayela izwi lika Tixo, be mi isibindi.
32Bonke abakolwayo be be nhliziyonye nompefumlo munye: a kwa ba ko noyedwa o ti, into a nayo eyake; ba hlanganyela izinto zonkana zabo.
33Abapostoli ba qinisa ngamandhla makulu ukuvuka kweNkosi uJesu: umusa omkulu wa u pezu kwabo bonke.
34Kwa ku nge ko oswelayo kubo: ngokuba bonke aba be namazwe nezindhlu, ba tenga ngako, ba leta imali ya loko aba tenga ngako.
35Ba i beka ezinyaweni zabapostoli: kwabelwa bonke njengokuswela kwabo.
36Kwa ti uJose, owa bizwa abapostoli ngokuti, uBarnaba, (oku ukuti ngokukumtywa, Indodana yokutokozisa), umLeviti, wa seKupero ngokuzalwa,
37Yena e nezwe, wa tenga ngalo, wa leta imali, wa i beka ezinyaweni zabapostoli.