1KWA ti se be sindile, bazi ukuba isiqingi si tiwa iMelita.
2Aba sezweni ba si pata ngomusa omkulu, ba basa umlilo, ba samkela sonke, ngokuba li na ku makaza.
3uPaule e se cakatyile ifingo lezinkuni, e be zi bekile emlilweni, kwa puma inyoka ngokufudumala, ya namatela esandhleni sake.
4Aba sezweni se be bonile isilwane si jika esandhleni sake, ba kuluma bodwa ba ti, Impela lomuntu u ngumbulali; noma e sindile elwandhle, impindiso a i vumi ukuba a pile.
5Kepa wa si nikinela isilwane emlilweni, e ngezwa cala.
6Kepa ba bheka ba ti, u za kuvuvuka, nokuba u za kuwa pansi a fe kona lapo. Se be bhekile isikati eside, be bona ku nga m fikeli ingozi, ba penduka ba ti, u ngutixo.
7Kwa ku kona ku leyondawo umuzi wenkosi yesiqingi igama layo li nguPublio, owa samkela, wa si hlalisa kahle izinsuku ezintatu.
8Kwa ti uyise ka Publio wa e lele e kwelwa umkuhlane nembo: uPaule wa ngena kuye, wa kuleka, wa beka izandhla pezu kwake, wa m pilisa.
9Se kwenziwe loko, beza nabanye aba be nezifo aba sesiqingini, ba sindiswa.
10Ba si bonga ngezinto eziningi; na sekumukeni kwetu ba si twesa izinto esi zi dingayo.
11Kwa ti emva kwezinyanga ezintatu sa muka ngomkumbi wa seAlesandria owa u hlezi esiqingini ebusika, u nopau olu ti oDioskuri.
12Se si fikile eSirakuse, sa hlala kona izinsuku ezintatu.
13Sa suka lapo, sa zekelela, sa fika eRegio; se ku dhlule usuku lwa ba lunye, kwa pepeta iningizimu, ngolwesibili sa fika ePuteoli.
14Sa fumana kona abazalwane, sa nxuswa ukuhlala nabo izinsuku ezi isikombisa: njalo sa hamba si qonda eRoma.
15Kwa suka kona abazalwane, se be zwile indaba ngati, beza kusihlangabeza ba za ba fika eForumapi, na seTaberntatu; e ba bona uPaule, wa bonga uTixo, wema isibindi.
16Se si fikile eRoma, [induna yekulu ya nikela izibotywa enduneni yabalindi: kodwa] uPaule wa vunyelwa a zihambele yena, nebuto eli m lindayo.
17Kwa ti emva kwezinsuku ezintatu, uPaule wa biza izikulu zabaJuda. Se zi butene wa ti kuzo, Madoda, bazalwane, noma ngi ngenzanga luto olu pambene nabantu, nemidabuko yobaba betu, nga suswa eJerusalema ngi botyiwe, nga nikelwa ezandhleni zamaRoma.
18Lawo, e se ngi buzisile, a tanda ukungikulula, ngokuba ku nge ko kimi icala eli fanele ukufa.
19Se be pikile abaJuda, nga qutywa ukuya kuKesari, ku nge ngokuti ngi noto lokuceba isizwe sa kiti.
20Ku njalo nga leyondaba ngi ni bizile, ukuba ngi ni bone, ngi kulume nani: ngenxa yetemba lika Israeli ngi botyiwe nga lesisibopo.
21Ba ti kuye, A samkelanga izincwadi ngawe ezi vela eJudia; ka fikanga umuntu wa kubazalwane owa bika, wa shumayela okubi ngawe.
22Kodwa si ti ku fanele si zwe ngawe, ukuba u tini: ngokuba si yazi ku pikwa loluhlobo ezindaweni zonke.
23Se be m misele usuku, kwa fika kuye endhlini abaningi; wa shumayela kubo e qinisa indaba yombuso ka Tixo, wa ba ncenga ngezindaba zika Jesu za semtetweni ka Mosi, na kubaprofeti, wa qala ekuseni wa shumayela la za la tyona.
24Abanye ba kolwa iloko okwa shunyayelwa, abanye ka ba kolwa.
25Loku be nga vumelani, bemuka, uPaule e sa shumayele izwi la linye lokuti, Wa tyo kahle uMoya o ingcwele ngoIsaya umprofeti kobaba betu,
26Wa ti, Hamba, u ye ku lababantu, u ti, Ngokuzwa ni ya kuzwa, ni nga qondi; ngokubona ni ya kubona, ni nga bonisisi:
27Ngokuba inhliziyo yalababantu i lukuni, izindhlebe zabo zi butuntu, amehlo abo ba wa cimezile, funa ba bone ngamehlo, bezwe ngezindhlebe, ba qonde ngenhliziyo, ba penduke, ngi ba sindise.
28Ngako yazini ukuba ukusindisa kuka Tixo ku tunyelwe kwabezizwe; ba ya kuzwa bona. [
29E se shumayela loko, abaJuda bemuka, be pikisana kakulu bodwa.]
30uPaule wa hlala iminyaka emibili i pelele endhlini a be i tyelekile, wamkela bonke aba be ngena kuye;
31E shumayela umbuso ka Tixo, e fundisa izindaba zeNkosi uJesu Kristu, e mi isibindi, e nga nqatyelwa muntu.