1WA ti uAgripa kuPaule, Ku vunyelwe u zikulumele. Kona uPaule welula isandhla, wa zipendulela, wa ti.
2Nkosi Agripa, ngi nenhlanhla, ngokuba ngi za kuzipendulela namhla pambi kwako, ngazo zonke izinto engi mangalelwa abaJuda ngazo:
3Kakulu, loku u yazisa imikuba nemibuzo yonke yabaJuda: njalo ngi ya ku ncenga ukuba u ngi lalele ngokubekezela.
4Ukuhamba kwami kwa sebutyeni bami, okwa qala kwa ba pakati kwesizwe sa kiti eJerusalema, ba ya kwazi bonke abaJuda;
5Aba be ngazi, uma be tanda ukuqinisa, ukuba be ngi ngumFarisi uqobo ngemikuba ya kiti.
6Na kaloku se ngi mi, ngi mangalelwe ngetemba lesitembiso, obaba betu aba tenjiswa uTixo ngaso.
7Izizwe za kiti ezi ishumi nambili zetemba ukufinyelela kusona, zi qinisa ukukonza ebusuku na semini. Nkosi Agripa, nga lelitemba ngi mangalelwe abaJuda.
8Ni tyoloni ukuti, ku into engetembekiyo yokuti, uTixo u za kuvusa abafileyo na?
9Nami be ngi ti nga ngenza izinto eziningi ezi pambana negama lika Jesu wa seNazareta.
10Nga be ngenza njalo eJerusalema; abaningi abalungileyo nga ba valela etilongweni, ngi piwe amandhla abapristi abakulu; na lapo be bulawa nga vuma.
11Nga ba hlupa futifuti emabandhleni onke, nga ba sindezela ba za ba tuka; nga ba xotya kwa za kwa ba emzini e ngapandhle.
12Njalo ngi sa ya eDamaseku, ngi piwe amandhla nezwi abapristi abakulu.
13Kwa ti emini enkulu, ngi sendhleleni, Nkosi, nga bona ukukanya okwa sezulwini, ku dhlula ukukazimula kwelanga, kwa kanya kimi na kwaba be hambi nami.
14Sa wa pansi sonke, ngezwa izwi li shumayela kimi, li ti ngolimi lwamaHeberu, Sauli, Sauli, u ngi hlupelani na? Ko ba lukuni kuwe ukukahlela ezincijini.
15Nga ti, Nkosi, u ngubani na? Wa ti, Ngi nguJesu o m hlupayo.
16Kodwa, suka u me ngezinyawo zako: ngokuba ngi bonakele kuwe nga loku, ukuba ngi ku mise, u be isikonzi nofakazi wa lezizinto o zi bonileyo, na lezo engi ya kubonakala kuwe ngazo;
17Ngi ku kulula kubantu na kwabezizwe, engi ku tumela kubo,
18Ukuvula amehlo abo, ukuba ba penduke ebumnyameni, ba ye ekukanyeni ba penduke emandhleni kaSatani, ba ye kuTixo, ukuze ba tetelelwe izono, ba dhle ifa pakati kwabangcwele ngokwetemba kimi.
19Njalo, Nkosi Agripa, a ngi pikanga isibonakaliso sa sezulwini.
20Kodwa nga qala nga shumayela kwaba seDamaseku, na seJerusalema, na kulo lonke izwe la seJudia, na sezizweni, ukuba ba penduke, ba guqukele kuTixo, benze imisebenzi e fanele ukupenduka.
21Nga loko abaJuda ba ngi bamba etempelini, ba linga ukungibulala.
22Kepa, loku ngi sizwe uTixo, ngi se mi na namhla, ngi qinisa na kwabancinyane na kwabakulu, ngi nga tyo luto ngapandhle kwa loko, okwa shunyayelwa abaprofeti noMosi, aba ti ku ya kwenzeka.
23Ukuti, uKristu nga e hlupeka, a be owokuqala ngokuvuka kwabafileyo, a shumayele ukukanya kubantu na kwabezizwe.
24E sa zikulumela njalo, uFestu wa ti ngezwi elikulu, Paule, u ya hlanya; ukufunda okuningi ku ya ku hlanyisa.
25Wa ti yena, Festu odumileyo; a ngi hlanyi, kepa ngi kuluma amazwi a neqiniso nokuqonda.
26I yazisa lezizinto inkosi, engi shumayela pambi kwabo ngesibindi: ngokuba ngi yazi, a i ko into ku lezizinto e fihlekile kuyo; ngokuba loku a kwenzekanga egumbini.
27Nkosi Agripa, u ya kolwa abaprofeti na? Ngi yazi u ya kolwa.
28Wa ti uAgripa kuPaule, Se u ponse u ngi pendula, ngi be umKristu.
29Wa ti uPaule, Ngi nga kuleka kuTixo, ukuba ku nga bi uwena wedwa, ku be ibo bonke aba ngi zwayo namhla, nga be nga ponsi, nga be ba njengami isibili, be nge nazo lezizibopo.
30Kona kwa suka inkosi, nombusi, noBernike, nabo aba be hlezi nabo:
31Se be pumile be bodwa, ba kuluma, ba ti, Lomuntu a kenzanga luto, olu fanele ukufa nokubotywa.
32Wa ti uAgripa kuFestu, Lomuntu nga e kululwa, uma wa e nga tyongo u ya kuya kuKesari.