1KWA ti ngasemva kwezinsuku ezi isihlanu, kweuka uAnania, umpristi omkulu, kanye namalunga, nommeli o tiwa uTertulu; labo ba ya, ba mangalela uPaule kumbusi.
2Se e biziwe, kwa qala uTertulu ukumceba, e ti,
3E, Felise odumileyo, loku si nokutula okukulu, nobuhle obuningi obu senzelwe lesisizwe ngokuqonda kwako, ezintweni zonke na sezindaweni zonke, si ya kwamukela, si bonga nokubonga.
4Kodwa ukuba ngi nga be ngi sa ku libazisa, ngi ya ku ncenga u ze u si zwe amazwana ngomusa wako.
5Si m fumene lomuntu e ishinga, e vusa umsindo kubaJuda bonke aba sezweni lonke, e inhloko yohlobo lwamaNazareta:
6Wa linga nokudumaza itempeli; sa m bamba, [be si tanda ukumahlulela ngomteto wetu:
7Kepa uLisia, induna enkulu, wa m susa ezandhleni zetu ngamanhla amakulu.
8E tyela abamcebayo ukuba beze kuwe]. Ngokumbuzisisa u ngazi wena izinto zonke, esi m ceba ngazo.
9abaJuda ba hlangana naye, ba ti, Yebo, ku njalo.
10Kona uPaule, umbusi e se m qwebele ukushumayela, wa pendula wa ti, Loku ngi yazi ukuba se ku iminyaka eminingi u umahluli wena wa lesisizwe, ngi ya zipendulela ngokutokoza okukulu.
11Ngokuba u nga kwazi ukuti, izinsuku ezi ishumi nambili kupela, iloku nga kupuka ngi ya kukuleka eJerusalema.
12A ba zanga ba ngi fumane etempelini ngi pikisana nomuntu, ngi vusa abantu, na sezindhlini zokusonta, na semzini
13Ba nge qinise lezizinto, aba ngi ceba ngazo.
14Kepa ngi ya vuma loku kuwe, ukuti, ngendhlela aba ti bona yedukile, ngi ya m konza ngokunjalo uTixo wa obaba, ngi kolwa konke okulotyiweyo emtetweni na kubaprofeti:
15Ngi netemba kuTixo, aba li vumayo nabo, lokuti, ku ya kuba kona ukuvuka kwabafileyo, nokwabalungileyo, nokwabangalungile.
16Njalo ngi ya zama ukuba ngi be nenhliziyo e nge nacala kuTixo, na kubantu ngezikati zonke.
17Kwa ti ngasemva kweminyaka eminingi, nga fika ukuleta izipo esizweni sa kiti, nokutela iminikelo.
18Ikonake ba ngi fumana ngi hlanjululwe etempelini, ngi nge nasixuku, ngi nge namsindo, kepa ba be kona abaJuda abatile ba seAsia:
19Aba fanele ukuba kona pambi kwako, ba ngi cebe, uma be nendaba kimi.
20Na laba ma ba tyo bona, ba fumene isono sini kimi, ngi se mi empakatini.
21Ngapandhle kwa lelilizwi lodwa, enga li memezayo ngi mi pakati kwabo, lokuti, Ngokuvuka kwabafileyo ngi mangalelwa inina namhla.
22Kepa uFelise wa ba libazisa, e zazisa kahle izinto za lendhlela, e ti, Lapo uLisia induna enkulu e seukile, ngi ya kubuzisisa futi indaba yenu.
23Wa yala induna yekulu ukuba uPaule a gcinwe, a kululeke, ku nga nqatyelwa umuntu wa kubo ukumkonza nokuza kuye.
24Ngasemva kwezinsuku ezitile, wa fika uFelise nomkake uDrusila, o ngumJuda, wa biza uPaule, wa m lalela ngokukolwa uKristu.
25E sa shumayela ngokulunga, na ngokuzikuza, na ngokwahlula okuzayo, uFelise wa tutumela, wa pendula, wa ti, A ke u hambe manje; nxa ngi nesikati esifaneleyo ngi ya kukubiza.
26Wa etemba e ti u ya kupiwa uPaule imali, ukuba a m kulule: ngako wa m biza kaningi, wa kuluma naye.
27Se ku pelile iminyaka emibili, uPorkio Festu wa ngena esikundhleni sika Felise: uFelise e tanda ukubongwa abaJuda, wa m shiya uPaule e botyiwe.