1KWA ti se sahlukene nabo, sa muka, sa qonda sa ya eKose, ngangomso sa ya eRode, sa suka lapo sa ya ePatara:
2Sa fumana kona umkumbi u welela eFenike, sa ngena sa muka.
3Se si bone iKupro, sa dhlula ngakwesokohlo, sa qubela eSiria, sa fika eTire; ngokuba umkumbi wa u za kwetula kona impahla.
4Se si tolile abafundi, sa hlala kona izinsuku ezi isikombisa: ba ti bona ngoMoya kuPaule, a nga kupukeli eJerusalema.
5Nxa si qedile lezozinsuku, sa suka sa hamba; ba si pelekezela bonke, kanye nesifazana nabantwana, sa za sa fika ngapandhle komuzi; sa guqa ngamadolo ogwini, sa kuleka.
6Sa valelisana, sa ngena emkunjini tina, ba buyela ekaya bona.
7Se si qedile ukuhamba ngomkumbi se suka eTire, sa ya sa fika eTolemai, sa bingelela abazalwane, sa hlala nabo usuku lwa ba lunye.
8Ngangomso sa muka sa ya eKesaria: sa ngena endhlini ka Filipu umvangeli, wa kwaba isikombisa, sa hlala naye.
9Lomuntu wa e namadodakazi amane, izintombi eziprofetayo.
10Kwa ti, si sa hlezi kona izinsuku eziningi, kwehla umprofeti, e vela eJudia, igama lake li nguAgabo.
11Weza kitina, wa tabata ibande lika Paule, wa zibopa yena izandhla nezinyawo, wa ti, U tyo uMoya o ingcwele ukuti, Umnini wa lelibande, abaJuda ba ya kumbopa ngokunjalo eJerusalema, ba m nikele ezandhleni zabezizwe.
12Se si zwile loko, sa m ncenga tina naba kona, ukuba a nga kupukeli eJerusalema.
13Kodwa uPaule wa pendula, wa ti, Nenzani, ni kala, ni pula inhliziyo yami na? ngokuba se ngi lungele nokubotywa nokufa eJerusalema ngegama leNkosi uJesu.
14Kodwa, loku e nga nakwahlulwa, sa tula sa ti, Ma yenziwe intando yeNkosi.
15Emva kwa lezozinsuku, sa lungisa, sa kupukela eJerusalema.
16Kwa hamba nati abafundi ba seKesaria, ba si yisa kuMnasoni wa seKupero, umfundi omdala, e be si za kungenisa kuye.
17Se si fikile eJerusalema, abazalwane ba samkela ngokujabula.
18Ngangomso uPaule wa ngena nati kuJakobe; a e kona namalunga onke.
19Wa ba bingelela, wa ba landisa izinto zonke ngazinye, uTixo a be zenzile ezizweni ngomsebenzi wake.
20Se be zwile loko, ba dumisa uTixo; ba ti kuye, U ya bona, mzalwane, abaJuda abakolwayo ba izinkulungwane ezingaka, kepa bonke ba bambisisa umteto.
21Kodwa ba bikelwe ngawe, ukuti, u fundisa abaJuda bonke aba sezizweni, ukuba ba hlubuke uMosi, u ti, ma ba nga soki abantwana babo, ba nga hambi ngemikuba.
22Ku ini na? Nembala abantu ba ya kubutana, loku ba ya kuzwa ku tiwa u fikile.
23A kwenze loku, esi ku tyoyo kuwe, Ku kona amadoda a kiti amane a botyiwe ngesifungo;
24U wa tabate wona, u zihlambulule kanye nawo, u wa kokelele icala lawo, ukuze a pucule ikanda: kona ba ya kwazi bonke ukuba zi ize lezozinto, aba zi bikelwe ngawe; nokuba u sa hamba kahle u londa umteto.
25Kodwa ngabezizwe abakolwayo, se si lobile, sa ti, ba nga gcini luto olunjalo, kupela ba xwaye okuhlatyelwe otixo, negazi, nokuqumbeleneyo, nokuhlobonga.
26Kona uPaule wa tabata lawamadoda, ngangomso, e se zihlambulule kanye nawo, wa ngena etempelini, wa bika ukugcina kwezinsuku zokuhlanjululwa, ku ze ku nikelwe iminikelo yabo bonke.
27Kwa ti, se zi za kupela lezozinsuku, ezi isikombisa, abaJuda ba seAsia, be m bonile etempelini, ba vusa abantu bonke, ba m bamba,
28Ba memeza be ti, Madoda a kwa Israeli, yelekelelani: nangu muntu o fundisa bonke ezindaweni zonke, e pambene nabantu nomteto, na lendawo: futi u letile amaGreki etempelini, wa yona lendawo engcwele.
29(Ba be bonile ngapambili uTrofimu wa seEfesu, e naye emzini, aba be ti, uPaule u m ngenisile etempelini.)
30Umuzi wonke wa nyakaziswa, abantu ba tyetya ba butana: ba bamba uPaule, ba m hudulela ngapandhle kwetempeli; kwa valwa iminyango masinyane.
31Be sa zama ukumbulala, kwa bikelwa enduneni enkulu yebuto ukuti, iJerusalema lonke li ya nyakaziswa:
32Ya ti ya pangisa, ya tabata amabuto nezinduna zekulu, yehla ya gijimela kubo: ba ti ukuibona induna enkulu namabuto ba yeka ukumtyaya uPaule.
33Kona induna enkulu ya sondela, ya m tabata, ya yala ukuba a botywe ngamaketanga amabili; ya buza ukuba u ngubani, nokuba ku ini a kwenzileyo.
34Kodwa abanye ba memeza okunye, abanye okunye esixukwini: ya ti i nge nakwazi iqiniso ngenxa yomsindo, ya yala ukuba a yiswe enqabeni.
35Kwa ti, e se fikile esikwelweni, wa twalwa amabuto ngenxa yokukandana kwabantu.
36Ngokuba kwa landela isixuku sabantu, si ti, M suseni!
37Kepa uPaule, e se za kungeniswa enqabeni, wa ti enduneni enkulu, Ngi nga kuluma nawe na? Ya ti, U ya kwazi ukukulumisa okwamaGreki na?
38Nembala a u siye umEgipite lo, owa banga umsindo, ku nga ka fiki lezizinsuku, wa holela ehlane izicwelecwele ezi izinkulungwane ezine na?
39uPaule wa ti, Ngi umJuda wa seTarsu, umuntu wa semzini odumileyo wa seKilikia: kepa ngi ya ku ncenga, a ke u ngi vumele ngi kulume kubantu.
40E se m vumele, uPaule wema esikwelweni, wa qweba ngesandhla kubantu; se ku tulile kahle, wa shumayela ngolimi lwamaHeberu, e ti.