1KWA ti uApolo e se seKorinte, uPaule, e se dabulile izwe eli ngasenhla, wa fika eEfesu; wa fumana kona abafundi aba tile,
2Wa ti kubo, Ni m amkele uMoya o ingcwele, loku na kolwayo na? Ba ti kuye, A si zanga si zwe nokuba u kona uMoya o ingcwele.
3Wa ti kubo, Po, na bapatizwa ngakupi na? Ba ti, Ngokubapatiza kuka Johane.
4Wa ti uPaule, Yebo, uJohane wa bapatiza ngokubapatiza kokupenduka, e ti kubantu, a ba kolwe uyena o ya kuza emva kwake, oku ukuti uKristu uJesu.
5Se be zwile loku ba bapatizwa ngegama leNkosi uJesu.
6uPaule se e bekile izandhla pezu kwabo, kwa fika uMoya o ingcwele pezu kwabo, ba shumayela ngezilimi, ba profeta.
7Labobantu bonke ba be ngaba ishumi nambili.
8Wa e ngena endhlini yokusonta, wa shumayela ngesibindi, izinyanga za zintatu, e pikisa e bahlula ngezindaba zombuso ka Tixo.
9Kepa, loku abanye ba be lukuni, be nga kolwa, be shumayela kabi nga leyondhlela pambi kwabantu, wemuka kubo wa keta abafundi, wa shumayela imihla ngemihla esikoleni so nguTiranu.
10Kwa kwenziwa loko iminyaka emibili; njalo bonke aba be hlezi eAsia ba li zwa izwi leNkosi, nabaJuda namaGreki.
11uTixo wenza imisebenzi emikulu ngezandhla zika Paule:
12Kwa yiswa kwabagulayo amaduku nezingubo e be zi patene nomzimba wake, kwa suka izifo kubo, nomoya ababi ba puma.
13Kona abanye abaJuda, abandindayo, aba izanusi, ba linga ukubiza igama leNkosi uJesu pezu kwabo aba be nomoya ababi, be ti, Si ya ni fungisa uJesu o shunyayelwa uPaule.
14Kwa ku kona amadodana a isikombisa ka Sikeva, umJuda, umpristi omkulu, enza njalo.
15Wa pendula umoya omubi wa ti, uJesu ngi ya m azi, noPaule ngi ya m azi; kodwa nina ni ngobani na?
16Kona lomuntu owa be nomoya omubi wa ba vukela, wa bahlula, wa be namandhla ku nabo, ba baleka ku leyondawo, be hambaze, be limele.
17Kwezwakala loko kubo bonke aba be hlezi eEfesu, abaJuda namaGreki; bonke behlelwa uvalo, igama leNkosi uJesu la dunyiswa.
18Abaningi abakolwayo beza, ba vuma, ba i landa imisebenzi yabo.
19Nabaningi abatakatayo ba buta izincwadi zabo, ba zi tyisa pambi kwabo bonke; kwa balwa imali yentengo yazo, ya ti ya izinhlamvu zesiliva izinkulugwane ezimashumi a isihlanu.
20Njalo izwi leNkosi landa ngamandhla, lahlula.
21Se zi pelile lezozinto, uPaule wa qonda enhliziyweni yake, ukuya eJerusalema, e dabula iMakedonia neAkaya, e ti, Se ngi yile kona, ku fanele ngi ye ngi bone neRoma.
22Wa tuma ababili kwabamkonzayo, uTimote noErasto, ba ye eMakedonia, kepa wa hlala yena eAsia isikati.
23Kwa vela nga lesosikati umsindo omkulu nga leyondhlela.
24Kwa ku kona umuntu, igama lake li nguDemetrio, umkandi wesiliva, owenza izitombe zesiliva zika Diana, wa fuyisa abalumbi imali eningi;
25Wa ba buta laba nabasebenzayo imisebenzi e njalo, wa ti, Madoda, ni yazi ukuba nga lomsebenzi si zuza imfuyo yetu.
26Ni ya bona, ni zwile ku tiwa, uPaule lo u beduse abantu abaningi ngokuncenga, ku nge sibo aba seEfesu lodwa, kepa naba seAsia la za la cityu ukupela lonke, e ti, A sibo otixo abenziwe ngezandhla.
27Ngako a siwo umsebenzi wetu wodwa u sengozini yokudelelwa, kodwa itempeli lotixo omkulu uDiana, li za kweiswa, ku ze ku citwe ubukulu bake, eli m konzayo iAsia lonke nezwe lonke.
28Ba ti ukuzwa loku, ba tukutela kakulu; ba memeza be ti, Umkulu uDiana waba seEfesu.
29Umuzi wonke wa xokozela: ba gijimela nganhliziyonye endaweni yokubuka, se be bambile uGayo noAristarku, abantu ba seMakedonia, aba m pelekezela uPaule.
30uPaule wa tanda ukungena kubantu, kepa abafundi a ba m vumela.
31Za ti ezinye izikulu za seAsia, ezi tandana naye; za tumela kuye; zi ncenga ukuba a nga zinikeli endaweni yokubuka.
32Njalo abanye ba memeza okunye, nabanye okunye: ngokuba be li pitiza ibandhla; abaningi ba be ngazi ukuba ba butene ngani.
33Kona ba m kipa uAlesandro ebantwini, abaJuda ba m qubela ngapambili. uAlesandro wa qweba ngesandhla, e funa ukuzipendulela ebantwini.
34Se bazi ukuba u ngumJuda, kwa suka izwi la linye kubo bonke, be memeza amahora a nga ba mabili, be ti, Umkulu uDiana waba seEfesu!
35Umbali womuzi e se ba tulisile abantu, wa ti, Madoda a seEfesu, u mupi umuntu ongaziyo ukuba umuzi waba seEfesu u ngumkonzi ka Diana omkulu nowesitombe esehla kuJupetere na?
36Loku lezizinto zi nge pikwe umuntu, nga be ni tula, ni ngenzi luto ngokupangisa,
37Ngokuba se ni lete lapa lababantu, aba nge sibo abapangi bamatempeli nabatuki botixo wenu.
38Ngako uma uDemetrio nabalumbi aba naye, be necala kumuntu, zi kona izinsuku zokuteta amacala, a kona namakosi, ma ba mangalelane bodwa.
39Kepa uma ni funa uto lwezinye izindaba, ku ya kunqanyulwa ebandhleni elimisiweyo.
40Ngokuba si nga mangalelwa ngomsindo wa namhla, loku si nge nakupendula nga lokukuxokozela.
41Se e tyilo loko, wa mukisa ibandhla.