1KWEHLA abantu, be vela eJudia, ba fundisa abazalwane, be ti, Uma ni nga soki ngemvelo ka Mosi, ni nge sindiswe.
2Njalo oPaule noBarnaba bahlukana nabo, ba pikisana kakulu; ba tyo ukuba uPaule noBarnaba nabanye ba kubo ba kupukele eJerusalema kubapostoli namalunga nga leyondaba.
3Kona be pelekezelwe ibandhla, ba dabula iFenike neSamaria, ba landisa ukupenduka kwabezizwe, benza ukujabula okukulu kubo bonke abazalwane.
4Se be fikile eJerusalema, bamkelwa ibandhla nabapostoli namalunga; ba landisa konke uTixo a be kwenzele bona.
5Kodwa kwesuka abanye bohlobo lwabaFarisi abakolwayo, be ti, Ku fanele ukubasoka nokubayala ba londe umteto ka Mosi.
6Kwa butana abapostoli namalunga ukuze ba bone nga leyondaba.
7Se be pikisene kakulu, wesuka uPetro, wa ti kubo, Madoda, bazalwane, ni yazi se ku kade uTixo wa ngi keta kitina, ukuba ngomlomo wami abezizwe ba li zwe izwi levangeli, ba kolwe.
8uTixo o yazi inhliziyo wa ba qinisela, e ba pa uMoya o ingcwele, njengaloku e be si pile tina.
9Ka sahlukanisanga tina nabo, e hlanza izinhliziyo zabo ngokukolwa.
10Po! ni m lingelani uTixo ngokubeka ijokwe entanyeni yabafundi, aba nga banga namandhla okulitwala obaba betu, nati a si nawo?
11Kodwa si ya kolwa ukuti, si ya kusindiswa ngomusa weNkosi uJesu, njengabo ba sindiswa.
12Kona ibandhla lonke la tula; ba lalela oBarnaba noPaule, be landisa izibonakaliso nezimangaliso, uTixo a be xenzile kwabezizwe ngabo.
13Se be tulile, uJakobe, wa pendula, wa ti, Madoda, bazalwane, ngi laleleni:
14uSimone u landile, wa ti, uTixo wa hamba abezizwe kuqala, ukuze a li tabatele igama lake abantu kubo.
15Namazwi abaprofeti a vumelana na loku, njengokulotyiweyo ukuti,
16Emva kwa loku ngi ya kubuya, ngi yake indhlu ka Davida ewileyo; ngi ya kwaka ukuciteka kwayo, ngi i mise:
17Ukuze abaseleyo ebantwini ba funisise iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, i tyo iNkosi e kwenza loku.
18Kwaziwa uTixo imisebenzi yonke yake, iloku kwa dabuka izwe.
19Ngako ngi ti mina; ma si nga ba katazi abezizwe abapendukela kuTixo:
20Kodwa ma si ba lobele incwadi yokuba ba yeke amanyala emifanekiso, nokuhlobonga, nokuqumbeleneyo, negazi.
21Ngokuba uMosi, kwa ku sendulo, emzini yonke, e nabo abamshumayelayo, e fundwa, ezindhlini zokusonta amasabata onke.
22Kona kwa ba kuhle kubapostoli namalunga, kanye nebandhla lonke, ukuba ba tumele eAntioki abantu abaketiweyo kubo, kanye noPaule noBarnaba; ba be nguJuda o tiwa uBarsaba, noSila, izikulu ebazalwaneni;
23Ba loba incwadi, i petwe ibo, yokuti, Ababostoli namalunga nabazalwane ba ya bingelela abazalwane ba kwabezizwe ba seAntioki, naba seSiria, naba seKilikia:
24Loku be si zwile ku tiwa abanye aba puma kitina, ba ni kataza ngamazwi, be zona izinhliziyo zenu, be ti, Nga ni soka, ni londe umteto; a si tyongo njalo kubo:
25Se si hlangene nganhliziyonye, be si ti kuhle, ukuba si tumele kini abantu abaketiweyo, kanye noBarnaba noPaule abatandiweyo betu,
26Abantu aba dele ukupila kwabo ngegama leNkosi yetu uJesu Kristu.
27Ngako se si tumile uJuda noSila, aba za kunityela lezizinto ngomlomo.
28Ngokuba se ku kuhle kuMoya o ingcwele na kitina, ukuba si nga ni twesi umtwalo omkulu ku na lezizinto ezifanelekileyo zokuti,
29Ukuyeka okuhlatyelwe imifanekiso, negazi, nokuqumbeleneyo, nokuhlobonga; uma ni zilinda ku lezo, ni ya kulunga. Salani kahle.
30Se be mukisiwe, ba ya eAntioki; ba mema ibandhla, ba li nika incwadi.
31La ti ukuifunda, la tokoza ngokululeka kwayo.
32Futi uJuda noSila, loku ba be abaprofeti nabo, ba luleka abazalwane ngamazwi amaningi, ba ba qinisa:
33Ba hlala kona isikati, ba buya bemuka kubazalwane, be tokoza ba ya kubapostoli.
34[Kepa kwa ba kuhle kuSila ukuba a sale kona.]
35Futi uPaule noBarnaba ba hlala eAntioki, be fundisa, be shumayela izwi leNkosi, kanye nabanye abaningi,
36Kepa emva kwezinsuku uPaule wa ti kuBarnaba, A si buye si hambe abazalwane emizini yonke esi shumayele izwi kuyo, si bone ukuba ba hlezi kanjani.
37Wa ti uBarnaba, ma ba m tabate uJohane o tiwa uMarko, ba hambe naye.
38Kodwa uPaule wa ti, a ku fanele ukuba a tatyatwe, loku wahlukana nabo ePamfilia, e nga yanga nabo emsebenzini.
39Ku njalo ba pikisana, ba za bahlukana; uBarnaba wa tabata uMarko, wa ya eKipro e hamba ngomkumbi;
40uPaule wa keta uSila, wemuka, e nikelwe abazalwane emuseni ka Tixo.
41Wa dabula iSiria neKilikia e qinisa amabandhla.