1ABAPOSTOLI nabazalwane aba be seJudia bezwa ku tiwa izizwe zi lamkele izwi lika Tixo.
2uPetro se e kupukele eJerusalema, abokusoka ba pikisana naye,
3Be ti, Wa ngena kubantu aba nga sokanga, wa dhla nabo.
4Kepa uPetro wa qala wa ba tyelisisa ngokulandisa, e ti,
5Be ngi semzini wa seJopa ngi kuleka: ngehlelwa isiyezi, nga bona isibonakaliso, kwehla isitya, ku nga ti ingubo enkulu, yehliswa ezulwini ngamacopo amane, ya fika kimi:
6Nga i bheka, nga qonda, nga bona izilwane zomhlaba ezi nezinyawo ezine, nezilo za sendhle, nezihululeka, nezinyoni zezulu.
7Ngezwa izwi li ti kimi, Suka, Petro, u hlabe, u dhle.
8Nga ti, Ai, Nkosi, ngokuba a ku zanga ku ngene emlonyeni wami into embi nengadhliwayo.
9Kwa pinda kabili izwi li vela ezulwini, la ngi pendula ngokuti, Loko a ku hlanzile uTixo, u nga tyo wena ukuti kubi.
10Loko kwa pindwa katatu: kwa buya konke kwa kutyulelwa ezulwini.
11Bheka, ku se ku fike endhlini, enga ngi kuyo, abantu abatatu aba tunyelwe kimi, be vela eKesaria.
12Kona uMoya wa tyo kimi ukuba ngi hambe nabo, ngi nga ngabazi luto. Ba ngi pelekezela lababazalwane aba isitupa, sa ya sa ngena endhlini ya lowomuntu:
13Wa si tyela ukubona kwake ingelosi endhlini yake, i mi i ti kuye, Tuma abantu, ba ye eJopa, u bize uSimone, o tiwa uPetro.
14U ya kukutyela amazwi, o ya kusindiswa ngawo, wena nayo yonke indhlu yako.
15Ngi sa qala ukushumayela, behlelwa uMoya o ingcwele, njengati sehlelwa uyena kuqala.
16Kona nga kumbula izwi leNkosi lokuti, uJohane wa bapatiza ngamanzi, kodwa nina ni ya kubapatizwa ngoMoya o ingcwele.
17Njalo uma uTixo wa ba pa isipo, njengaloku u si pe tina aba kolwa iNkosi uJesu Kristu, poke, ngi ngubani mina, ukuba ngi m pikise uTixo na?
18Se be zwa loku ba tula, ba bonga uTixo be ti, Nembala uTixo u nikile abezizwe ukupenduka, ba pile.
19Njalo labo aba be hlakazekile ngokuhlutywa okwesuka ngoStefano, ba hamba ba ya eFenike, na seKupro, na seAntioki, ba shumayela izwi kubaJuda bodwa, be nga shumayeli kwabanye.
20Abanye kubo ba be ngabantu ba seKupro na ba seKurene; se be fikile eAntioki, ba kuluma kumaGreki, be shumayela ivangeli leNkosi uJesu.
21Isandhla seNkosi sa si nabo; ba kolwa abaningi, ba pendukela eNkosini.
22Kwezwakala indaba yaloku ezindhlebeni zebandhla la seJerusalema: kwa tunywa uBarnaba, ukuba a ye Antioki.
23Se e fikile, wa bona umusa ka Tixo, wa ba yala bonke ukuba ba namatele eNkosini ngokuqina kwenhliziyo.
24Wa e ngumuntu olungileyo, e gcwele uMoya o ingcwele nokukolwa: kwenezezelwa abantu abaningi eNkosini.
25Kona uBarnaba wemuka, wa ya eTarsu, e ya kufuna uSauli.
26Se e m fumene, wa m yisa eAntioki. Ba be butana nebandhla wa za wa pelela umnyaka, ba fundisa abantu abaningi: kwa qala eAntioki abafundi ba tiwa abaKristu.
27Nga lezozinsuku kwa fika abaprofeti eAntioki, be vela eJerusalema.
28Kwesuka omunye kubo, igama lake uAgabu, wazisa ngoMoya ukuti, ku za kuba kona indhlala enkulu ezweni lonke; ya fika emihleni ka Klaudio Kesari.
29Abafundi ba zimisela, ku be ilowo ngokwemfuyo yake ukuba ba tume, ba ba size abazalwane aba hlezi eJudia.
30Benza njalo, ba tumela emalungeni ngezandhla zika Barnaba noSauli.