1KWA ku kona eKesaria umuntu, igama lake uKornelio, e induna yekulu yebuto okutiwa ela seTali,
2E ngumuntu okolekayo, nowesaba uTixo, yena nayo yonke indhlu yake, wa babela abantu kakulu, wa kuleka kuTixo njalonjalo.
3Ngehora ku nga ti lesishiyagalolunye lemini, wa i bonisisa ngesiboniso ingelosi ka Tixo i ngena kuye, i ti kuye, Kornelio.
4Wa i bheka, wesaba, wa ti, Ku ini, Nkosi? Ya ti kuye, Ukukuleka kwako, nokwabela kwako, kwenyukile ku isikumbuzo pambi kuka Tixo.
5A ku tume abantu, ba ye eJopa, u bize uSimone, o tiwa uPetro:
6U ngenisile kuSimone umkuhli, indhlu yake i nga selwandhle. Lowo u ya kukutyela o nga kwenzayo.
7Se i mukile ingelosi eya shumayela kuKornelio, wa biza izinceku zake ezimbili, nebuto elikolekayo kwababambelele kuye;
8Se e ba tyelile konke loko, wa ba tuma eJopa.
9Ngangomso, be sa hamba, be sondela emzini, uPetro wenyukela pezu kwendhlu, ukuba a kuleke, ku nga ba ihora lesitupa:
10Wa lamba kakulu, wa tanda ukudhla: kodwa be sa lungisa, wehlelwa isiyezi,
11Wa bona izulu li vulekile, nesitya sehlela kuye, kwa nga ti ingubo enkulu, i botyiwe ngamacopo amane, yehliselwa emhlabeni:
12Kwa ku kona pakati kwayo izilwane zonke zomhlaba ezi nezinyawo ezine, nezilo za sendhle, nezihululeka, nezinyoni zezulu.
13Kwa fika kuye izwi li ti, suka, Petro, u hlabe, u dhle.
14uPetro wa ti, Ai, Nkosi; ngokuba a ngi zanga ngi dhle into embi nengadhliwayo.
15Izwi la buya la fika kuye ngokwesibili, ti ti, Loko a ku hlanzileyo uTixo, u nga tyo wena ukuti kubi.
16Loko kwa pindwa katatu: isitya sa buya senyuselwa ezulwini.
17uPetro e sa cabanga ukuba ku tini lesosiboniso a be si bonile, bheka, abantu aba be tunyiwe uKornelio, se be buzile indhlu ka Simone, bemi esangweni.
18Ba biza, ba buza ukuba ku ngenisile kona uSimone, o tiwa uPetro.
19uPetro, e sa zindhla isiboniso, uMoya wa ti kuye, Nampa abantu abatatu, be ku funa.
20A ke u suke, wehle, u hambe nabo, u nga ngabazi luto, loku ngi ba tumile mina.
21Kona uPetro wehlela ku labobantu abe be tunyiwe uKornelio, ba ye kuye, wa ti, Bhekani, imina eni m funayo: ku indabani eni ze ngayo na?
22Ba ti, uKornelio, induna yekulu, umuntu olungileyo nomesaba uTixo, o dunyiswa isizwe sonke sabaJuda, wa yalwa ingelosi engcwele, ukuba a ku bize u ze endhlini yake ezwe amazwi kuwe.
23Kona wa ba ngenisa endhlini, wa bamkela. Ngangomso uPetro wemuka nabo, ba m pelekezela abanye abazalwane ba seJopa.
24Ngangomso ba ngena eKesaria, uKornelio wa e sa ba linda, se e bizile aba kubo nezihlobo zake ezikulu.
25Kwa ti, uPetro e sa ngena, uKornelio wa m hlangabeza, wa wa ezinyaweni zake, wa kuleka.
26Kodwa uPetro wa m vusa, e ti, Sukume: nami ngi ngumuntu nje.
27E sa kuluma naye, wa ngena, wa fumana abaningi aba be butene kona.
28Wa ti kubo, Ni yazi ukuba kwalekile umuntu o ngumJuda a hlangane nowezizwe, eze kuye; kepa uTixo u ngi bonisile ukuba ngi nga tyo kumuntu ukuti, mubi nongahlanzekile.
29Njalo lapa ngi biziwe, ngeza, ngi nga libalanga; ngi ya buza, ni ngi bizeleni na?
30Wa ti uKornelio, Se ku izinsuku ezine iloku nga ngi zila ukudhla kwa za kwa ba lelihora; ngehora lesishiyagalolunye nga kuleka endhlini yami, kwema umuntu pambi kwami, embete ingubo ekazimulayo.
31Wa ti, Kornelio, ku zwakele ukukuleka kwako, umusa wako u kunjulwe pambi kuka Tixo.
32A ke u tume eJopa, u bize uSimone, o tiwa u Petro; u ngenisile endhlini ka Simone umkuhli, ngaselwandhle: se e fikile wo ku shumayeza.
33Njalo nga tyetya nga tuma kuwe: wenze kahle wena ngokufika. Kaloku se si kona sonke pambi kuka Tixo, ukuba si zwe konke o ku yalelwe uTixo.
34Kona uPetro wa vula umlomo wake, wa ti, Nembala, ngi ya bona ukuba uTixo ka naki isimo somuntu:
35Kodwa ezizweni zonke omesabayo, nokwenza ukulunga, u yamkelwa uye.
36Izwi uTixo a li tumela kubantwana baka Israeli, e shumayela ukutula ngoJesu Kristu: (u iNkosi yabo bonke yena.)
37Ni ya lazi lelozwi eli menyezelwe eJudia lonke; la qala eGalile, emva kokubapatizwa a ku shumayelayo uJohane;
38Lokuti uTixo wa m gcoba uJesu wa seNazareta ngoMoya o ingcwele na ngamandhla; owa hamba njalo enza umusa, e pilisa bonke aba be kwelwe uSatani; ngokuba uTixo wa be naye.
39Nati si ngofakazi bako konke a kwenzayo ezweni labaJuda na seJerusalema; ba m bulala, ba m panyeka emtini:
40Lowo uTixo wa m vusa ngosuku lwesitatu, wa m bonakalisa obala;
41Ka m bonakalisanga kubantu bonke, kodwa kofakazi aba miselwa uTixo ngapambili, itina esa dhla, sa puza naye emva kokuvuka kwake kwabafileyo.
42Wa si yala ukuba si shumayele kubantu, si qinise ukuti uyena o miselwe uTixo, a be umahluli wabapilayo nabafileyo.
43Abaprofeti bonke ba qinisa ngaye ukuti, bonke abakolwa uye ba ya kutetelelwa izono ngegama lake.
44uPetro e sa shumayela lezizindaba, ba se behlelwa uMoya o ingcwele bonke aba li zwayo izwi.
45Abokusoka abakolwayo, aba beze noPetro, ba mangala loku isipo sika Moya o ingcwele si telwe na kwabezizwe.
46Ngokuba be bezwa be shumayela ngezilimi, be dumisa uTixo. Kona uPetro wa pendula, wa ti,
47Amanzi a nqatywa umuntu, ukuba ba nga bapatizwa laba aba piwe uMoya o ingcwele njengati na?
48Wa ba yala ukuba ba bapatizwe ngegama leNkosi. Kona ba m ncenga ukuba a ke a hlale izinsukwana.