1KWA ti ngasemva kwaloku uDavida wa tyaya amaFilisti, wa wa hlula, uDavida wa tata iMeteg-Amma esandhleni samaFilisti.
2Wa tyaya iMoabi, wa ba linganisa ngentambo, wa ba lalisa emhlabatini wa ba linganisa ngezintambo ezimbili ukubabulala nangentambo enye e peleleyo, ukuba pilisa. Ngako aba seMoabi ba ba izinceku zika Davida ba leta izipo.
3uDavida wa tyaya uHadadeza, indodana ka Rehobi, inkosi yaseZoba, ekuhambeni kwake ukuhlasela emfuleni uUfrate.
4uDavida wa tata kuye, izinqola ezi inkulungwane, naba kwel 'amahashi aba ngamakulu a isikombisa, naba hamba ngezinyawo izinkulungwane ezi ngamashumi amabili, uDavida wa nquma imisipa yawo onke amahashi ezinqola, kodwa wa shiya kuwo a nele izinqola ezi ikulu.
5Lapo amaSiria aseDamaseku a fika ukusiza uHadadeza, inkosi yaseZoba, uDavida wa bulala abantu aba izinkulungwane ezi ngamashumi amabili nambili kumaSiria.
6uDavida wa ngenisa amabuto eSiria laseDamaseku, amaSiria a ba izinceku zika Davida, a leta izipo. uJehova wa m londa uDavida kuyo yonke indhlela a hamba ngayo.
7uDavida wa tata izihlangu zegolide eza zi sezincekwini zika Hadadeza, wa zi leta eJerusalema.
8uDavida inkosi wa tata itusi eliningi eBeta naseBerotai imizi ka Hadadeza.
9Lapo uToi inkosi yaseHamati, e zwa ukuti, uDavida u bulele yonke impi yakwa Hadadeza.
10uToi wa tuma uJoramu indodana yake kuDavida inkosi, ukumbingelela nokumbusisa, ngokuba wa e lwile noHadadeza wa mahlula, ngokuba uHadadeza wa e kade e lwa noToi. uJoramu wa pata izitya zesiliva, nezitya zegolide nezitya zetusi.
11uDavida, inkosi, a zi nika uJehova kanye nesiliva negolide a e li tatile kuzo zonke izizwe a e za hlulile;
12eSiria naseMoabi, nakubantwana baka Amoni, nakumaFilisti na seAmaleki; nempango ka Hadadeza indodana ka Rehobi, inkosi yaseZoba.
13uDavida wa zenzela igama ekubuyeni kwake ukubulala amaSiria esigodini sika saoti, be ngamadoda a izinkulungwane ezi ishumi nesishiyagalombili.
14Wa beka amabuto eEdomi, kulo iEdomi lonke wa beka amabuto, nabo bonke aba seEdomi ba ba izinceku zika Davida, uJehova wa busisa uDavida konke lapa e ya kona.
15uDavida wa busa abaIsraeli bonke, uDavida wenza ukwahlula nokulunga kubantu bonke bake.
16uJoabi, indodana ka Zeruia wa e pezu kwempi noJehoshafati, indodana ka Ahiludi wa e umbali.
17uZadoki indodana ka Ahitubi noAhimeleki, indodana ka Abiata ba be abapristi, uSeraia wa e umbali.
18uBenaia indodana ka Jehoida wa e pezu kwamaKereti, namaPeleti, namadodana ka Davida a e izinduna ezinkulu.