1KWA tike lapo inkosi i hlezi endhlini yayo noJehova e yi pumuzile ezindaweni zonke eziteni zayo.
2Kwa ti inkosi ya ti kuNatani umprofiti, bheka manje, ngi hlezi endhlini e yakiwe ngesedare, kodwa umpongolo ka Tixo u hlezi ngapakati kwezindwangu.
3Wa ti uNatani enkosini hamba, wenze konke oku senhliziyweni yako, ngokuba uJehova u nawe.
4Kwa ti ngalobo 'busuku izwi lika Jehova la fika kuNatani, li ti,
5Hamba u tyele inceku yami uDavida, u ti, uJehova U ya kungakela indhlu, ukuba ngi hlale kuyo na?
6Ngokuba a ngi hlalanga endhlini se loku nga kupula abantwana baka Israeli Egipite, ku ze ku be namhla, kodwa ngi hambile etenteni na sopahleni kupela.
7Kuzo zonke izindawo e ngi hambe kuzo, nabo bonke abantwana, baka Israeli, ngake nga kuluma izwi kuyo imindeni yakwa Israeli e nga tyo kuyo ukuti, ma i nike abantu bami uIsraeli ukudhla nga ti a ni ngakeli ngani indhlu yesedare na?
8Ngakoke u ya kutyo encekwini yami uDavida, u ti, u tyo njalo uJehova wamabandhla, nga ku kipa esibayeni sezimvu, nasekulandeleni izimvu ukuba u be inkosi pezu kwabantu bami, pezu kweIsraeli.
9Futi, nga ngi nawe kuyo yonke indawo o wa hamba kuyo, nga nquma zonke izita zako emehlweni ako, nga kwenza u be negama elikulu njengegama labantu abakulu aba semhlabeni.
10Futi ngi ya kumisa indawo yabantu bami uIsraeli, ngi ba tyele ukuba ba hlale endaweni yabo, ba nga be be sa qubeka, ba nga be be sa hlutywa abantwana bobubi, futi njengakuqala.
11Se loku kwa qala ngesikati e nga misa ngaso ababusi pezu kwabantu bami abaIsraeli, ngi kwenzile ukuba u pumele kuzo zonke izita zako. Futi uJehova, u ya kutyela ukuba u ya kukwenzela indhlu.
12Lapo izinsuku zako se zi pelile, u ya kulala noyihlo nawe, ngi ya kumisa inzalo yako emva kwako e ya ku puma ematunjini ako, futi ngi ya kuqinisa umbuso wake.
13U ya kwakela igama lami indhlu, futi ngi ya kuqinisa isihlalo sobukosi sombuso wake ku ze ku be pakade.
14Ngi ya kuba uyise, naye u ya kuba indodana yami; uma enza okubi, ngi ya kumtyaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.
15Kodwa umusa wami a u yi kusuka kuye njengokususa kwami umusa kuSauli e nga m susa ngapambi kwako.
16Indhlu yako nombuso wako u ya kumiswa njalo ngapambi kwako, ubukosi bako bu ya kuma ku ze ku be pakade.
17Njengawo onke lawamazwi, nanjangaso sonke lesi 'sibonakaliso, uNatani wa kuluma kuDavida.
18Ya se i ngena inkosi uDavida ya hlala ngapambi kuka Jehova, ya ti, ngi ubani mina Jehova, Tixo, nendhlu yami i yini, ukuze u ngi lete lapa?
19Loku kwa ku into encane emehlweni ako Jehova, Nkosi, kodwa u kulumile futi ngendhlu yenceku yako ku ze ku be isikati eside esizayo, ku umkuba wabantu Jehova, Tixo, na?
20uDavida a nga tini futi kuwe na? ngokuba wena Jehova, Tixo, u ya yazi inceku yako.
21Ngenxa yegama lako nangenhliziyo yako wenzile zonke lezi 'zinto ezinkulu ukwenza inceku yako ukuba i zazi.
22Ngako umkulu Jehova Tixo ngokuba akuko o fana nawe; ayiko futi enye inkosi ngapambi kwako njengako konke e si ku zwileyo ngezindhlebe zetu.
23I si pi isizwe nesi sodwa emhlabeni esi njengabantu bako, bona abakwa Israeli, aba kululwa Inkosi ukuba ba be abantu bayo, noku m enzela igama, nokukwenzela izinto ezinkulu nezesabekayo, ngenxa yezwe lako, ngapambi kwabantu bako o wa ba kululayo wena Egipite, ezizweni na sezitombeni zazo.
24Ngokuba wa ziqinisela abantu bako abaIsraeli ukuba ba be abako ku ze ku be pakade; wena, Jehova u zenzile u be uTixo wabo.
25Manje Nkosi Tixo, izwi o li kulumileyo ngenceku yako, nangendhlu yayo li qinise ku be ungunapakade, wenze njengokutyo kwako.
26Wenze igama lako li be likulu njalo, li ti, uJehova wamabandhla u Inkosi pezu kweIsraeli; nendhlu yenceku yako uDavida i me njalo, ngapambi kwako.
27Ngokuba wena, Jehova wamabandhla Tixo ka Israeli, u tyilo encekwini yako, wa ti, ngi ya kukwakela indhlu; ngako inceku yako i tolile enhliziyweni yayo ukukuleka loku kuwe.
28Manje Jehova Tixo, wena u inkosi namazwi ako a qinile, u tembisile loku okuhle encekwini yako.
29Ngako manje ma u busise indhlu yenceku yako ukuba i me njalo ngapambi kwako, ngokuba wena Jehova Tixo u ku kulumile njengesibusiso sako, indhlu yenceku yako ma i busiswe ku ze ku be pakade.