1KWA ba kona indhlala esikatini sika Davida, iminyaka emitatu, i landelana; uDavida wa buza kuJehova, uJehova wa m pendula wa ti, Ku ngenxa ka Sauli, nangenxa yendhlu yake yegazi, ngokuba wa bulala amaGibeoni.
2Inkosi ya biza amaGibeoni ya ti kuwo; (amaGibeoni a e nge sibo abantwana baka Israeli, ba be inzalo yamaAmori; abantwana baka Israeli ba be fungile kubo; uSauli wa linga ukubabulala, ngokukutala kwake ku bantwana baka Israeli noJuda.)
3Wa ti uDavida kumaGibeoni, ngi nga nenzela ntoni mina na? Ngi ni hlaulele ngani, ukuze ni busise ifa lika Jehova na?
4AmaGibeoni a ti kuye, a si yi kwamkela isiliva negolide kuSauli na kwa bendhlu yake; nangenxa yetu wena a u yi kubulala muntu noyedwa kwaIsraeli, wa ti yena, E ni ku tyoyo, ngi ya ku nenzela kona.
5Ba pendula inkosi ba ti, Umuntu o wa si bulalayo, no wa si hlanganyelayo ukuba si qedwe si nga sali kuwo wonke amazwe a kwa Israeli,
6Ma si nikwe a isikombisa kumadodana ake si wa panyeke kuJehova eGibea lika Sauli o wa ketwa uJehova. Ya ti inkosi, Ngi ya kuninika bona.
7Kodwa inkosi ya m sindisa uMefibosheti indodana ka Jonatani indodana ka Sauli ngenxa yesifungo sika Jehova e sa si pakati kwabo, pakati kuka Davida noJonatani indodana ka Sauli.
8Kodwa inkosi ya tata amadodana amabili ka Rizpa, indodakazi ka Aia, a e wa zalele uSauli, uArmoni noMefibosheti; namadodana a isihlanu ka Mikali indodakazi ka Sauli a e wa zalele uAdrieli indodana ka Barzillai umMeholati.
9Wa ba nikela ezandhleni zamaGibeoni, ba ba panyeka entabeni ngapambi kuka Jehova; ba wa isikombisa kanyekanye, ba bulawa ezinsukwini zokuvuna, ezinsukwini zokuqala, ku sa qalwa ukuvuna ibarle.
10uRizpa indodakazi ka Aia, wa tata indwangu yamasaka wa zendhlalela yona pezu kwetye, kwa suka ekuqaleni kokuvuna kwa za kwehlela imvula pezu kwabo i vela ezulwini, a ka vumelanga izinyoni zezulu ukuba zi hlale pezu kwabo emini, nezilwane za sendhle ebusuku.
11Kwa tyelwa uDavida okwenziwa uRizpa indodakazi ka Aia, isixebe sika Sauli.
12uDavida wa hamba wa tata amatambo ka Sauli namatambo ka Jonatani indodana yake, kubantu ba seJabesh-Giladi a ba be webile emgwaqweni wa seBet-Shani, lapo amaFilisti a e ba panyeke kona emva kokubulala uSauli eGilboa.
13Wa tata kona amatambo ka Sauli namatambo ka Jonatani indodana yake; ba buta namatambo a ba be panyekiwe.
14Amatambo ka Sauli, na ka Jonatani indodana ba wa mbela ezweni la kwa Benjamini eZela, etuneni lika Kishi uyise; ba kwenza konke okwayalezwa inkosi. Ngasemva kwa loko, uTixo wa nxuswa ngenxa yezwe.
15AmaFilisti a lwa futi naba Israeli; uDavida wehla nezinceku yake, wa lwa namaFilisti; uDavida wa pel 'amandhla.
16uIshbi-benobi, wa kumadodana esiqwaga, isisindo somkonto wake sa si amashekeli etusi a amakulu amatatu, e hlome inkemba entya, wa cabanga ukubulala uDavida.
17Kodwa uAbishai indodana ka Zeruia wa m sindisa, wa m tyaya umFilisti wa m bulala. Amadoda a kwa Davida a e se funga, e ti, a u sa yi kupinda u pume impi nati, ku nga ze ku cime ukukanya kuka Israeli.
18Kwa ti ngasemva kwa loko, kwa ba kona impi futi namaFilisti eGobi; uSibekai umHushati wa bulala uSafi, o wa e ngowamadodana esiqwaga.
19Kwa ba kona futi impi namaFilisti eGobi lapo uElhanani indodana ka Jareoregimu umBetlehema, wa bulala umfo wabo ka Golia umGiti, uti lomkonto wake lwa lu ugongolo.
20Kwa ba kona impi futi lapo kwa ku kona umuntu omkulu o wa e neminwe e isitupa ezandhleni zombili; nezinzwani ezi isitupa ezinyaweni zombili, ku amashumi amabili nane konke, naye futi wa zalwa isona isiqwaga.
21Lapo e yisa uIsraeli, uJonatani indodana ka Shimea umfo wabo ka Davida, wa m bulala.
22Laba bo bane ba zalwa i leso siqwaga eGati, ba wa ngesandhla sika Davida, na ngesandhla sezinceku zake.