1EMVA kokufa kuka Sauli, uDavida e se buyile ekuhlaseleni kwake amaAmaleki, uDavida e hlezi izinsuku ezimbili eZiklagi;
2Kwa ti, ngosuku lwesitatu, bheka umuntu wa puma, ekamu lika Sauli izingubo zake zi datyuliwe nomhlabati u sekanda lake, kwa ti e se fikile kuDavida wa ti mbo pansi wa kuleka.
3uDavida wa ti kuye, U velapi na? Wa pendula wa ti kuye, ngi punyuke ekamu labaIsraeli.
4uDavida wa ti kuye, Ku yini loku na? Ngi tyele pela, Wa pendula wa ti, abantu ba balekile empini, abaningi abantu ba file, uSauli noJonatani, indodana yake, ba file nabo.
5uDavida wa ti ku leyo 'nsizwa e ya m tyela loko, wazi ngani ukuba uSauli noJonatani indodana yake ba file na?
6Insizwa leyo ya ti, kwa ti ngi sentabeni yaseGilboa, bheka uSauli e ncika ngomkonto wake; kwa ti futi abezinqola nabamahashi ba m landela ngamandhla.
7Lapo e buka emva, wa ngi bona, wa ngi biza.
8Wa ti kimi, U ngubani wena na? Nga pendula, nga ti, Ngi ngowakwaAmaleki.
9Wa tike, yima eduze nami, u ngi bulale, ngokuba inhlupeko i ngehlele ngenxa yokupila oku kimina.
10Ngako ngema eduze naye, nga m bulala, ngokuba nga bona ukuti a ka yi kupila, e se wile, nga tata umcele, o wa u sekanda lake, ngi u letile lapa kuyo inkosi yami.
11uDavida wa zi bamba izingubo zake, wa zi dabula, nawo onke amadoda a e naye, enza njalo futi.
12Ba lila, ba kala, ba zila, kwa ze kwa hlwa, ngenxa kaSauli noJonatani indodana yake nangabantu baka Jehova nangendhlu kaIsraeli, ngokuba be wile ngenkemba.
13uDavida wa ti kuyo insizwa e m tyelile, u ngowapi na? Ya pendula ya ti, ngi indodana yomuntu wesizwe sakwaAmaleki.
14uDavida wa ti kuye, a wesabanga ngani ukwelula isandhla sako ukubulala ogcotyiweyo ka Jehova na?
15uDavida wa biza enye insizwa, wa ti, sondela, u we pezu kwake. Ya m tyaya, wa ze wa fa.
16uDavida wa ti igazi lako ma li be pezu kwekanda lako ngokuba umlomo wako u ufakazi ngawe, wa ti, mina, ngi bulele ogcotyiweyo ka Jehova.
17uDavida wa lila ngalesi 'sililo ngoSauli, na ngoJonatani indodana yake.
18Wa ba yala ukuba ba fundise abantwana bakwaJuda ingoma yomcibityelo, (bheka ku lotyiwe encwadini ka Jasheri) -
19Ubuhle buka Israeli bu bulewe ezindaweni ezi pakamileyo zako; amaqawe a we kanjani na?
20Ma ku nga kulunywa eGati, ma ku nga tyelisiswa ezindhleleni zakwa Ashkeloni, funa amadodakazi amaFilisti a jabule, funa amadodakazi abo abangasokile a hleke!
21Nina zintaba zaseGilboa ma u nga bi ko umbete nemvula pezu kwenu, na pezu kwamasimu a telayo, ngokuba lapo isihlangu samaqawe si ntyingwe kabi, isihlangu sika Sauli, kwangati a si gcotywanga ngamafuta.
22Egazini lababuleweyo nasemafuteni amaqawe, umcibityelo ka Jonatani a u pindelanga emuva, nenkemba kaSauli a i buyelanga, i ize.
23uSauli noJonatani, ba be tandeka, be bahle ekupileni kwabo, nasekufeni kwabo ka ba hlukaniswanga, ba be nejubane ku nokozi, ba be namandhla ku namabubesi.
24Nina madodakazi ka Israeli, Kalelani uSauli o ni gqokise ngokubomvu nangenjabulo enye, o hlobise izingubo zenu ngegolide.
25Au! ukuwa kwamaqawe pakati kwempi! Au Jonatani! U bulewe wena ezindaweni ezi pakamileyo zako!
26Ku ngehlele ngawe mfo wetu Jonatani! wena u bu ngi jabulise kakulu, utando lwako kimina lwa lwesabeka, lu hlula notando lwesifazana.
27Yeka ukuwa kwamaqawe nokupela kwezikali zokulwa!