1LENCWADI yesibili se ngi i loba kinina, batandekayo; kuzo zombili ngi ya vusa ukuqonda kwenu okuhle ngokunikumbuza;
2Ni kumbule amazwi a shunyayelwa abaprofeti mandulo, nomyalo weNkosi nomSindisi o shunyayelwa itina abapostoli;
3Nazi loku kakulu, ukuti, ko vela ezinsukwini zokupela aba za ku hleka nokuhleka, be hamba ngezinkanuko zabo,
4Be tyo ukuti, Si pi isitembiso sokufika kwake? ngokuba iloku oyise ba lala izinto zonke zi mi njengokuma kwazo iloku kwa dabuka izwe.
5Ngokuba ba hlala be ngazi loku ngamabomu, ukuti, ngezwi lika Tixo izulu la li kona pakade; nokuti, umhlaba o ngamanzi, owenziwa ngamanzi.
6Kwa ku ngawo izwe ela li kona, li sityekelwa ngamanzi, la buba;
7Kepa nga lelozwi izulu eli kona manje nomhlaba ku gcinelwa umlilo, ku lindelwa usuku lokwahlulela nolokubujiswa kwabantu abangamkonziyo.
8Kepa, batandekayo, a ni nga hlali ni ngazi lento inye, yokuti, kuyo iNkosi usuku lunye lu njengeminyaka e inkulungwane, nokuti iminyaka e inkulungwane, i njengosuku lunye.
9iNkosi ka i kulibala ukwenza okwetenjisiweyo, njengaloku abanye ba ti, ku ukulibala; kepa i si hlalela kade, i nga tandi a bube namunye, i ya tanda ukuba bonke beze ba penduke.
10Kodwa usuku lweNkosi lu ya kufika njengesela li fika ebusuku; izulu eli ya kudhlula ngalo, li nenhlokomo enkulu; ku ya kutya konkana, ku bidhlike; ku ya kutya nomhlaba nemisebenzi e kuwo.
11Ngako, loku lezizinto zonke zi bidhlika, ku fanele ni be abantu abanjani na? ngokuhamba okungcwele na ngokukonza uTixo.
12A ni bheke, ni ku fise ukufika kosuku luka Tixo, izulu eli ya ku penjwa ngalo, li bidhlike, konkana ku tye ku ncibilike.
13Kepa njengesitembiso sake si ya bheka izulu elitya nomhlaba omutya, oku kona kuwo ukulunga.
14Ngako, batandekayo, loku ni bheka lezizinto, kutazelani ukuba ni funyanwe uye ekutuleni, ni nge nabala, ni nge nacala.
15Ni tyo ni ti, ukusihlalela kade kweNkosi yetu, ku ukusindiswa; njengaloku umzalwane wetu otandekayo, uPaule wa loba kinina, njengokuhlakanipa a be ku piwe;
16Njenga na sezincwadini zake zonke, e kuluma kuzo nga lezizinto; ezinye kuzo zi lukuni zokuzwisiswa, aba zi guqulayo abangafundileyo nabangaqinileyo, njengaloku ba i guqula eminye imibalo, ba ze ba bujiswe.
17Ngako, batandekayo, loku se ni zazi lezizinto, xwayani, funa neduswe ngokukohlisa kwababi, ni we ekuqineni kwenu.
18Kodwa kulani emuseni na sekwazini iNkosi yetu nomSindisi uJesu Kristu, A ku be kuye ubukosi na manje na pakade. Ameni.