1KEPA kwa ku kona ebantwini abaprofeti bamanga; njengokuba ku ya kuba kona pakati kwenu abafundisi bamanga, aba za kungenisa izahlukaniso ezicitayo, be pika iNkosi eya ba tengayo, be zehlisela ukuciteka oku za kufika masinya.
2Abaningi ba ya kulandela amanyala abo; indhlela yeqiniso i ya kutukwa ngabo.
3Ngokufisa imali ba ya kunipatisa okwempahla ngamazwi obuqili; ukulahlwa kwabo kwa mandulo a ku libali, ukuciteka kwabo a ku lele.
4Uma uTixo e nga yekanga izingelosi ezonileyo; kepa e zi ponsa egehena emakatangweni obumnyama, wa zi nikela zi gcinwe zi ze zi lahlwe;
5Uma e nga li yekanga izwe la sendulo; kodwa wa m sindisa u Noa kanye nabake aba isikombisa, umshumayeli wokulunga, wa zisa uzamcolo ezweni labangakonziyo uTixo;
6Uma wa i tyisa imizi iSodoma neGomora, wa i lahla ngokuicita, e yenza umboniso kwaba za kuvela be nga konzi uTixo;
7Uma wa m kulula uLota, umuntu olungileyo e katazeka ngokuhamba kabi kwabonakeleyo;
8(Ngokuba lomuntu olungileyo, e hlezi pakati kwabo, ngokubona na ngokuzwa, wa kataza umpefumlo wake olungileyo imihla ngemihla ngemisebenzi emibi yabo;)
9iNkosi i yazi ukubakulula ekulingweni aba i konzayo, nokugcina abangalungile ku ze ku fike usuku lokwahlulela, ba lahlwe;
10Kakulu aba hamba ngokwenyama ekukanukeni okonakele, be dela ukubuswa; Ba ngabaziqenyayo, abazikulisayo ba wa tuka amakosi be ngesabi;
11Kepa izingelosi, noma zahlula ngobukulu na ngamandhla, a zi wa lahli zi wa tuke pambi kweNkosi.
12Kodwa laba, njengezilwane ezingaqondiyo, ezi hamba ngokudabuka kwazo, eza zalwa ukuba zi banjwe zi bujiswe, ba tuka izinto aba nga zaziyo; ba ya kububa ekonakaleni kwabo;
13Ba zuze umvuzo wokungalungi, be ti umsindo wa semini u ukutokoza; ba ngamabala namacala, benama ngokukohliswa kwabo, be sa hlanganyela idili na ni;
14Be namehlo a zele ukupinga, a nga yeki ukona; be yenga imimoya engaqinileyo; be nenhliziyo e jwayele ukufisa imali; abantwana bokutukwa;
15Ba shiya indhlela eqondileyo, beduka, ba hamba ngendhlela ka Balami ka Beori, owa tanda umvuzo wokungalungi;
16Kepa wa kuzwa ngokona kwake; imbongolo e isituli ya kuluma ngezwi lomuntu, ya nqabela uhlanya lomprofeti.
17Laba ba imitombo e nge namanzi; amafu a qutywa isipepo; ba gcinelwa ubumnyama obunzima ku ze ku be pakade.
18Ngokuba ba kulumisa okokuzidhla, oku ize, ba ba yenga ngezinkanuko zenyama, na ngamanyala, labo aba cityu kusinda kwabahamba ekoneni;
19Ba sa ba tembisa ukukululeka, ba izigqili zokonakala bona; ngokuba umuntu u isigqili saloko ahlulwa iko.
20Lapo se be sindile kuwo amanyala a sezweni ngokuyazi iNkosi nomSindisi uJesu Kristu, uma be buya ba bhajwe iwo, bahluleke, okokupela kwabo ku za kuba kubi ku nokokuqala.
21Ngokuba kwa ku lungile kubona ukungayazi indhlela yokulunga, ku nokubuya emyalweni ongcwele aba u fundiswayo, lapo se be yazi.
22Kepa ku behlele njengokulinganiswa okuqinisileyo, kokuti, Inja i buyele ebuhlanzweni bayo, nengulube ehlanziweyo i buyele ekubukuzekeni odakeni.