1UELISHA wa ti, Yizwani izwi lika Jehova. U ti uJehova, Ngomso nga lesisikati isilinganiso sempupu, si ya ku tengiswa ngeshekeli, nezilinganiso ezimbili zebarle ngeshekeli esangweni la seSamaria.
2Kwa ti, induna inkosi eya bambelela esandhleni sayo, ya pendula kumuntu ka Tixo, ya ti, Bheka, uma uJehova e zenze izituba ezulwini, ku nga ba njalo na? Wa ti, Wena u ya kukubona ngamehlo ako, kepa a ku yi kudhla kona.
3Kwa ku kona esangweni lomuzi abantu abane, amalepero. A kulumisana a ti, Si hlalelani lapa, si ze si fe na?
4Uma si ti, Si ya kungena emuzini, i kona indhlala emuzini, si ya kufa kona; Noma si hlezi lapa, si ya kufa. A ke si suke tina, si ye empini amaSiria; Uma a vume si pile, si ya kupila; uma e si bulala, si ya kufa.
5Ngako ba suka ku swelela ba ya ekamu lamaSiria; kwa ku ngeko muntu kona.
6Ngokuba iNkosi i bi zwisile impi yamaSiria udumo lwezinqola, nodumo lwamahashi, udumo lwempi enkulu, ba kulumisana ba ti, Wo, inkosi yabaIsraeli i tolile amakosi abaHiti, namakosi a sEgipite, ukuba a hlasele kitina.
7Ba suka, ba baleka ku swelela, ba shiya amatente abo, namahashi abo, nezimbongolo zabo, ikamu li njengokuma kwalo, ba baleka ukuba ba sinde.
8Lawa amalepero a ya ekugcineni kwekamu, a ngena etenteni, a dhla, a puza, a susa kona isiliva, negolide, nezingubo a ya a ku tukusa, a buya, a ngena etenteni elinye, a susa okunye, a ya a ku tukusa.
9A kulumisana, a ti, Ka ku lungile ukwenza kwetu; namhla ku usuku lwezindaba ezitokozisayo, tina si ya tula kodwa; uma si libala ku ze ku se, si ya kutola icala; a ke si ze belu, ma si pindele emva si ye, si bike enkosini.
10Njalo a suka, a ya, a biza umlindi wesango lomuzi; a m tyela a ti, Sa fika ekamu lamaSiria, bheka, kwa ku ngeko muntu, nazwi lomuntu, kodwa a e kona amahashi a botyiwe, nezimbongolo zi botyiwe, amatenta a njengokuma kwawo kupela.
11Wa biza abalindi bamasango, ba bika lendaba enkosini.
12Inkosi ya suka ebusuku, ya ti ezincekwini zayo, Se ngi za ku ni tyela loko okwenziwe amaSiria kitina. A yazi ukuba si lambile; ngako a sukile ekamu, a catyile, a ti, Ba ya kupuma emuzini, kona si ya kubabamba be zwa, si ngene emuzini.
13Ya pendula enye inceku yayo ya ti, Ma ba tate amahashi, amahlanu, a seleyo emuzini; (bheka a seleyo kona, a lingana nesixuku sonke sabaIsraeli, ngi ti, a njengesixuku sonke sabaIsraeli, ngi ti, a njengesixuku sabaIsraeli sonke esi pilileyo,) a ke si tume, si bone.
14Kona ba tata amahashi amane ezinqola, inkosi ya tuma izigijimi ukulandela impi yamaSiria, ya ti, Hambani ni bone.
15Za i landela za za za fika eJordani; bheka, indhlela yonke i bi kitiziwe ngezingubo, nezitya za be zi tyingiwe amaSiria ekubalekeni kwawo. Izigijimi za buya, za bika enkosini.
16Abantu ba puma, ba panga ikamu lamaSiria. Njalo isilinganiso sempupu sa tengwa ngeshekeli lesiliva, nezilinganiso ezimbili zebarle za tengwa ngeshekeli lesiliva, njengokutyo kuka Jehova.
17Inkosi ya misa induna eya bambelela esandhleni sayo, ukuba i linde isango; abantu ba i nyatela esangweni, ya fa, njengokutyo komuntu ka Tixo, owa tyo ekwehleni kwenkosi ukuya kuye.
18Kwa ba njengokutyo komuntu ka Tixo enkosini, owa ti, Izilinganiso ezibili zebarle ngeshekeli, nesilinganiso sempupu ngeshekeli, ku ya kuba ngomuso nga lesisikati esangweni la seSamaria.
19Lenduna ya pendula kumuntu ka Tixo, ya ti, Bheka, uma uJehova a zenza izituba ezulwini, ku nga ba njalo na? Wa ti uElisha, Bheka, wena u ya kukubona ngamehlo ako, kepa a u yi kudhla kona.
20Kwa ba njalo kuyo; abantu ba i nyatela esangweni, ya fa.