1KWA ti uNamana induna yempi yenkosi ya seSiria, wa e umuntu owatandeka emehlweni enkosi yake, e igugu, ngokuba uJehova wa be e nikile ngaye ukwahlula kumaSiria; futi wa be umuntu okuteleyo, kepa wa e ilepero.
2AmaSiria a be se pumile ngezigaba, a buya ezweni labaIsraeli nentombazana encinyane, yona ya i incekukazi yomka Namana.
3Ya ti kuyo inkosikazi yayo, Sengati inkosi yami i nga ya kumprofeti o seSamaria! ngoba yena nga e yi polisile kubulepero bayo.
4Umuntu o tize wa ngena, wa bika enkosini yake, wa ti, Intombazana ya sezweni labaIsraeli i ti loko na loko.
5Inkosi ya seSiria, ya ti, Hamba, ngi ya kutumela incwadi enkosini yabaIsraeli. Wa hamba wa tata esandhleni sake amatalenta a ishumi esiliva, nezinhlamvu zegolide ezi izinkulungwane ezi isitupa, nezingubo zokuguqula ezi ishumi.
6Wa yisa incwadi enkosini yabaIsraeli, e ti, A ku bheke! Lapo lencwadi i si fikile kuwe, ngi tumile kuwe uNamana inceku yami, ukuba u m polise kubulepero bake.
7Kwa ti, inkosi yabaIsraeli i si fundile incwadi, ya hxebula izingubo zayo, ya ti, Ngi nguTixo yini mina, ukubulala nokupilisa, ukuba lo a ngi tumele ngi ye ngi polise umuntu kubulepero bake na? A ke ni qonde, ni bone, ngokuba u ya funa ituba lokuxabana nami.
8Kwa ti, uElisha umuntu ka Tixo e se zwile ukuba inkosi yabaIsraeli ya hxebula izingubo zayo, wa tuma enkosini, wa ti U hxebulelani izingubo zako? ma ke ze kimi, kona e ya kuzwa ukuba ku kona umprofeti kubaIsraeli.
9Weza uNamana namahashi ake, nenqola yake, wema emnyango wendhlu ka Elisha.
10uElisha wa tuma kuye isigijimi, wa ti. Hamba u geze kakombisa eJordani, ku ya kuti inyama yako, i buye u hlambuluke.
11Kepa uNamana wa tukutela, wa suka, wa ti, Bheka, impela nga ngi ti, U za kupuma e ze kimi, e me, a kuleke egameni lika Jehova uTixo wake, e beke isandhla sake ku lendawo, a polise ubulepero.
12uAbana noFarpara, imifula ya seDamaseku, a i si yo imifula emihle kunawo wonke amanzi a kwaIsraeli na? Po! ngi nge geze kuyo, ngi hlambuluke na? Njalo wa penduka wa hamba, e tukutele.
13Izinceku zake za sondela, za kuluma naye, za ti, Baba, uma nxa umprofeti e be tyilo kuwe into enkulu, u bu nga yenzile na? Kuhle kakulu loku e tyo kuwe, Geza u hlambuluke.
14Kona wehla, wa zicwilisa eJordani kakombisa, njengokutyo komuntu ka Tixo; Inyama yake ya buya, ya ba njengenyama yomntwana omncinyane, wa hlambuluka.
15Wa pindela kumuntu ka Tixo, yena nabantu bake bonke, we za, wema, pambi kwake, wa ti, Bheka, manje se ngi yazi ukuba ka muko uTixo emhlabeni wonke ngapandhle kwake wabaIsraeli; A ke wamkele umbongo encekwini yako.
16Kepa wa ti, U kona uJehova, engi mi pambi kwake, a ngi yi kwamukela luto. Wa m nxusa amkele into; wa nqaba kodwa.
17Wa ti uNamana, Ma ku nikwe inceku yako umhlabati, umtwalo wezimbongolo ezimbili na? ngokuba inceku yako a i sa yi kupinda ukunikela otixo abanye iminikelo yokutya nomhlabelo, yo m nikela uJehova kupela.
18Ku leyonto uJehova ma ka tetelele inceku yako, ekuzeni kwenkosi yami endhlini ka Rimoni ukudumisa kona, i ncike esandhleni sami, ngi kotamele endhlini ka Rimoni; lapo ngi kotamele endhlini ka Rimoni uJehova ma ka tetelele inceku yako lento.
19Wa ti kuye, Hamba kahle; wa suka kuye ikatyana.
20Kepa uGehazi inceku ka Elisha, umuntu ka Tixo, wa ti, Bheka, inkosi yami i m yekile uNamana, lowo wa seSiria, loku e nga yamkelanga a ku letayo. U kona uJehova, ngi ya kugijima ngi m landele, ngi cele into kuye.
21Njalo uGehazi wa m landela uNamana. Uma nxa uNamana wa m bona e gijima emva kwake, wehlika enqoleni ukumhlangabeza, wa ti, Ni hlezi kahle na?
22Wa ti, Si hlezi kahle, Inkosi yami i ngi tumile, i ti, Bheka, manjenje ku fikile kwami izinsizwa ezimbili kumadodana abaprofeti, zi vela entabeni ya sEfraimi; A ku zi nike italenta li be linye lesiliva, nezingubo zokuguqula ezimbili.
23Wa ti uNamana, Vuma, yamkele amatalenta amabili. Wa m nxusa, wa wa bopa amatalenta amabili emihlantini kanye nokuguqula kwezingubo, wa ku nika ezincekwini zake ezimbili, za ku twala pambi kwake.
24E se fikile emangweni, wa ku tata esandhleni sazo, wa ku beka endhlini; wa mukisa abantu, ba hamba.
25Wa ngena wema pambi kwenkosi yake uElisha wa ti kuye, U velapi, Gehazi? Wa ti, Inceku yako ka i yanga ndawo.
26Wa ti kuye, A i yanga inhliziyo yami lapo lomuntu wa penduka ngasenqoleni yake ukukuhlangabeza na? Ku isikati yini manje sokwamkela imali, nokwamkela izingubo, namasimu omnqumo, namasimu evine, nezimvu, nezinkabi, nezinceku zesilisa nesifazana?
27Ubulepero buka Namana bu ya kunamatela kuwena, na kuyo inzalo yako, ku ze ku be nini! uGehazi wa puma ebusweni bake e ilepero emhlope njengongqogqwane.