1NGA lezozinsuku uHezekia wa e gula wa e se za kufa. Weza kuye uIsaya indodana ka Amozi, umprofeti, wa ti kuye, U ti uJehova, Lungisa indhlu yako; ngokuba u su za kufa wena, a u yi kusinda.
2uHezekia wa pendukisa ubuso bake ngasodongeni lwendhlu, wa kuleka kuJehova, wa ti,
3E, Jehova ngi ya kunxusa u kumbule ukuba ngi hambile pambi kwako ngeqiniso na ngenhliziyo elungileyo, ngenzile okufaneleyo emehlweni ako. uHezekia wa kala ngokukala okukulu.
4Kwa ti, uIsaya e nga ka pumi emuzini ongapakati, kweza kuye izwi lika Jehova, la ti,
5Buyela kuHezekia, inkosi yabantu bami, u m tyele ukuti, U ti uJehova uTixo ka Davida uyihlo, Ngi ku zwile ukukuleka kwako, ngi zi bonile izinyembezi zako, bheka, ngi ya kukupilisa; ngosuku lwesitatu u za kwenyuka u ye endhlini ka Jehova.
6Ngi ya kuzandisa izinsuku zako iminyaka e ishumi nesihlanu, ngi ya kukusindisa kanye na lomuzi esandhleni senkosi ya seAsiria; ngi ya kumboza lomuzi ngenxa yami na ngenxa ka Davida inceku yami.
7uIsaya wa ti, Tabatani isigaxa somkiwane, Ba si tabata, ba si beka pezu kwetumba; wa sindake.
8uHezekia wa ti kuIsaya, Si ya kuba njani isibonakaliso sokuti uJehova u ya kungipilisa, nokuba ngi ya kwenyuka ngi ye endhlini ka Jehova ngosuku lwesitatu na?
9uIsaya wa ti, Nasi isibonakaliso u ya kusiboniswa uJehova, sokuti uJehova u ya kwenza leyonto a yi tyoyo; isitunzi si ya kuya ngapambili amabanga a ishumi na, noma si ya kubuya amabanga a ishumi na?
10uHezekia wa pendula, wa ti, Ku yinto elula ukuba isitunzi sehle amabanga a ishumi; Ai, kambe, isitunzi ma si buye amabanga a ishumi.
11uIsaya umprofeti wa kuleka kuJehova, wa si buyisa isitunzi amabanga a ishumi, e be sehlile wona etyeni lika Ahazi.
12Nga lesosikati uBerodakabaladane, indodana ka Baladane inkosi ya seBabulona, wa tuma izincwadi nezipo kuHezekia; ngokuba e be zwile ukuba uHezekia wa e gula.
13uHezekia wa ba lalela, wa ba bonisa indhlu yake yonke yokubekela, nesiliva, negolide, nezinise, namaka amahle, nayo yonke indhlu yezikali zake, nako konke okufunyanwa ezindhlini zemfuyo yake; kwa ku ngeko into endhlini yake na sembusweni wonke wake, e nga ba bonisanga yona.
14Weza uIsaya umprofeti kuyo inkosi uHezekia, wa ti kuye, Abantu laba ba tini na? Ba velapi ukuza kuwe? uHezekia wa ti, Ba vela ezweni eli kude, eBabulona.
15Wa ti, Ba bone ntoni na endhlini yako? uHezekia wa pendula, izinto zonke ezi kona endhlini yami ba zi bonile; a ku ko nto emfuyweni yami, e ngi nga ba bonisanga.
16uIsaya wa ti kuHezekia, Yizwa izwi lika Jehova.
17Bheka, zi yeza izinsuku oku za ku tatwa ngazo konke oku kona endhlini yako, nako loko aba ku bekeleyo oyihlo, ku ze ku be namhlanje, ku ya kuyiswa eBabulona; a ku yi kusala nanto, u tyo uJehova.
18Na semadodaneni ako, a ya kupuma kuwe, a ya kuzalwa uwe, a ya kususwa, a ya kuba izigqili endhlini yenkosi ya seBabulona.
19Wa ti uHezekia kuIsaya, Li lungile izwi lika Jehova, o li kulumileyo; Wa ti, A ku yi kuba kona ukutula neqiniso ezinsukwini zami na?
20Imisebenzi eminye ka Hezekia, namandhla onke ake, nokuti wenza icibi, nomsele, wa ngenisa amanzi emuzini, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
21uHezekia wa lala nokoko bake, uManasa indodana yake wa busa esikundhleni sake.