1NGOMNYAKA wesibili ka Jehoashi indodana ka Jehoahaza inkosi yabaIsraeli, uAmazia indodana ka Jehoashi wa ba inkosi yabaJuda.
2Ekuqaleni kwake ukubusa wa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu, wa busa iminyaka e ngamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema. Igama lika nina la li nguJehoadana wa seJerusalema.
3Wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova, kodwa be ku nge njengoyise uDavida; wenza ngako konke njengokwenza kuka yise uJehoashi.
4Noko izindawo ezipakamileyo be zi nga suswanga; abantu ba be sa hlaba, ba tyisa impepo ezindaweni ezipakamileyo.
5Kwa ti, se u qinisiwe umbuso esandhleni sake, wa bulala izinceku zake e be zi bulele inkosi uyise.
6Kodwa abantwana bababulali a ka ba bulalanga, njengokulotyiweyo encwadini yomteto ka Mosi, lapo uJehova wa yala, e ti, Oyise ka ba yi kubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana ka ba yi kubulawa ngenxa yoyise; kodwa ku ngulowo a za kubulawa ngezono zake.
7Wa bulala emfundeni ka Saoti, amaEdomi a izinkulungwane ezi ishumi, wa lapuca iSela ngokulwa, wa biza igama lalo ngokuti iJokteli, ku ze ku be namhla.
8Njalo uAmazia wa tuma izigijimi kuJehoashi, indodana ka Jehoahaza, indodana ka Jehu, inkosi yabaIsraeli, e ti, A ku ze, si bonane.
9uJehoashi inkosi yabaIsraeli wa tuma kuAmazia inkosi yabaJuda wa ti, Umtolo wa seLebanoni, wa tuma kulo isedare la seLebanoni, wa ti, Ngi nike indodakazi yako i be umfazi wendodana yami; kwa dhlula isilo sa sendhle, sa si seLebanoni, sa nyatela pansi umtolo.
10Impela iEdomi u li citile nokucita, ngako inhliziyo yako i ku pakamisile; yiba nenhlanhla ngaloko, u hlale ekaya; ku ngani na ukuba u ya kulwa nesisila ukuziponsa, u we wena nabaJuda kanye nawe?
11Kodwa uAmazia wa nqaba ukulalela. Ngako uJehoashi inkosi yabaIsraeli wa kupuka; naye noAmazia inkosi yabaJuda, ba bonana eBeteshemesha, kwabaJuda.
12AbaJuda bahlulwa pambi kwabaIsraeli; ba baleka bonke, ba ya ematenteni abo.
13uJehoasha inkosi yabaIsraeli wa m bamba uAmazia inkosi yabaJuda, indodana ka Jehoasha indodana ka Ahazia eBetishemeshi, we za eJerusalema wa diliza udonga lwa seJerusalema, ku qala esangweni lika Efraimi, kwa za ku sesangweni la sengosini, amakubiti a ngamakulu amane.
14Wa tata igolide nesiliva lonke, nezitya zonke eza funyaniswa endhlini ka Jehova, na semfuyeni yendhlu yenkosi, nabayetembisayo, wa buyela eSamaria.
15Imisebenzi eminye ka Jehoashi a yenzayo, namandhla ake, nokulwa kwake noAmazia inkosi yabaJuda, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
16uJehoashi wa lala nokoko bake, wa mbelwa eSamaria ndawonye namakosi abaIsraeli; uJeroboamu indodana yake wa busa esikundhleni sake.
17uAmazia indodana ka Joashi inkosi yabaJuda, wa hlala iminyaka e ishumi nanhlanu ngasemva kokufa kuka Jehoashi indodana ka Jehoahaza inkosi yabaIsraeli.
18Imisebenzi eminye ka Amazia, a yi lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
19Ba lenza icebo kuye eJerusalema, wa baleka wa ya eLakisha; kodwa ba tuma ba m landela eLakisha, ba m bulala kona.
20Ba m twala ngamahashi; wa mbelwa eJerusalema ndawonye nokoko bake emuzini ka Davida.
21Abantu bonke abakwaJuda ba m tata uAzaria, e se neminyaka e ishumi nesitupa, ba m misa a be inkosi esikundhleni sika yise uAmazia.
22Yena waka ilati, wa li buyisa kubaJuda, inkosi i si lele ndawonye nokoko bayo.
23Ngomnyaka weshumi nesihlanu ka Amazia indodana ka Joashi inkosi yabaJuda, uJeroboamu indodana ka Joashi inkosi yabaIsraeli wa qala ukubusa eSamaria, wa busa iminyaka e ngamashumi amane nanye.
24Wenza kabi emehlweni ka Jehova; ka zi shiyanga izono zonke zika Jeroboamu indodana ka Nebati ewonisa abaIsraeli.
25Wa buyisa izwe labaIsraeli, ku suka ekungeneni kwa seHamati, ku ze ku selwandhle lwa seArabia, njengezwi lika Jehova uTixo ka Israeli, a li tyoyo ngenceku yake uJona, indodana ka Amitai, umprofeti wa seGatiheferi.
26Ngokuba uJehova wa bona inhlupeko yabaIsraeli, ukuba ya i nzima kakulu; kwa ku ngeko ogodhliweyo, kwa ku ngeko noseleyo, kwa ku ngeko noelekelayo kubaIsraeli.
27uJehova a ka tyongo ukuti u za ku hlangula igama lika Israeli ngapansi kwezulu; kodwa wa ba sindisa ngesandhla sika Jeroboamu indodana ka Jehoashi.
28Imisebenzi eminye ka Jeroboamu, nako konke a kwenzayo, namandhla ake, nokulwa kwake, nokubuyisela kwake kubaIsraeli iDamaseku, neHamati, la seJudia ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
29uJeroboamu wa lala nokoko bake, ndawonye namakosi abaIsraeli, uZakaria indodana yake wa busa esikundhleni sake.