1UATALIA unina ka Ahazia e se bonile ukuba indodana yake ya i file; wa suka wa bulala yonke inzalo yobukosi.
2Kepa uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udade wabo ka Ahazia, wa m tata uJehoashi indodana ka Ahazia, wa m tumba kuwo amadodana enkosi, a buleweyo; wa m tukusa kanye nomzanyana wake kuAtalia, egumbini lokulala, a ka bulawanga.
3Yena wa e tukisiwe naye endhlini ka Jehova, iminyaka e isitupa, uAtalia wa busa ezweni.
4Ngomnyaka wesikombisa uJehoida wa tuma, wa biza izinduna zamakulu, nabalindi nezigijimi, wa zi ngenisa kuye endhlini ka Jehova, wenza isivumelwano nabo, wa ba fungisa ngeqiniso endhlini ka Jehova, wa ba bonisa indodana yenkosi.
5Wa ba yala, e ti, Nansi into eni ya kuyenza; Abesitatu kini abangenayo ngosuku lwesabata ba za kuba abalindi bendhlu yenkosi.
6Abesitatu ba ya kuba esangweni la seSure; nabesitatu esangweni ngasemva kwezigijimi; njalo ni ya kulinda lendhlu, ukuze i nga fohlwa
7Abobubili kini nonke abapumayo ngesabata, ba ya kulinda indhlu ka Jehova nga senkosini.
8Ni ya kuzungeza inkosi, abantu bonke ku ngulowo e nezikali zake esandhleni sake; yena ongenayo pakati kokuhlelwa, ma ka bulawe; nina ma ni i linde inkosi ekupumeni kwayo na sekungeneni kwayo.
9Izinduna zamakulu zenza konke a be ku yalile uJehoida umpristi; za tata zonke ku ileyo abantu bayo abangenayo ngesabata, kanye nabo abapumayo ngesabata, ze za kuJehoida umpristi.
10Umpristi wa nika imikonto nezihlangu zenkosi uDavida, eza zi kona etempeleni lika Jehova kuzo izinduna zamakulu.
11Izigijimi zema, zonke za pata izikali zazo ezandhleni zazo, za zungeza inkosi ohlangotini lwasokunene lwendhlu, ku ze ku fike ohlangotini lwasekohlo lwendhlu, nga selatini.
12Wa pumisa indodana yenkosi, wa beka umqele ekanda layo, wa i nika umiteto; ba yi misa i be inkosi, ba i gcoba ngamafuta; ba tyaya izandhla zabo, ba ti, Ma i pile inkosi!
13Nxa uAtalia ezwa umsindo wezigijimi, nomsindo wabantu, we za kubantu, endhlini ka Jehova.
14Wa buka, bheka, inkosi ye ma endaweni epakamileyo, njengomkuba wabo, izinduna nabapata amatilongo ba be seduze nenkosi; abantu bonke bezwe ba tokoza, ba beta amatilongo; uAtalia wa hxebula izingubo zake, wa kala, wa ti, Inhlanganiso, inhlanganiso yamacebo!
15Kodwa uJehoida umpristi wa zi yala izinduna zamakulu, amakosi empi, wa ti kuzona, M pumiseleni pandhle kokuhlelwa; yena o m landelayo ma a bulawe ngenkemba. Ngokuba umpristi u be te, Ma a nga bulawa endhlini ka Jehova.
16Ba menzela indawo, wa hamba ngendhlela yamahashi, a fika ngayo endhlini yenkosi; wa bulawa kona.
17uJehoida wa senza isivumelwano pakati kuka Jehova, nenkosi, nabantu, ukuze ba be abantu baka Jehova; na pakati kwenkosi nabantu, wa senza isivumelwano.
18Bonke abantu ba lelozwe, ba ngena endhlini ka Bali, ba i bidhliza; amalati ake nezitombe zake, ba zi casa ku ti du, ba ni bulala uMatana umpristi ka Bali pambili kwamalati; umpristi wa misa ababonisisi bendhlu ka Jehova.
19Wa zi tata izinduna zamakulu, nabalindi, nezigijimi, nabantu bonke bezwe; ba yehlisa inkosi endhlini ka Jehova, be za ngendhlela yesango yezigijimi zenkosi. Wa hlala esihlalweni sobukosi.
20Bonke abantu bezwe ba tokoza, umuzi wa u nokutula; ba m bulala uAtalia ngenkemba, ecaleni lendhlu yenkosi.
21uJehoashi wa e neminyaka e isikombisa ekuqaleni kwake ukubusa.