1UAHABI wa e namadodana a ngamashumi a isikombisa eSamaria, uJehu wa loba izincwadi, wa zi tuma eSamaria, kuzo izikulu za seJezreli, amalunga, na kubo ababondhlayo abantwana baka Ahabi, e ti,
2Ekufikeni kwencwadi le kinina, loku ni namadodana enkosi yenu, ni nezinqola namahashi, nomuzi o biyiwe udonga, ni nezikali,
3Ketani olungileyo nofaneleyo kuwo amadodana enkosi yenu, ni m beke esihlalweni sika yise, ni lwele indhlu yenkosi yenu.
4Kepa ba besaba kakulu kakulu, ba ti, Bheka, amakosi amabili a be nge namandhla ukuma pambi kwake; po, tina si nge ma kanjani?
5Ngako yena obusayo endhlini, naye obusayo emuzini, namalunga nabondhli, ba tuma kuJehu ba ti, Tina si izinceku zako, konke o za kutyo kitina, si ya kwenza, a si yi kumisa umuntu a be inkosi; yenza wena njengokufaneleyo emehlweni ako.
6Wa pinda wa loba enye incwadi kubona, wa ti, Uma nina ni ngabami, uma ni ya kulalela izwi lami, tatani izikulu zabantu laba, amadodana enkosi yenu, ni ze kimi eJezreli ngomso nga lesisikati. Amadodana enkosi a ngamashumi a isikombisa, a be sezikulwini zomuzi ezabondhlayo.
7Kwa ti ekufikeni kwa lencwadi, ba tata amadodana enkosi, ba bulala abantu aba ngamashumi a isikombisa, ba beka amakanda abo emaqomeni, ba wa tuma kuye eJezreli.
8Sa fika isigijimi kuye, sa ti, Ba fikile namakanda amadodana enkosi. Wa ti, Wa bekeni a be izinqwaba zi be mbili ekungeneni kwesango ku ze ku se.
9Kwa ti kusasa, wa puma, we ma, wa ti kubo bonke abantu, Nina ni lungile; bheka, ngenza icebo mina enkosini yami nga i bulala; kodwa bonke laba ba bulewe ubani na?
10Qondani ngako ukuti a ku yi kuwa emhlabatini ici lezwi lika Jehova, a li kulumayo uJehova ngayo indhlu ka Ahabi; ngokuba uJehova wenzile loko a ku tyoyo ngenceku yake uElija.
11Njalo uJehu wa bulala bonke abaseleyo bendhlu ka Ahabi eJezreli, nezikulu zake, nabazana naye, nabapristi bake, kwa za kwa pela nya.
12We suka, wa hamba, wa ya eSamaria e seBetekeda,
13uJehu wa fumana abafo wabo baka Ahazia inkosi yabaJuda, wa ti, Nina ni ngobani na? Ba ti, Tina si ngabafo wabo baka Ahazia; sehle ukubona uma ba hlezi kahle abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.
14Wa ti, Ba bambeni be sa hamaba; ba ba bamba be sa hamba, ba ba bulala emgodini wa seBetekeda, abantu abangamashumi amane nambili; a ka shiyanga muntu kubona.
15Se e mukile kona, wa m fumana uJehonadaba indodana ka Rekabi eza ukumhlangabeza; wa m bingelela, wa ti kuye, Inhliziyo yako i lungelene nenhliziyo yami, njengenhliziyo yami i lungelene nenhliziyo yako na? uJehonadaba wa pendula, wa ti, Ehe, uma ku njalo, ngi nike isandhla. Wa m nika isandhla, wa m kwelisa enqoleni.
16Wa ti, Hamba nami u bone ukubambelela kwami kuJehova. Njalo ba m hambisa enqoleni yake.
17Se e fikile eSamaria, wa ba bulala bonke abaseleyo baka Ahabi eSamaria, wa za wa ba qeda, njengokutyo kuka Jehova, a ku tyoyo kuElija.
18uJehu wa buta abantu bonke, wa ti kubo, uAhabi wa m dumisa uBali incozana; uJehu u ya kumdumisa kakulu.
19Ngako kaloku ngi bizeleni bonke abaprofeti baka Bali, zonke izinceku zake, nabapristi bonke bake; ku nga sali muntu o ngeko; ngokuba ngi nomhlabelo omkulu engi za kumhlabela uBali, naye o nga fikanga, u ya kubulawa. Kodwa uJehu wenza ngobugqili, ukuze a bulale abamdumisayo uBali.
20Wa ti uJehu, Ma ni meme umhlangano omkulu kuBali; ba wu mema.
21uJehu wa tuma ezweni lonke labaIsraeli; nabo bonke abamdumisayo uBali beza; kwa za kwa nga sali muntu o nge zanga. Ba ngena endhlini ka Bali; indhlu ka Bali ya gcwala ya ti swi!
22Wa ti ko be linde indhlu yezivato, Zi lete izivato u ba nike bonke abantu abamdumisayo uBali. Wa ba letela izivato.
23uJehu kanye noJehonadaba indodana ka Rekabi wa ngena endhlini ka Bali, wa ti kubo abamdumisayo uBali, Hlolani, ni bone ukuba ku nga bi kona izinceku zika Jehova lapa, kodwa bona abamdumisayo uBali, kupela.
24Se be ngenile ukunikela iminikelo yokuhlatywa, neminikelo yokutya, uJehu wa ba misa ngapandhle abantu ba ngamashumi a shiyagalombili, wa ti, Uma ku sinda umuntu kulaba bantu e ngi ba ngenisile ezandhleni zenu, yena lo u ya kuba esikundhleni sa lo o sindayo.
25Kwa ti se e qedile ukunikela umnikelo wokutya, uJehu wa ti kubalindi na kuzo izinduna, Ngenanini ni ba bulale; ku nga pumi namunye. Ba ba bulala ngohlangoti lwenkemba; abalindi nezinduna, za ba tyinga, ba ya emuzini wendhlu ka Bali.
26Ba pumisa izitombe endhlini ka Bali, ba zi tyisa.
27Ba bidhliza isitombe sika Bali, ba bidhliza nendhlu, ba yenza i be indhlu yeze ku ze ku be namhla.
28Kwa ku njalo uJehu wa m qeda uBali ezweni lonke labaIsraeli.
29Kodwa izono zika Jeroboamu indodana kaNebati, owonisa abaIsraeli, uJehu ka zi shiyanga, ukuti, amatole egolide a e kona eBeteli, na seDan.
30Wa ti uJehova kuJehu, Ngokuba wenzile okufaneleyo ngokwenza leyonto e lungile emehlweni ami, wenzile kuyo indhlu ka Ahabi njengako konke oku senhliziyweni yami, amadodana ako ezizukulwaneni ezine a ya kuhlala esihlalweni sobukosi sabaIsraeli.
31Kodwa uJehu ka hlakanipanga ukuhamba ngemiteto ka Jehova uTixo ka Israeli, ngenhliziyo yonke yake; ka zi shiyanga izono zika Jeroboamu, owonisa abaIsraeli.
32Ngaleyomihla uJehova wa qala ukunqamula kubaIsraeli; uHazaeli wa e ba cita emazweni onke kwaIsraeli.
33Ku qala eJordani ngasempumalanga, izwe lonke la seGiladi namaGadi, nabaRubeni, nabaManasa, Aroeri okungasemfuleni iAnoni, iGiladi neBashani kokubili.
34Imisebenzi eminye ka Jehu, nako konke a kwenzayo, namandhla ake, ka ku lotyiwe yini, encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
35uJehu wa lala nokoko bake, ba m mbela eSamaria. uJehoahaza indodana yake, wa busa esikundhleni sake.
36Imhla yokubusa kuka Jehu kubaIsraeli eSamaria, ya i iminyaka e ngamashumi amabili nashiyagalombili.