1ILUNGA kuyo inkosikazi eketiweyo, na kubantwana bayo, engi ba tandayo ngesiminya; a si mina ngedwa, kepa nabo bonke aba laziyo iqiniso;
2Ngenxa yeqiniso eli kona kitina, eli ya kuba nati ku ze ku be pakade.
3A ku be kini umusa, nobubele, nokutula, oku vela kuTixo uYise, na kuyo iNkosi uJesu Kristu iNdodana ka Yise, ngesiminya na ngotando.
4Nga jabula kakulu, ngokuba ngi ba fumene abantwana bako be hamba ngesiminya, njengokusiyala kuka Yise.
5Ngi ku ncenga kaloku, nkosikazi, ku nge njengokungati ngi ku lobela umyalo omutya, kodwa lowo esa si nawo ekuqaleni, wokuti, A si tandane.
6Loku ku utando, ukuhamba ngemiyalo yake. Lo u umyalo, wokuti, nga ni hamba ngawo, njengokuzwa kwenu ekuqaleni.
7Se be vele ezweni abaningi aba kohlisayo, aba nga vumiyo ukuti, uJesu Kristu u zile ngenyama. Lowo u umkohlisi nompikuKristu.
8Xwayani nina, si nga lahlekelwa esi ku sebenzileyo, kodwa si wamkele umvuzo opeleleyo.
9Yena owedukayo, e nge mi ekufundiseni kuka Kristu, ka naye uTixo. O miyo ekufundiseni kuka Kristu u naye uYise neNdodana.
10Uma ku fika umuntu kini, e ngezi na lokukufundisa, ni nga m amkeli endhlini, ni nga m bingeleli;
11Ngokuba o m bingelelayo u hlanganyela naye imisebenzi yake emibi.
12Loku ngi nokuningi kokunilobela, a ngi yi kukuloba ngepepa neinke; kodwa ngi yetemba ukuza kini, ngi kulume nani ngomlomo, ku ze ku pelele ukujabula kwetu.
13Abantwana baka dade wenu o ketiweyo ba ti a ngi ba konzele kuwe. Ameni.