1NEMBALA ukuzibonga a ku ngi fanele: kona ngi ya kuza kuzo izibonakaliso nezambulo zeNkosi.
2Ngi ya mazi umuntu e kuKristu, se ku iminyaka e ishumi nane (noma wa e semzimbeni, a ngazi, uTixo owaziyo), onjalo e tatyatwa e yiswa kwelesitatu izulu.
3Yebo, ngi ya m azi umuntu onjalo (noma wa e semzimbeni, noma wa e nge ko emzimbeni, a ngazi, uTixo awaziyo;)
4Wa tatyatwa wa yiswa eParadisi, wezwa amazwi a nga kulunywayo, a nga fanele ukuba a shunyayelwe umuntu.
5Onjalo ngi ya kumbabaza; kodwa okwami a ngi yi ku ku babaza ubutakataka bami kupela.
6Noma ngi tanda ukuzibonga, a ngi yi kuba isituta, ngokuba ngi ya kutyo iqiniso; kepa ngi ya yeka, funa abanye ba zindhle ba ti ngi mkulu ku na loku aba ku bonayo naba kuzwayo ngami.
7Ukuba ngi nga kukunyezwa ngobuningi bezibonakaliso, nga nikwa iva enyameni, isigijimi sika Satani, ukuba si ngi mukule, ngi nga kukunyezwa.
8Nga loko nga nxusa iNkosi katatu, ukuba li suke kimi.
9Ya ti kimi, Umusa wami u kwanele wena; ngokuba amandhla ami a peleliswa ngobutakataka. Njalo ngi ya kubonga kakulu, ngi tokoza ngobutakataka bami, ukuze amandhla ka Kristu a be pezu kwami.
10Ngaloko ngi ya tokoza ngobutakataka, na ngokutukwa; na ngokuswela, na ngokuzingelwa, na ngezinsizi ngaye uKristu; ngokuba nxa ngi butakataka ngi namandhla.
11Se ngi isituta; ngi qutywe inina. Nga ni ngi ncoma; a ngi mncane ngaluto ku nabapostoli abakulu, noma ngi nge nto.
12Impela, izibonakaliso zobupostoli zenziwa pakati kwenu ngokubekezela konke ngezibonakaliso na ngezimangaliso, na ngemisebenzi emikulu.
13Nahlulwa amanye amabandhla ngani na? a siko ngokuba be ngi nga bi umtwalo kinina kupela na? ngi teteleni lokukona.
14Bhekani, se ngi lungele ukuza kinina ngokwesitatu; a ngi sa yi kuba umtwalo kini; ngokuba ngi nga funi okwenu, kodwa ngi funa nina; a ku fanele abantwana ba bekele abazali, ku fanele abazali ba bekele abantwana.
15Ngi nga qeda amandhla, ngi tokoza, yebo, ngi qedwe nya ngemipefumlo yenu; noma ngokunitanda kakulu ngi tandwa kancinyane inina.
16Kepa a ku be njalo, a ngi ni sindanga; kodwa, loku ngi hlakanipile, nga ni bamba ngobuqili.
17Nga namuka into ini nga labo enga ba tuma kinina na?
18Nga m nxusa uTitusi a ye kini, nga tuma kanye naye umzalwane, uTitusi wa ka wa namuka into na? a si hambanga ngamkondo munye na?
19Futi, ni ti si ya zipendulela kinina na? Si ya kuluma pambi kuka Tixo kuKristu, kodwa senza konke ngokwakelwa kwenu, batandekayo.
20Ngi novalo, funa mhlaumbe, ekufikeni kwami, ngi ni fumane ni nge njengengi ku tandayo, nami ngi funyanwe inina ngi nga bi njengeni ku tandayo; funa ku be kona inkani, nomona, nolaka, nokupikisana, nokuhleba, nokuceba, nokukukumala, nokuxokozela;
21Funa, ekufikeni kwami futi, uTixo wami a ngi jabise pakati kwenu, ngi kalele abaningi e se bonile, be nga pendukanga kuko ukungcola, nokuhlobonga, nobufebe, aba kwenzileyo.