1ABANTU bezwe ba m tatake uJehoahazi indodana ka Josia, ba menza inkosi eJerusalema endaweni ka yise.
2uJehoahazi wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nantatu, wa busa eJerusalema izinyanga ezintatu.
3Nenkosi ya sEgipite ya m susa eJerusalema, ya telisa izwe ngamatalenta a ikulu esiliva na ngetalenta legolide.
4Inkosi ya sEgipite ya beka uEliakimu umfo wabo pezu kombuso ka Juda neJerusalema, ya pendula igama lake kuJehoiakimu. uNeko wa tata uJehoahazi umfo wabo, wa m yisa Egipite.
5uJehoiakimu wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu, wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nanye; wenza okubi emehlweni ka Jehova uTixo wake.
6Wa fikelwa uNebukadnezari inkosi yaseBabulona, wa m bopa ngezinsimbi uku m yisa eBabulona.
7uNebukadnezari wa muka nezitya zendhlu ka Jehova wa zi yisa eBabulona, wa zi beka etempeleni lake eBabulona.
8Manjeke ezinye izenzo zika Jehoiakimu, nobubi a benzileyo, no kwa bonakala kuyena, bheka, zi lotyiwe encwadini yamakosi a seIsraeli noJuda; noJehoiakina indodana yake wa busa endaweni yake.
9uJehoiakina wa qala ukubusa e neminyaka e isishiyagalombili, wa busa eJerusalema izinyanga ezintatu nezinsuku ezi ishumi; wenza okubi emehlweni ka Jehova.
10Lapo se u pelile umnyaka, ya tuma inkosi uNebukadnezari, ya m leta eBabulona, nezitya ezilungileyo zendhlu ka Jehova, wenza uZedekia umfo wabo inkosi pezu kweJuda neJerusalema.
11uZedekia wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nanye, wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nanye.
12Wenza okubi emehlweni ka Jehova uTixo wake, a ka zitobisa ngapambi kuka Jeremia umprofeti okuluma okomlomo ka Jehova.
13Wa hlubuka futi kuNebukadnezari inkosi, o wa m fungisa ngoTixo; kodwa wa yenza lukuni intamo yake, nenhliziyo yake ekubuyeni kuJehova uTixo ka Israeli.
14Futi zonke izikulu zabapristi, nabantu, beduka kakulu ngezinengiso zabezizwe; ba ngcolisa indhlu ka Jehova, a e yenze ngcwele eJerusalema.
15uJehova uTixo wa oyise babo wa e tumela kubona ngezinceku zake, e vuka njalo e tuma; ngokuba wa ba dabukela abantu bake, nendawo yake yokuhlala;
16Kodwa ba zeyisa izigijimi zika Tixo, ba wa delela amazwi ake, ba hlupa nabaprofeti bake, lwa ze lwa vuka ulaka luka Jehova kubantu bake, a lwa biko nolungiso.
17Wa ba letela inkosi yamaKaldi, ya bulala izinsizwa zabo ngenkemba endhlini yabo e ingcwele, a ka dabukela nansizwa nantombi, naxegu, naye ogobiswe ubudala; wa ba nika bonke esandhleni sake.
18Nezitya zonke zendhlu ka Tixo, ezikulu nezincane, namagugu endhlu ka Jehova, namagugu enkosi, na wezikulu zake; konke loku wa ku leta eBabulona.
19Ba i tyisa indhlu ka Tixo, ba wisa nodonga lweJerusalema, ba tyisa zonke izindhlu zakona ngomlilo, ba bulala zonke izitya ezihle zakona.
20Nabo aba punyuka kuyo inkemba wa ba yisa eBabulona; ba ba izinceku zake kona, namadodana ake, kwa ze kwa ngena umbuso wePersia;
21Ukugcwalisa izwi lika Jehova ngomlomo ka Jeremia, izwe li ze li jabule ngamasabata alo; ngokuba ekucitakaleni kwalo la dumisa isabata, ukugcwalisa iminyaka e ngamashumi a isikombisa.
22Kwa ti ngomnyaka wokuqala ka Kuresi inkosi ya sePersia, izwi lika Jehova li kulunywa ngomlomo ka Jeremia li gcwaliseke, uJehova wa i xukuza inhliziyo ka Kuresi inkosi ya sePersia, ngako wenza isiyalezo kuwo wonke umbuso wake, wa si beka na sencwadini, e ti,
23U ti uKuresi inkosi ya sePersia, uJehova uTixo wezulu u ngi nikile yonke imibuso yomhlaba; naye wa ngi yaleza ukuba ngi makele indhlu eJerusalema eli seJuda. Ubani o kinina kubantu bonke bake na? uJehova uTixo wake ma ka be naye, a kupuke yena.