1UJOSIA wenza ipasika kuJehova eJerusalema; ba li bulala ipasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga yakuqala.
2Wa misa abapristi endaweni yabo, wa benamisa emsebenzini wendhlu ka Jehova.
3Wa ti kuwo amaLevi a fundisa bonke abaIsraeli, a e ngcwele kuJehova, Bekani umpongolo o ingcwele endhlini e yakiwe nguSolomona indodana ka Davida, inkosi yabaIsraeli; a u yi kuba umtwalo emahlombe enu, konzani manje uJehova uTixo wenu, nabantu bake abaIsraeli.
4Ni zilungisele ngezindhlu za oyihlo, ngokuma kwenu, njengokuloba kuka Davida inkosi yabaIsraeli, na njengokuloba kuka Solomona indodana yake.
5Ni me endaweni e ingcwele njengokuma kwezindhlu za oyihlo abafo wenu abantu, na njengezihlukaniso zezindhlu zamaLevi.
6Ni bulale ipasika, ni zigcobe, ni lungise abafo wenu, ukuba benze njengezwi lika Jehova ngesandhla sika Mosi.
7uJosia wa nika kubantu emihlambini, amacwane, izipo zonke zepasika, bonke aba be kona, izinkulungwane ezingamakulu a ngamashumi amatatu, nezinkabi ezi izinkulungwane ezintatu; loku kwa ku ngo kwenkosi.
8Nezikulu za ba nika ngokujabula abantu, abapristi, namaLevi; uHilkia, noZekaria, noJehieli, ababusi bendhlu ka Tixo, ba nikela abapristi ku be okwepasika izipo izinkulungwane ezimbili namakulu a isitupa izinkomo ezincane, nezinkabi ezi ngamakulu amatatu.
9uKonania futi, noShemaia, no Netaneli, abafo wabo, noHashabia, noJeieli noJozabade induna yamaLevi, ba nika amaLevi izipo zepasika izinkomo ezincane ezi izinkulungwane ezi isihlanu, nezinkabi ezi ngamakulu a isihlanu.
10Kwa lungiswa, nabapristi bema endaweni yabo, namaLevi kwe yabo, njengesiyalezo senkosi.
11Ba li bulala ipasika, nabapristi bamukela igazi esandhleni sabo, ba li fafaza, namaLevi a zi bulala.
12Ba susa izipo ezi tyisiweyo, ukuze ba nike njengokuma kwezindhlu zabantu, ukunikela kuJehova, njengokulotyiweyo encwadini ka Mosi. Benze njalo na sezinkabini.
13Ba losa ipasika emlilweni njengesimiso; kodwa ezinye izipo ezi ingcwele ba zi bilisa ngamabodwe, na ngezitya, ba kwa hlukanisa masinyane kubantu.
14Ngasemva ba zilungisela bona, nabapristi; ngokuba abapristi amadodana ka Aroni a e libele ekwabeleni izipo ezityisiweyo namafuta, kwa ze kwa hlwa; ngako amaLevi a zilungisela kanye nabapristi amadodana ka Aroni.
15Abagwabayo amadodana ka Asafa, a e sendaweni yabo, njengesiyalezo sika Davida, noAsafa, noHemani, noJedutuni umprofeti wenkosi; nabalindi, ba linda njalo kuyo yonke iminyango; balelwa nokuwushiya lowo msebenzi wabo; ngokuba abafo wabo amaLevi a e ba lungisele.
16Ngako wonke umsebenzi ka Jehova wa lungiswa ngosuku lunye, ukondhla ipasika, nokutyisa izipo pezu kwelati lika Jehova, njengesiyalezo senkosi uJosia.
17AbakwaIsraeli aba be kona ba londhla ipasika nga leso sikati, nokudhla kwesinkwa esingakukumele izinsuku ezi isikombisa.
18Ipasika eli njenga lelo lakwa Israeli a li ba nga ko iloku laba sezinsukwini zika Samueli umprofeti; namakosi onke akwa Israeli ka londhlanga ipasika eli njenga lelo lika Josia, nabapristi namaLevi, nabo bonke abaJuda nabaIsraeli ba be kona, naba seJerusalema futi.
19Lelipasika lenziwa ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kuka Josia.
20Ngasemva kwako konke loku, uJosia e se li lungisile itempeli, uNeko inkosi ya sEgipite ya fika ukulwa noKarshemishi ngasemfuleni uUfrate; noJosia wa m pumela.
21Kodwa yena wa tuma izigijimi kuyena, e ti, Ngi nantoni yako, wena nkosi ya seJuda na? A ngi pumele wena namuhla, kodwa indhlu e ngi xabene nayo; ngokuba uTixo wa ngi yaleza ukuba ngi tyetye; mu yeke wena, uTixo o kimina, ukuze a nga ku bulali.
22Kodwa uJosia a ka pendukanga, kodwa wa zifihla, ukuba a lwe naye, e nga wa lalenga amazwi ka Neko omlomo ka Tixo, weza kulwa naye esigodini sa seMegido.
23Nabemicibityolo ba i tyaya inkosi uJosia; ya ti inkosi ezincekwini zayo, Ngi suseni, ngokuba ngi limele kakulu.
24Izinceku zake za m kipake ku leyo ncwele, za m beka kwenye e ya i kona; za m leta eJerusalema, wa fa, wambelwa kwelinye ituna la oyise. Nabo bonke abaJuda naba seJerusalema ba m lilela uJosia.
25uJeremia wa m lilela uJosia; nabo bonke abahlabaleli bamadoda na besifazana ba kuluma ngoJosia ekulileni kwabo ku ze ku be namuhla, ba kwenzela indawo eIsraeli; futi, bheka, ku lotyiwe encwadini yezililo.
26Manjeke ezinye izenzo zika Josia, nokulunga kwake, njengako okwa lotywa emtetweni ka Jehova,
27Nezenzo zake, ezakuqala nezokugcina, bheka, zi lotyiwe encwadini yamakosi a seIsraeli noJuda.