1NGASEMVA kokumiswa kwa lezi zinto, uSenakeribi inkosi ya seAsiria ya fika, ya ngena eJuda, ya misa ngasemizini ebiyiweyo, e cabanga ukuzitatela yona.
2Lapo uHezekia e bona ukuba uSenakeribi u fikile, nokuba u funa ukulwa neJerusalema.
3Wa qondisana nezikulu zake ukuba ba vimbele amanzi emitombo e ngapandhle komuzi; nabo ba m siza.
4Kwa butana abantu abaningi, ba vimbela yonke imitombo, nomfula owa u hamba pakati kwezwe, be ti, Ku ngani ukuba ku fike amakosi a seAsiria, a tole amanzi amaningi na?
5Wa ziqinisa futi, wa vusa udonga lonke o lwapukile, lwa ze lwa fika ezinqabeni, nolunye udonga ngapandhle, wa vusa iMilo emzini ka Davida, wenza izinkande nezihlangu eziningi.
6Wa misa izinduna zempi pezu kwabantu, wa ba butela kuyena esitaladini ngasesangweni lomuzi, wa kuluma kahle kubona, e ti,
7Yibani namandhla ni me isibindi, ni ngesabi ni tutumele, ngenxa yenkosi yaseAsiria, nesixuku sonke esi nayo; ngokuba baningi kitina ku nayo;
8Kuyena ku kona umkono wenyama; kodwa kitina ku kona uJehova uTixo wetu, ukusisiza, nokulwa impi yetu, nabantu ba pumula kuwo amazwi ka Hezekia inkosi yakwaJuda.
9Ngasemva kwa loku uSenakeribi inkosi ya seAsiria wa tuma izinceku zake eJerusalema, (kodwa yena wa hlasela iLakisha, nabo bonke kanye naye,) wa tumela kuHezekia inkosi yakwaJuda, nakubo bonke abakwaJuda eli seJerusalema, wa ti,
10U ti uSenakeribi inkosi ya se Asiria, Netembani nina, ukuba ni me enqabeni ya seJerusalema na?
11uHezekia a ka ni yengi ukuba ni zi nikele ekufeni ngendhlala na? e ti, uJehova uTixo wetu u ya kusikipa esandhleni senkosi ya seAsiria na?
12Yena uHezekia lowo a ka zi susanga izindawo zake ezipakamileyo namalati ake na? e yaleza abaJuda naba seJerusalema, e ti, Ni ya ku dumisa ngapambi kwelati linye, ni tyise impepo pezu kwalo.
13A ni kwazi okwenziwe imina nobaba kubantu bezinye izizwe na? za zi namandhla izitixo za lezo zizwe ukukulula izwe labo esandhleni sami na?
14Kwa ku kona bani kuzo zonke izitixo za lezo zizwe e za qedwa obaba bami, o wa e nga kipa abantu bake esandhleni sami na? ukuze uTixo wenu a be namandhla uku ni kipa esandhleni sami na?
15Manje a ka nga ni kohlisi uHezekia, a ni yenge nga loku, ni nga m laleli; ngokuba akako uTixo wezizwe nemibuso o namandhla ukukulula abantu bake esandhleni sami, ne sa obaba bami; o wenu uTixo a nge ni kulule nakanye esandhleni sami.
16Nezinceku zake za m hleba futi uJehova uTixo, nenceku yake uHezekia.
17Wa loba futi izincwadi zoku m hleba uJehova uTixo ka Israeli, nezi kuluma ngaye, zi ti, Njengokuba izitixo zezinye izizwe zi nga ba kipanga abantu bazo esandhleni sami, njaloke uTixo ka Hezekia a nge ba kulule nabake.
18Ba memeza ngezwi elikulu ngolwimi lwabaJuda kubantu aba seJerusalema aba pezu kodonga, ukubetusa, noku ba hlupa; ukuze ba wu tate umuzi.
19Ba hleba uTixo weJerusalema, njengezitixo zabantu bomhlaba, ezi umsebenzi wezandhla zabantu.
20Na ngalokuke uHezekia inkosi, nomprofeti uIsaya indodana ka Amozi, ba tandaza ba kala ezulwini.
21uJehova wa tuma ingelosi, ya wa nquma onke amaqawe, nabaholi, nezinduna, ekamu lenkosi ya seAsiria. Naye wa buyela ezweni lake e jabile ebusweni. Lapo e fikile endhlini yesitixo sake, aba puma ematunjini ake ba m bulala ngenkemba.
22Njaloke uJehova wa m sindisa uHezekia naba seJerusalema esandhleni sika Senakeribi inkosi ya seAsiria, na sesandhleni sabo bonke abanye, wa ba hola kuko konke.
23Nabaningi ba leta izipo kuJehova eJerusalema, nezipo kuHezekia inkosi yabaJuda; wa ba mkulu ezizweni zonke ngasemva kwa loku.
24Ngalezozinsuku uHezekia wa gula kwangati u ya kufa, wa tandaza kuJehova; naye wa kuluma kuye, wa m nika isibonakaliso.
25Kodwa uHezekia a ka buyisanga okuhle okwenziwe kuyena; ngokuba inhliziyo yake ya i pakeme; ngako ulaka lwa ba pezu kwake, na pezu kweJuda neJerusalema.
26Noko uHezekia wa zitobisa enhliziyweni yake, yena naba seJerusalema, nolaka luka Jehova a lu fikanga pezu kwabo ezinsukwini zika Hezekia.
27uHezekia wa e nemfuyo eningi nodumo; wa zenzela amagugu esiliva, nawegolide, nawamatye amahle, nawamaka, nawezihlangu, namagugu onke amahle.
28Nezindhlu zokubeka umbila, newaini, namafuta; nezindhlu zezilwane zonke, nezindawana zezimvu.
29Wa zilungisela nemizi, nezindawo zemihlambi eminingi; ngokuba uTixo wa e m nikile okukulu.
30Yena lo uHezekia wa vimba o wa senhla utombo wamanzi a seGihoni, wa u qondisa ngasentyonalanga komuzi ka Davida. uHezekia wa busiswa kuzo zonke izenzo zake.
31Kodwa ngomsebenzi wezitunywa zamakosi a seBabulona, eza tuma kuyena ukubuza ngesimangaliso esenziwa ezweni, uTixo wa m shiya, ukuba a m linge, ukuba a bone konke oku senhliziyweni yake.
32Imisebenzi eminye ka Hezekia, nokulunga kwake, bheka, a i lotyiwe esibonisweni sika Isaya umprofeti, indodana ka Amozi, na sencwadini yamakosi a seJuda na seIsraeli.
33uHezekia wa lala nokoko bake ba m mbela kwelikulu ituna lamadodana ka Davida; nabo bonke aba Juda naba seJerusalema, ba m lilela ekufeni kwake, uManasa indodana yake wa busa esikundhleni sake.