1LAPO se ku pelile konke loku, abaIsraeli bonke aba be kona ba ngena emizini yakwa Juda, ba hlifiza izitombe, ba nquma amahlati, ba wisa pansi izindawo ezipakamileyo namalati eJuda nakwaBenjamini, na seEfraimi nakwa Manasa, ba ze ba zi bulala zonke. Ba buyake bonke abakwaIsraeli, ilowo endaweni yake, nasemzini wake.
2uHezekia wa misa abapristi namaLevi ngokuma kwabo; i lowo ko wake umsebenzi, abapristi namaLevi ba gcotyelwa imihlabelo etyiswayo ne yokutula, ukukonza, nokubonga, nokudumisa eminyangweni yezindhlu zika Jehova.
3Wa misa futi inxenye yemfuyo yenkosi eyokutyiswa, imihlabelo yakusasa na kusihlwa, ne yamasabata, ne yezinyanga ezintya, ne yokudhla okumisiweyo, njengokulotyiweyo emtetweni ka Jehova.
4Wa yaleza futi abantu aba hlezi eJerusalema ukuba ba nike abapristi namaLevi okwabo, ukuba ba be nesibindi emtetweni ka Jehova.
5Lapo leso siyalezo se si fikile kubona, abakwaIsraeli ba leta kakulu izitelo zakuqala zombila, newaini, namafuta, nezinyosi, na kuzo zonke izitelo zensimu; nenxenye yeshumi yako konke ba ku leta kakulu.
6NabakwaIsraeli noJuda, aba ba hlala emzini yakwa Juda, ba leta inxenye yeshumi yezinkabi nezimvu, nenxenye yeshumi yezinto ezi ingcwele eza zi nikwa uJehova uTixo wabo, ba ku beka konke ezinqwabeni.
7Ngenyanga yesitatu ba qala ukwenza isisekelo sezinqwaba, ba qeda ngenyanga yesikombisa.
8Lapo uHezekia nezikulu ba fika ba bona izinqwaba, ba dumisa uJehova, nabantu bake abaIsraeli.
9uHezekia wa kuluma kubapristi namaLevi ngazo izinqwaba.
10uAzaria induna yabapristi bendhlu ka Zadoki wa m pendula, wa ti, I loku abantu be qalile ukuleta izipo endhlini ka Jehova, si sutile, sa shiya nokuningi; ngokuba uJehova u ba busisile abantu bake; nokuseleyo ku i lenqwaba enkulu.
11uHezekia wa yaleza ukuba kwenziwe amakamelo endhlini ka Jehova; ba wenza.
12Ba zi ngenisa izipo, nezinxenye zamashumi, nokunikiweyo ngokulungileyo; uKononia umLevi wa ye umbusi pezu kwa loku noShimei umfo wabo wa m landela.
13uJehieli, noAzazia, noNahate, noAsaheli, noJerimote, noJozabade, noElieli, noIsmakia, noMahati, noBenaia, ba be ngabameli ngapansi kwesandhla sika Kononia noShimei umfo wabo, ngesiyalezo sika Hezekia inkosi, noAzaria umbusi wendhlu ka Tixo.
14uKore indodana ka Imna umLevi, umlindi wa ngasempumalanga, wa e pezu kwezipo zotando ku Tixo ukwahlukanisa izipo zika Jehova, noku ingcwele kakulu.
15Naye wa landelwa uEdene, noMiniamini, noJeshua, noShemaia, noAmaria, no Shekania, emizini yabapristi, emalawini abo, ukunika abafo wabo ngokuma kwabo, ku bakulu na kwabancane;
16Futi ngokuma kwesilisa, ku suke emnyakeni emitatu nangapezulu, na kubo bonke aba ngenayo endhlini ka Jehova, isabelo sake njalo ngosuku ngomsebenzi wake ngokuma kwabo.
17Na ngokuma kwabapristi ngendhlu ya oyise, namaLevi ku suke emnyakeni e ngamashumi amabili na ngapezulu, njengezilinganiso zabo;
18Na ngokuma kwezingane zonke zabo, nabafazi babo, namadodana abo, namadodakazi abo, kuso sonke isixuku; ngokuba emsebenzini wabo omiyo, ba zigcoba ngoku ingcwele.
19Namadodana ka Aroni abapristi, aba be semasimini ngapandhle kwemizi yabo, ku lowomuzi njalo, amadoda a e bizwe ngamagama abo, ukwabela sonke isilisa kubapristi, na kubo bonke aba balwa ngokuma kwabo kuwo amaLevi.
20Wenza loku uHezekia kulo lonke iJuda, wenza okuhle, nokulungileyo, neqiniso ngapambi kuka Jehova uTixo wake.
21Umsebenzi wonke a wu qalileyo enkonzweni yendhlu ka Tixo, na semtetweni, na kuzo izimemezelo, ukumfuna uTixo wake, wa wenza ngenhliziyo yonke yake, wa busiswa.