1USOLOMONA wa qalake ukuyaka indhlu ka Jehova eJerusalema entabeni iMoria, lapo uJehova wa zibonakalisa kuDavida uyise, kuyo indawo e ya lungiswa uDavida endaweni yokubula ka Ornani umJebusi.
2Wa qala ukwaka ngosuku lobubili lwenyanga yesibili, ngomnyaka wobune wokubusa kwake.
3I lezike izinto e za qondiswa uSolomona ekwakeni kwake indhlu ka Tixo. Ubude bamakubiti ngesilinganiso sakuqala sa si ngamakubiti a ngamashumi a isitupa, nobubanzi amakubiti a ngamashumi amabili.
4Novulanda o ngapambili kwendhlu ubude balo ba lingana nobubanzi bendhlu, amakubiti a ngamashumi amabili, nobude bu ikulu namashumi amabili; wa li nameka ngapakati ngegolide elihle.
5Nendhlu enkulu wa i peta ngomuti wefire, wa li xuba negolide elihle, wa beka kona imiti yomtemari namakatango.
6Wa hlobisa indhlu ngamatye a igugu, negolide la li igolide leParvaimi.
7Futi wa i nameka indhlu, izingongolo, nezinsika, nezindonga, neminyango, ngegolide; wa baza amakerubimi ezindongeni.
8Wenza indhlu e ingcwele kakulu, ubude bayo bu njenga ububanzi bendhlu, amakubiti a ngamashumi amabili, nobubanzi bu ngamakubiti a ngamashumi amabili; wa i nameka ngegolide elitya, inani li ngamatalenta a ngamashumi a isitupa.
9Nesikalo sezipikili sa si ngamashekeli a ngamashumi a isihlanu egolide. Wa nameka izindhlu zapezulu ngegolide.
10Nakuyo indhlu e ingcwele kakulu, wenza izitombe ezibili zamakerubimi, wa zi nameka ngegolide.
11Nezinhlangoti zamakerubimi za zi ngamakubiti a ngamashumi amabili ngobude, olunye uhlangoti lu ngamakubiti a isihlanu, lu fika odongeni lwendhlu; nolunye uhlangoti lwa lu njalo futi, lwa fika kolunye udonga.
12Nolunye uhlangoti lolunye udonga lwa ngamakubiti a isihlanu, lu fike odongeni lwendhlu; nolunye lu njalo futi, lwa hlangana nolunye uhlangoti lolunye udonga.
13Ukwanda kwazo lezinhlangoti zamakerubimi kwa ku ngamakubiti a ngamashumi amabili; zema ngezinyawo zazo, ubuso bu pakati.
14Neveli wa lenza laba luhlaza, nokubomvu, nokubomvu kakulu, nendwangu enhle, wenza namakerubimi kona.
15Wenza futi ngapambi kwendhlu izinsika ezibili, ubude bazo bu ngamakubiti a ngamashumi amatatu nesihlanu, nezihlokwana ezi ngapezu kwazo zi ngamakubiti a isihlanu.
16Wenza namakatango, wa wa beka pezu kwamakanda ezinsika; wenza namarimoni a ikulu wa wa beka pezu kwamakatango.
17Wa vusa lezo nsika ngapambi kwetempeli, enye ngalapa, nenye ngalapa; e ya ngasesokunene wa i biza ngokuti uJakini, ne ya ngasokohlo uBoazi.