ISAHLUKO 27
1UJOTAMU wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu, wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nesitupa. Igama lika nina la li nguJerusha, indodakazi ka Zadoki.
2Wenza okulungileyo emehlweni ka Jehova, njengokwenza konke kuka Uzia uyise; kodwa a ka ngenanga endhlini ka Jehova. Nabantu benza okubi.
3Waka umnyango opakamileyo wendhlu ka Jehova, na ngapezu kodonga lweOfeli waka kakulu.
4Waka nemizi eminingi ezintabeni zakwa Juda, nasemahlatini waka izindhlu nezinqaba.
5Wa lwa futi nenkosi yabakwaAmoni, wa ba hlula. NabakwaAmoni ba m nika nga lowo mnyaka amatalenta a ikulu esiliva, nezilinganiso ezi izinkulungwane ezi ishumi zika kolweni, nezebarle. NabakwaAmoni ba m nika loko, ngomnyaka wobubili, no wobutatu.
6Ngako uJotamu wa ba mkulu, ngokuba wa zi lungisela izindhlela zake ngoJehova uTixo wake.
7Manjeke ezinye izenzo zika Jotamu nokulwa konke kwake, nezindhlela zake, bheka zi lotyiwe encwadini yamakosi aka Israeli noJuda.
8Wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu, wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nesitupa.
9uJotamu wa lala nokoko bake, ba m mbela emzini ka Davida; noAhazi indodana yake ya busa endaweni yake.
Bible Society of South Africa 1893